Bayalwazisa Uthando LukaNkulunkulu
● UJesu wasifundisa ukuba silwazise uthando lukaNkulunkulu. Wathi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa [uJesu], ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Uthando uNkulunkulu analo ngathi nethemba elijabulisayo elitholakala ngenxa yesipho seNdodana yakhe kugcizelelwa yincwadi ethi Sondela KuJehova.
Owesifazane waseFlorida, e-U.S.A., wabhala: “Ngemva kokufunda isahluko 5, ngakhexa ngenxa yothando lukaJehova, ukuhlakanipha kwakhe namandla akhe amakhulu. Njengoba ngizindla ngendalo yakhe, inhliziyo yami yagcwala uthando ngisho nangokwengeziwe ngaye.” Owesifazane waseNingizimu yeDakota, e-U.S.A., wachaza: “Sekuyiminyaka engaphezu kuka-30 ngikuthola kunzima ukubonisa uthando (noma ukuzizwa ngithandwa). Ayikho incwadi engisiza njengale.”
Incwadi enamakhasi angu-320 ethi Sondela KuJehova, ikhuluma ngezimfanelo zikaNkulunkulu eziyinhloko, amandla, ubulungisa, ukuhlakanipha nothando. Ungacela ikhophi yale ncwadi ngokugcwalisa isigqebhezana esingezansi bese usithumela ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ikhophi yencwadi eboniswe lapha.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.