Ukungathembeki Kugcwele Yonke Indawo!
UDannya usebenzela inkampani enkulu yezentengiselwano eHong Kong. Lapho evakashele enye imboni eyayihlongoza ukudayisela inkampani yakhe imikhiqizo yayo, waveza ukukhathazeka kwakhe ngokuthi le mboni yayizokwazi yini ukufinyelela izinga lemikhiqizo efunwa inkampani ayisebenzelayo. Kamuva lapho sebejabulela isidlo, umphathi wale mboni wamnika imvilophu. Kule mvilophu, uDanny wathola isifumbathiso semali engamashumi ezinkulungwane zamaRandi—imali elingana nomholo wakhe wonyaka.
● Lokho okwenzeka kuDanny akuyona neze into engavamile. Emhlabeni jikelele, izinga lokwanda kokungethembeki liyamangalisa. Ngokwesibonelo, izincwadi zasenkantolo zibonisa ukuthi phakathi no-2001 kuya ku-2007, inkampani enkulu yaseJalimane yakhokha amaRandi angaba ngu-R9 940 000 000 ifumbathisa abathile ukuze ithole izivumelwano zemisebenzi.
Nakuba kuye kwaba nezinguquko ezithile ngenxa yamacala amakhulu enkohlakalo, isimo sibonakala siba sibi kakhulu. Ucwaningo lwango-2010 olwenziwa yi-Transparency International lwathola ukuthi emhlabeni wonke, “amazinga enkohlakalo aye anda eminyakeni emithathu edlule.”
Kungani kunokungethembeki okungaka? Ingabe kunengqondo ukuba qotho? Uma kunjalo, kungenzeka kanjani? Ingabe iBhayibheli lingasisiza?
[Umbhalo waphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.