Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/12 kk. 2-4
  • Okujabulisayo Ngosuku Lwembubhiso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okujabulisayo Ngosuku Lwembubhiso
  • I-Phaphama!—2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2012
  • Ososayensi Bahambisa Isikhathi EWashini Lembubhiso—Lithini IBhayibheli?
    Izihloko Ezengeziwe
  • Usengalungiseka Yini Umhlaba Noma Cha?
    I-Phaphama!—2017
  • Ingabe Ukuphela Kwezwe Kuseduze?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 9/12 kk. 2-4

Okujabulisayo Ngosuku Lwembubhiso

INGABE uyakhathazeka lapho ucabanga ngekusasa? Uma kunjalo, awuwedwa. Kusukela ezikhathini zasendulo, abantu bebelokhu beqagula izinto ezizayo, futhi abaningi baphethe ngokuthi isiphetho asisihle neze. Usuku lwembubhiso (doomsday) noma ukuphela kwezwe, belulokhu luyinto evusa ilukuluku nebathakazelisayo abantu.

Ngokwesibonelo, ake ucabange ngenganekwane yamuva. Osomahlaya, ithelevishini, amakhulu amabhayisikobho kanye nezinkulungwane zezincwadi kukhuluma ngezinganekwane eziphathelene nembubhiso ezayo. Kubonakala sengathi ziningi izinto ezilungele ukugadla futhi zibhubhise abantu—njengamarobhothi abulalayo, izinunu ezinhlobonhlobo, izidalwa ezivela emkhathini, izipoki, odrako, izimfene, izinyoni, amagundane asabekayo neminyovu emikhulu. Akekho ngempela umuntu ozikholelwayo lezi zinto!

Yiqiniso, ezinye izindaba nemibono kwenza abanye abantu babe novalo ngempela. Eminye yale mibono bathi ingokwesayensi. Omunye umbono ubikezela ukuthi ungqimba oluwuqweqwe lomhlaba luyonyakaza kakhulu futhi lokho kubangele ama-tsunami amakhulu, ukuzamazama komhlaba nezintaba-mlilo. Omunye uthi amaplanethi ayovele aqondane futhi lokhu kubangele ukuba izinhlayiya ezinamandla kagesi ezikhishwa yilanga zibe namandla kakhulu bese zibhubhisa umhlaba. Omunye uthi izingxenye zomhlaba ezinamandla kazibuthe ziyobuyela emuva futhi zibangele ukuba imisebe eyingozi evela elangeni isibulale sonke. Ungakhathazeki. Lezi zinto ngeke zenzeke. Noma kunjalo, abantu abaningi bayaqhubeka becabanga ngazo.

Kuthiwani ngentilibathwa yezincwadi nezingosi ezibikezela ukuthi umhlaba uyophela ngo-December 21 kulo nyaka? Enye ithi iplanethi okuthiwa iNibiru (noma iPlanethi engu-X) isemzileni ozokwenza ishayisane nomhlaba nokuthi izofika lapha ngo-December 2012. Lo mbono kanye neminye engasekelwa amaqiniso isekelwe ezincazelweni zekhalenda lasendulo lamaMaya, ngokwemibono yabanye eliphela ebusika ngo-December 2012.

Beshukunyiswa yizibikezelo ezinjalo zezinhlekelele, abanye baye bakha izindawo zokukhosela emagcekeni abo noma bangena ezindlekweni ukuze baqashe izindawo ezingaphansi komhlaba. Abanye baye bathuthela ezintabeni futhi bazincisha izinto, baphila ngaphandle kwezidingo ezibalulekile emphakathini, njengamanzi noma ugesi.

Yiqiniso, kunalabo abangazikholelwa zonke lezi zinto. Bayawugxeka umbono wokuthi ukuphela kwezwe sekuseduze kakhulu. Ngokwesibonelo, ososayensi eNASA, bathi: “Ayikho into embi eyokwehlela uMhlaba ngo-2012. Iplanethi yethu ibilokhu ihamba kahle kakhulu iminyaka engaphezu kwezinkulungwane zezigidi ezine futhi ososayensi emhlabeni jikelele bayazi ukuthi ayikho into ezokwenzeka kuwo ngo-2012.”

Nokho, kungaba iphutha ukuphetha ngokuthi isintu asibhekene nengozi noma ukuthi ophoshozwayo kuphela abakholelwa ukuthi usuku lwembubhiso aluyona nje inganekwane noma iphupho. Ingabe usuku lwembubhiso luyofika ngempela? Uma kunjalo, nini futhi kanjani?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela