Akukephuzi Ukuba Ube Umngane KaNkulunkulu
Njengoba ilandiswa ngu-Olavi J. Mattila
“Ingabe wake walicabanga iqiniso lokuthi ungaluthola ulwazi olunembile ngoMdali?” Omunye woFakazi BakaJehova wangibuza lowo mbuzo, futhi wangenza ngacabanga kanzulu. Ngaleso sikhathi ngase ngineminyaka engaphezu kuka-80 futhi ngase ngazane nabantu abaningi abavelele, ngisho nabaholi bezombangazwe. Nokho, ingabe kuleso sikhathi sokuphila kwami ngangingase ngimazi ngempela uNkulunkulu futhi ngibe umngane wakhe?
NGAZALWA ngo-October 1918 eHyvinkää, eFinland. Ngaqala ngisemncane ukwenza imisebenzi ehlukahlukene yasepulazini lakithi. Umkhaya wakithi wawufuye izinkomo, amahhashi, izinkukhu namahansi. Ngafunda ukusebenza kanzima nokuzigqaja ngomsebenzi wami.
Njengoba ngikhula, abazali bami bangikhuthaza ukuba ngiphishekele imfundo. Ngakho lapho sengikhule ngokwanele, ngahamba ekhaya ngayofunda ekolishi. Ngahileleka nakwezemidlalo futhi ngajwayelana nosihlalo weFinnish Athletic Association, u-Urho Kekkonen. Ngangingacabangi ukuthi uMnu. Kekkonen wayeyoba undunankulu waseFinland ngolunye usuku nokuthi kamuva wayeyoba umongameli, izikhundla aba kuzo iminyaka engu-30. Ngaphezu kwalokho, ngangingacabangi ukuthi uyoba nethonya elingakanani ekuphileni kwami.
Ukuphila Njengomuntu Ovelele Nonegunya
Ngo-1939, kwaba nobutha phakathi kweFinland neSoviet Union. Ngo-November walowo nyaka, ngabuthelwa empini. Ngaqale ngaba umqeqeshi ophikweni lwabasaqeqeshwa kwathi kamuva ngaba umkhuzi webutho elisebenzisa izibhamu ezingontuluntulu. Inkundla yempi kwakuyiKarelia, indawo esemngceleni ophakathi kweFinland neSoviet Union. Ehlobo lango-1941, lapho ngisempini edolobheni laseVyborg, ngalimala kabi kakhulu lapho kuqhuma ibhomu futhi ngayiswa esibhedlela samasosha. Amanxeba engawathola enza ngangabe ngisakwazi ukuphinde ngilwe.
Ngo-September 1944, ngakhululwa ebusosheni ngabe sengiphindela ekolishi. Ngaqhubeka futhi nezemidlalo. Ngaba umpetha wezwe amahlandla amathathu, izikhathi ezimbili ngaba umpetha emdlalweni wokugijima kunikezelwana izinduku kanti kwaba kanye ekugijimeni kweqiwe izinto ezibekwe phambi kwabagijimi. Ngathola neziqu zaseyunivesithi kwezobuchwepheshe nakwezomnotho.
Ngaleso sikhathi, u-Urho Kekkonen wayesebe umuntu ovelele kwezombangazwe. Ngo-1952, ngesikhathi engundunankulu, wangicela ukuba ngiyosebenza njengenxusa eChina. Ngenkathi ngilapho, ngahlangana nezikhulu eziningana zikahulumeni kuhlanganise noMao Tse-tung, owayengumholi waseChina ngaleso sikhathi. Nokho, umuntu obaluleke kakhulu kwengahlangana nabo eChina intombi ethandekayo, u-Annikki, eyayisebenza eMnyangweni Wezindaba Zangaphandle WaseFinland. Ngo-November 1956 waba umkami.
Ngonyaka olandelayo, ngashintshelwa ehhovisi lenxusa laseFinland e-Argentina. Ngenkathi sisekulelo zwe, sathola izingane zethu zokuqala, amadodana amabili. Ngo-January 1960, ngabuyela eFinland. Ngemva nje kwalokho, sathola ingane yethu yesithathu, intombazane.
Ezikhundleni Eziphakeme Zikahulumeni
Nakuba ngangingakaze ngibe yilungu leqembu lezombangazwe, ngo-November 1963, uMongameli uKekkonen wangicela ukuba ngibe ungqongqoshe wezokuhwebelana namanye amazwe. Phakathi neminyaka engu-12 eyalandela, ngathola izikhundla eziyisithupha kuhulumeni, phakathi nale nkathi ngaba ungqongqoshe wezangaphandle izikhathi ezimbili. Ngalezo zinsuku ngangikholelwa ngokuqinile ukuthi ukukhalipha kwabantu kungazixazulula izinkinga zomhlaba. Kodwa ngokushesha ngakuqaphela ngokugcwele ukuhahela komuntu igunya. Ngazibonela ngawami imiphumela elimazayo yokungethembani nomhawu.—UmShumayeli 8:9.
Ngabona nokuthi kunabantu abaningi abazama ngobuqotho ukuthuthukisa izinto. Nokho, ekugcineni ngisho nabaholi abanezinhloso ezinhle kakhulu bayehluleka ukufinyelela imigomo yabo.
Ehlobo lika-1975, abaholi bamazwe angu-35 beza eHelsinki bezobamba ingqungquthela yokuLondeka Nokubambisana EYurophu. Ngaleso sikhathi ngangiwungqongqoshe wezangaphandle futhi ngingumeluleki oseduze kaMongameli uKekkonen. Nganikwa umthwalo wokwenza amalungiselelo ale ngqungquthela futhi ngahlangana nabo bonke abaholi bamazwe ababeze kuyo.
Phakathi nalezo zinsuku ezimbalwa, amakhono ami okuba yinxusa avivinywa ngokuphelele. Ukunxenxa amalungu nje ukuba ahlale ngendlela eyayihleliwe kwakuyinselele! Noma kunjalo, ngaba nomuzwa wokuthi le ngqungquthela kanye nohide lweminye imihlangano eyalandela, kwaba negalelo ekuthuthukisweni kwamalungelo esintu nobudlelwano obunokubekezelelana phakathi kwamazwe anamandla.
Ukuqaphela Isidingo Sami Esingokomoya
Ngo-1983, ngathatha umhlalaphansi futhi ngathuthela eFrance lapho kwakuhlala khona indodakazi yami. Kwabe sekugadla inhlekelele. Ngo-November 1994, kwatholakala ukuthi u-Annikki unomdlavuza webele. Ngawo lowo nyaka ngazithola sengingene ohlelweni lokutshala izimali okwatholakala ukuthi olomgunyathi. Ngangisebenze kanzima ukuphila kwami konke ukuze ngilondoloze idumela elihle. Kodwa leli phutha elilodwa ekwahluleleni lalingcolisa idumela lami.
Ngangilokhu ngihlangana noFakazi BakaJehova ekuphileni kwami. Nakuba ngangikwazisa ukusihambela kwabo futhi ngibamukela omagazini, ngangimatasa kakhulu futhi ngingenaso isikhathi sezinto ezingokomoya. Kodwa, ngonyaka ka-2000, ngase nginakekela u-Annikki, owayesashikashikana nomdlavuza. Ngolunye usuku ngo-September 2002, ngavakashelwa omunye woFakazi BakaJehova. Wabuza umbuzo osekuqaleni kwalesi sihloko. Ngazibuza: ‘Kungenzeka ngempela yini ukufunda iqiniso ngoNkulunkulu? Kungenzeka yini ukuba ngibe umngane wakhe?’ Ngavundulula iBhayibheli lami elase lilele uthuli futhi ngaqala ukuba nezingxoxo eziqhubekayo ezingokomBhalo noFakazi.
Ngo-June 2004, umkami othandekayo washona futhi ngase ngisele ngedwa. Yiqiniso, izingane zami zangisekela ngokomzwelo. Kodwa ngangisenemibuzo mayelana nokuthi kwenzekani kithi lapho sifa. Ngabuza abapristi ababili baseLuthela ngale ndaba. Impendulo yabo yamane yathi, “Hhayi, lena imibuzo enzima.” Impendulo yabo ayizange ingigculise. Ngaziphawula nakakhulu izidingo zami ezingokomoya.
Njengoba ngangiqhubeka nokutadisha iBhayibheli noFakazi, ulwazi lwami olunembile engangilulangazelela lwathuthuka. Ngokwesibonelo, iBhayibheli liyachaza ukuthi ukufa kuyisimo sokungazi lutho, njengokulala ubuthongo, nokuthi abafile banethemba lokuphinde baphile njengabantu emhlabeni. (Johane 11:25) Lokhu kwanginika ithemba futhi kwangiduduza kakhulu.
Ngokushesha ngabe sengilifunde lonke iBhayibheli. Omunye umBhalo owangijabulisa okaMika 6:8, othi: “Yini uJehova ayicela kuwe ngaphandle kokuba ubonise ubulungisa, uthande umusa futhi ube nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu wakho?” Ukuhlakanipha nokuba lula kwale nkulumo kwangikhanga. Kwembula nokuthi uJehova uNkulunkulu ungumuntu onothando nobulungisa kangakanani.
Ithemba Ngekusasa
Njengoba ngifunda iqiniso ngoNkulunkulu, ukholo lwami nokumethemba kwami kwakhula. Kwakwakheka ubungane bangempela phakathi kwami noMdali wami! Ngawathanda amazwi akhe alotshwe ku-Isaya 55:11: “Liyoba njalo nezwi lami eliphuma emlonyeni wami. Ngeke libuyele kimi lingabanga namiphumela, kodwa ngokuqinisekile liyokwenza lokho engikujabulelayo, futhi liyophumelela ngokuqinisekile kulokho engilithumele kona.” Ngempela, uNkulunkulu uye wenza ngokuvumelana nesithembiso sakhe futhi uyokwenza kanjalo nasesikhathini esizayo. Uyogcwalisa umgomo ohulumeni babantu nezingqungquthela zabo zezombangazwe okwehlulekile ukuwufinyelela. Ngokwesibonelo, iHubo 46:9 lithi: “Uqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba.”
Ngiye ngazuza kakhulu ngokuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Lapho, ngiye ngazibonela ngokoqobo uthando lobuKristu olungenabuzenzisi oluwuphawu lwabalandeli bakaJesu beqiniso. (Johane 13:35) Lolu thando lweqela ngale kobuzwe futhi alwaziwa kwezombangazwe nakwezentengiselwano.
Ilungelo Eliyigugu Kakhulu
Manje sengineminyaka engaphezu kuka-90 futhi ukuba omunye woFakazi BakaJehova ngikubheka njengelungelo elikhulu kunawo wonke engake ngaba nawo. Ukunxanwa kwami okungokomoya kwanelisiwe. Ngibe nelungelo lokufunda ngenjongo yokuphila neqiniso ngoNkulunkulu.
Ngiyajabula nangokuthi ngisho sengimdala kangaka ngisakwazi ukuhlanganyela ngokugcwele emisebenzini yobuKristu. Nakuba ngiye ngahlangana nabantu abaningi abanegunya futhi ngathwala imithwalo esindayo ekuphileni kwami, akukho okungaqhathaniswa nelungelo lokwazi uMdali, uJehova uNkulunkulu, nokuba umngane wakhe. Ngimbonga kakhulu futhi ngifuna ukumdumisa ngethuba anginike lona lokuba omunye ‘wezisebenzi ezikanye naye.’ (1 Korinte 3:9) Akukephuzi kakhulu ukuba ube umngane woMdali, uJehova uNkulunkulu!
[Isithombe ekhasini 25]
NginoMongameli uKekkonen noMongamele wase-U.S. uFord engqungqutheleni yango-1975 eHelsinki
[Isithombe ekhasini 25]
NginoMongameli uKekkonen nomholi waseSoviet uBrezhnev
[Isithombe ekhasini 26]
Ngihlanganyela ngokugcwele enkonzweni yobuKristu
[Imithombo Yesithombe ekhasini 25]
Lower left: Ensio Ilmonen/Lehtikuva; lower right: Esa Pyysalo/Lehtikuva