Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 1/13 kk. 12-13
  • Ukuvakashela ECameroon

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuvakashela ECameroon
  • I-Phaphama!—2013
I-Phaphama!—2013
g 1/13 kk. 12-13
[Isithombe ekhasini 12]

AMAZWE NABANTU

Ukuvakashela ECameroon

[Amabalazwe ekhasini 12]

AMABAKA—aziwa nangokuthi amaPygmie—cishe angabantu bokuqala abazinza eCameroon. Kwabe sekuthi ngawo-1500, kwafika amaPutukezi. Emakhulwini ambalwa eminyaka ngemva kwalokho, amaFulani—abantu abangamaSulumane—anqoba inyakatho yeCameroon. Namuhla, izakhamuzi zaseCameroon ezingamaphesenti angu-40 zizibiza ngamaKristu, ezingamaphesenti angu-20 zingamaSulumane kanti amanye amaphesenti angu-40 asezinkolweni zomdabu zase-Afrika.

[Isithombe ekhasini 13]

OFakazi BakaJehova baye banyathelisa izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ngesiBassa, ulimi olukhulunywa eCameroon

Abantu abahlala emaphandleni aseCameroon baziwa ngomoya wokungenisa izihambi. Izihambi ziyabingelelwa bese zingeniswa endlini, lapho zinikwa khona amanzi nokudla. Ukwenqaba lezi zenzo zomusa zomninikhaya kubhekwa njengokwedelela, kanti ukuzamukela kuwukumbonisa udumo.

Ingxoxo iqala ngokubingelela amalungu omkhaya bese uwabuza impilo. Kuyisiko nokubuza ukuthi injani imfuyo! UJoseph, ongowomdabu waseCameroon, uthi: “Uma isivakashi sesihamba, akwanele ukuba kuvele kuvaleliswane nje. Ngokuvamile, ovakashelwe uyasiphelekezela isivakashi futhi baqhubeke bexoxa. Ngemva kwebangana, obevakashelwe ube esevalelisa abese ephindela ekhaya. Isivakashi esingaphathwa ngale ndlela singase sizizwe singathandwa.”

[Isithombe ekhasini 13]

Izikebhe zokhuni ezigwedlwayo zivamile eMfuleni iSanaga. Oseyili benziwa nganoma yini etholakalayo

Lapho kudliwa, ngezinye izikhathi iqembu labangane lidlela esitsheni esisodwa—futhi kokunye lidla ngezandla. ECameroon, leli siko liwuphawu olunamandla olubonisa ubunye. Eqinisweni, ngezinye izikhathi liye lasetshenziselwa ukuvuselela ubuhlobo babantu ababengabangane. Ngomqondo othile, ukudla ndawonye kuyindlela yokuthi, “Sesiphinde saba nokuthula.”

[Isithombe ekhasini 13]

OFakazi BakaJehova, abanyathelisi balo magazini, bahlelwe ngamabandla angaphezu kuka-300 eCameroon futhi baqhuba izifundo zeBhayibheli ezingaba ngu-65 000 kulelo zwe

AMAZWIBELA

[Isithombe ekhasini 13]

Ubude beningi labantu abadala abangamaPygmie buphakathi kwamamitha angu-1,2 nangu-1,42

  • Inani Labantu: Balinganiselwa ezigidini ezingu-20

  • Inhloko-dolobha: IYaoundé

  • Isimo Sezulu: Liyashisa futhi lomisile engxenyeni esenyakatho, liswakeme engxenyeni engasogwini

  • Imikhiqizo Ethunyelwa Kwamanye Amazwe: Uwoyela, ukhokho, ikhofi, ukotini, ukhuni, i-aluminum

  • Izilimi Ezikhulunywayo: IsiNgisi nesiFulentshi, kanye nezinye izilimi zomdabu nezezigodi ezingaba ngu-270

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela