Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 1/12 kk. 6-7
  • Ubuqotho Buyazuzisa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubuqotho Buyazuzisa
  • I-Phaphama!—2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubaluleka Kokwethenjwa
  • Gwema Izingozi Eziwubuwula
  • Ukubhekana Nezinselele Zomnotho
  • Thembeka Ezintweni Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Ingcindezi Yokuba Ungathembeki
    I-Phaphama!—2012
  • Thembeka Ezintweni Zonke
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Ingabe Ukwethembeka Kuyabuyisela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 1/12 kk. 6-7

Ubuqotho Buyazuzisa

“Isinkwa esizuzwe ngamanga simnandi kumuntu, kodwa kamuva umlomo wakhe uyogcwala uhlalwane.”—IzAga 20:17.

INGABE kudingeka ungathembeki ukuze uphumelele kwezebhizinisi? Impendulo ithi, cha. Empeleni, ezikhathini eziningi ukungathembeki kuwukuzilimaza. Kungani? Kungenxa yalokho okuye kwabizwa ngokuthi “inzuzo yokwethembeka.” Ukwethembeka kubangela ukwethenjwa, into ebalulekile ekuphumeleleni okuhlala njalo.

Ukubaluleka Kokwethenjwa

Idumela lakho lokuba oqotho linomthelela empumelelweni yakho—kungakhathaliseki ukuthi uyakuqaphela lokho noma cha. Okuhlangenwe nakho kukaFranz, ocashunwe esihlokweni esandulele, kubonisa lokhu. Uthi: “Lapho ngiqala ukusebenzela abaqashi bami, bangihlola ukuthi ngiqotho kangakanani ngezivivinyo eziningi nakuba mina ngangingazi. Njengoba ngatshelwa kamuva, ngaziphumelela lezo zivivinyo. Ngenxa yalokho, ngiye nganikwa imithwalo nenkululeko eyengeziwe futhi abanikazi benkampani baye bangiklomelisa ngokwethembeka kwami. Ngiyazi ukuthi kunabanye abantu abangawenza kangcono umsebenzi engiwenzayo futhi abahlakaniphe kakhulu kunami. Kodwa, ngicabanga ukuthi umsebenzi wami uye walondeka ngenxa yokuthi bayangethemba abaqashi bami.”

Gwema Izingozi Eziwubuwula

UDavid, usomabhizinisi ocashunwe esihlokweni esandulele, uyaphawula: “Njengoba ngangibuka abathile bephula imithetho ukuze baphumelele okwesikhashana, ngacabanga, ‘Ngesinye isikhathi imali yomsebenzi owenziwe ayifiki ngokushesha, kodwa igcina ifikile.’ Ngamanye amazwi, ekugcineni ukungathembeki kuyoletha izinkinga ngandlela-thile. Maningi amathuba asolisayo okuthola ibhizinisi esiye sawenqaba. Izinkampani eziningi ezenza lezi zinto ekugcineni ziyanyamalala, futhi abanye bashushiswa enkantolo. Inkampani yethu yazigwema izinhlekelele ezinjengalezi.”

Lapho evula ipulazi lezinkomo eningizimu mpumalanga ye-Afrika, uKen wayengalingeka ukuba afumbathise izikhulu zombuso ukuze asheshise inqubo yokwamukela impahla evela ngaphandle kwezwe futhi agweme ukukhokha intela. Uthi: “Abanikazi bamapulazi abaningi bangena kulo mkhuba osuvamile. Ngenxa yokuthi sasenza izinto ngokwethembeka, kwasithatha iminyaka eyishumi ukuthola yonke into esasiyidinga epulazini lethu. Ingabe kwasizuzisa lokho? Yebo! Labo ababefumbathisa izikhulu zombuso babehlale behlushwa yilezi zikhulu ezikhohlakele zifuna inkokhelo eyengeziwe.”

Ukubhekana Nezinselele Zomnotho

Lapho usomabhizinisi odonsa kanzima ebhekene nokuwa, kuba kukhulu ukucindezelwa kokuba enze ngokungathembeki. Kodwa, izimo ezinjalo zingembula izinzuzo zokuba nedumela lokwethembeka.

Cabanga ngesibonelo sikaBill, ibhizinisi lakhe elawa lapho kushintsha isimo embonini yokwakha izindlu e-United States. Uyalandisa: “Iningi lamakhasimende ethu amakhulu lawelwa amabhizinisi lisikweleta amakhulu ezinkulungwane zamaRandi. Lapho izinto ziqala ukungahambi kahle, ngaya enkampanini eyayenza umsebenzi ofana nowethu ukuze ngizwe ukuthi bakhona yini eyayingabaqasha phakathi kwethu. Kungakapheli ngisho amahora angu-48 siqale ukuxoxa, bavuma ukungiqasha kuhlanganise neningi labanye ababengisebenzela. Ngatshelwa ukuthi idumela lami lokwenza umsebenzi ngokwethembeka laziwa kakhulu.”

Bonke abantu okukhulunywe ngabo kulesi sihloko bangoFakazi BakaJehova. Izindinganiso zabo kwezebhizinisi, njengazo zonke izici zokuphila kwabo, zisekelwe eBhayibhelini. Njengoba ungase ubone, kunokuba bulimaze impumelelo yabo kwezebhizinisi, ubuqotho babo babazuzisa kakhulu.

Kodwa, ziyohlale zikhona izimo lapho ukungathembeki kubonakala kuletha izinzuzo. Ingabe izinzuzo ngokwezimali yizona kuphela okulinganiswa ngazo impumelelo?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]

Idumela lakho lokuba oqotho linomthelela empumelelweni yakho—kungakhathaliseki ukuthi uyakuqaphela lokho noma cha

[Isithombe ekhasini 7]

“Ngatshelwa ukuthi idumela lami lokwenza umsebenzi ngokwethembeka laziwa kakhulu.”—UBill, e-United States

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela