Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Kungani Sithenga?
    I-Phaphama!—2013 | Juni
    • ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI: INGABE SITHENGA NGOKWEQILE?

      Kungani Sithenga?

      Lapho kwenziwa ucwaningo lwembulunga yonke olwakhishwa ngo-2012, ingxenye kulabo okwakhulunywa nabo yavuma ukuthi ike yazithenga izinto engazidingi ngempela. Abayizingxenye ezimbili kwezintathu bakhathazwa ukuthi abathengi bathenga ngokweqile. Ukukhathazeka okunjalo kungase kube nengqondo. Iningi labathengi liye lacwila ezikweletini. Abacwaningi bathi ukuthenga kakhulu kungasenza sicindezeleke kakhulu futhi singajabuli kunokuba kusenze saneliseke ngokwengeziwe! Khona-ke, kungani sithenga kakhulu kangaka?

      NJENGABATHENGI, sihlale sithola inqwaba yezikhangiso. Uyini umgomo wabakhangisi? Ukwenza izinto esizifunayo zibonakale ziyizinto esizidingayo. Abakhangisi bayazi ukuthi ukuziphatha kwabathengi kulawulwa kakhulu umzwelo. Ngakho izikhangiso nezindawo zokuthenga zihlelwe ngendlela ekhanga kakhulu.

      Incwadi ethi Why People Buy Things They Don’t Need, ithi: “Lapho ehlela ukuthenga okuthile, umthengi uqala ngokuphupha eyibheka leyo nto, eyithola, abese eyenza ibe ngeyakhe.” Ezinye izazi zisola ukuthi abathengi bangase babe nelikhulu isasasa lapho bethenga. UJim Pooler oyisazi kwezokudayisa uyachaza: “Uma umdayisi ebona ukuthi umthengi ugcwele isasasa futhi ikhono lakhe lokwahlulela libuthaka, angasizakala ngalokho abese ekusebenzisa kabi.”

      Ungazivikela kanjani ekubeni isisulu sabakhangisi abangamaqili? Ungalawulwa imizwelo, futhi qhathanisa izithembiso zabakhangisi nalokho okungamaqiniso.

      ISITHEMBISO: “Thuthukisa Izinga Lokuphila Kwakho”

      Kungokwemvelo ukufuna ukuphila okungcono. Abakhangisi basifuhlela ngenqwaba yemiyalezo yokuthi zonke izifiso zethu—impilo engcono, ukulondeka, ukuphela kokucindezeleka nobuhlobo obuseduze—zingagcwaliseka ngokuthenga izinto ezifanele.

      UKUBHEKANA NAMAQINISO:

      Lapho izinto esinazo zanda, izinga lokuphila kwethu empeleni liyehla. Sidinga isikhathi nemali eyengeziwe ukuze sinakekele inqwaba yezinto esinazo. Izinga lokucindezeleka liyenyuka ngenxa yokucindezelwa izikweletu, kanti isikhathi sokuba nomkhaya nabangane siyancipha.

      Njengoba izinto esinazo zanda, izinga lokuphila kwethu empeleni lingehla

      Isimiso: “Ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.”—Luka 12:15.

      ISITHEMBISO: “Zenzele Igama”

      Bambalwa abantu abayovuma ukuthi bathenga izinto ukuze bahlabe abanye umxhwele. Nokho, uJim Pooler uyaphawula: “Lapho abantu bethenga, isici esivelele kakhulu kulokho ukuthi bancintisana nabangane, omakhelwane, abantu abasebenza nabo nezihlobo.” Ngenxa yalokhu, izikhangiso zivame ukubonisa imikhiqizo isetshenziswa abantu abaphumelelayo, abadla izambane likapondo. Umyalezo odluliselwa izikhangiso ezinjalo uthi: “Kungaba nguwe lo!”

      UKUBHEKANA NAMAQINISO:

      Ukuzama ukuveza ukubaluleka kwethu ngokuziqhathanisa nabanye kudala ukunganeliseki okungapheli. Lapho sesikutholile okuthile ebesikufisa, ngokushesha sibe sesigxila kokunye esikufisayo.

      Isimiso: “Umthandi wesiliva nje ngeke aneliseke ngesiliva.”—UmShumayeli 5:10.

      ISITHEMBISO: “Zibonakalise Ukuthi Ungubani”

      Incwadi ethi Shiny Objects iyachaza: “Sivame ukutshela abantu ukuthi singobani (noma singathanda ukuba obani) ngendlela esisebenzisa futhi sibukise ngayo ngezinto esinazo.” Abakhangisi bayakwazi lokhu futhi basebenzela ekutheni bahlobanise imikhiqizo ethile—ikakhulukazi leyo ewubukhazikhazi—nezindlela ezithile zokuphila nezokuziphatha.

      Wena uzibheka kanjani, futhi ungathanda ukuba abanye bakubheke kanjani? Njengomuntu wemfashini? Wezemidlalo? Kungakhathaliseki ukuthi ufuna ukubhekwa kanjani, abathengisi bathembisa ukuthi uma uthenga umkhiqizo ofanele, ungaba uhlobo lomuntu ofisa ukuba yilo.

      UKUBHEKANA NAMAQINISO:

      Awukho umkhiqizo esingawuthenga ongashintsha lokho esiyikho ngempela noma usenze sibe nezimfanelo ezifiselekayo, njengokwethembeka nobuqotho.

      Isimiso: “Ukuhloba kwenu makungabi . . . okokufaka imihlobiso yegolide noma okokugqoka izingubo zangaphandle, kodwa makube umuntu osithekile wenhliziyo.”—1 Petru 3:3, 4.

      Umbono Olinganiselayo Ngokuba Nezinto

      Kuyethukela izithembiso zezokukhangisa zibe yiqiniso. Nokho, kunesiqondiso ongasethemba ngokuphila ukuphila okulinganiselayo nokujabulisayo. Zonke izimiso ezikulesi sihloko zitholakala eBhayibhelini, iZwi likaNkulunkulu. IBhayibheli alikulahli ukuba nezinto kodwa lifundisa ukuthi injabulo enkulu itholakala endleleni yokuphila ‘engenalo uthando lwemali.’—Hebheru 13:5.

      Izindlela Zanamuhla Zokukhangisa

      Ngaphezu kokukhangisa ngethelevishini, amaphepha nange-Internet, ziyanda izindlela ezithuthukisiwe abakhangisi banamuhla abazisebenzisayo.

      UKUBONISWA KOMKHIQIZO: Imikhiqizo namagama ayo kuvezwa ngobuhlakani phakathi nezinhlelo zethelevishini, amabhayisikobho nemidlalo ye-video.

      UKUKHANGISA ISINYENYELA: Nsuku zonke abantu abakhokhelwayo basebenzisa futhi bakhulume ngomdlandla nabanye ngemikhiqizo ethile ngendlela engabonisi ukuthi bayakhokhelwa.

      UKUKHANGISA OKWENZIWA NGOKUKHULUMA: Abantu abakhangisayo bakhuthazwa ukuba bakhulume ngemikhiqizo kubangane babo nasezingosini zokuxhumana. Laba bantu bangase banikwe imikhiqizo engamasampula noma eminye imivuzo ukuze bakhuthazwe ukuba benze lo msebenzi.

  • Ukulawula Indlela Othenga Ngayo
    I-Phaphama!—2013 | Juni
    • Ukulawula Indlela Othenga Ngayo

      Ngaphezu kwengcindezi esibhekene nayo evela kubadayisi, imizwa nemikhuba yethu ingaba nomthelela ekuthengeni ngokweqile. Nakhu ukusikisela okuyisithupha kokukusiza ulawule indlela othenga ngayo.

      1. Ungathengi ngokuxhamazela. Ingabe uyakujabulela ukuthenga nokuthola izinto sezinamanani aphansi? Uma kunjalo, ungase uthambekele ekuthengeni ngokuxhamazela. Ukuze ugweme lokho, yima kancane bese ucabangisisa ngemiphumela yesikhathi eside yokuthenga, eyokuba naleyo nto ohlela ukuyithenga neyokuyinakekela. Yima bese ucabanga ngesikhathi esidlule lapho wathenga khona ngokuxhamazela wabe usuzisola kamuva. Ake “wehlise umoya” uqale ucabange ngaphambi kokwenza isinqumo sokugcina.

      2. Gwema ukuthenga ukuze nje uzizwe kangcono. Ukuthenga kungakwenza uzizwe kangcono okwesikhashana uma ukade uphatheke kabi. Kodwa lapho imizwa ebuhlungu ibuya, ungase ucindezeleke nakakhulu uze ufune ukuyiqeda ngokuthenga. Kunokuthenga ukuze nje uzizwe kangcono, thola abangane abazokusekela noma wenze okuthile okuvivinya umzimba, njengokuhambahamba.

      3. Ungathengi ngenjongo yokuzilibazisa nje. Inxanxathela yezitolo ezibizayo iye yashintsha ukuthenga kwaba into yokuzijabulisa. Nakuba ungase uye enxanxatheleni yezitolo noma ubheka-bheke kuyi-Internet ukuze nje uzijabulise, okuningi kwalokho okubonayo kulungiselelwe ukuba kuvuse isifiso sokuthenga kuwe. Thenga kuphela lapho kunokuthile okufunayo, futhi ugcine ngakho.

      4. Khetha abangane bakho ngokucophelela. Indlela yokuphila nezingxoxo zabangane bakho kunethonya elikhulu ezifisweni zakho. Uma kuwukuthi uthenga ngokweqile ukuze ufane nabangane bakho, khetha abangane abangayithandi kakhulu imali nezinto ezibonakalayo.

      5. Wasebenzise ngokuhlakanipha amakhadi okuthenga ngesikweletu. Amakhadi okuthenga ngesikweletu enza kube lula ukuthenga ngaphandle kokucabanga ngemiphumela. Zama ukuyikhokha yonke imali yenyanga ngayinye yamakhadi okuthenga ngesikweletu. Yazi inzalo nezindleko zekhadi lakho lokuthenga ngesikweletu, futhi uqhathanise izinzuzo zamakhadi ahlukahlukene ukuze uthole elingabizi kakhulu. Xwaya amakhadi ezimali ezinkulu ahambisana nezindleko ezinkulu zokuboleka futhi anezinzuzo ongazidingi. Kunokuthenga ngesikweletu, qongelela imali lapho ufuna ukuthenga into enkulu bese uyithenga ngokheshe.

      6. Sazi isimo sakho sezimali. Kulula ukuthenga ngokweqile uma ungazi ukuthi umi kanjani ngasezimalini. Hlale unemininingwane yamuva yezimali zakho, futhi uyazi ingqikithi yemali onayo. Yenza uhlelo lokuthenga lwanyanga zonke kuye ngemali oyitholayo nezindleko zesikhathi esidlule. Bhekisisa indlela othenga ngayo futhi uyiqhathanise nohlelo lwakho. Cela umngane omethembayo ukuba akusize uqonde izinto eziphathelene nezimali wena ongazijwayele.

      Ukuvikela Izingane Ekuthengeni Ngokweqile

      Izingane yizo eziyizisulu ngokukhethekile zabakhangisi futhi lokho kuyaqondakala. Intsha ithenga kakhulu kunanini ngaphambili. E-United States, intsha ichitha izigidigidi zamarandi ngonyaka ithenga.

      Nokho, umcwaningi uJuliet Schor uthi izingane ezithenga ngokweqile zisengozini yokucindezeleka nokukhathazeka futhi azinabo ubuhlobo obuhle nabazali bazo. Ungazivikela kanjani izingane zakho? Cabangela izindlela ezingokoqobo abanye abazali abaye bazivikela ngazo izingane zabo.

      ZIFUNDISE: “Awunakuzivikela ngokuphelele izingane zakho ezikhangisweni ngoba zigcwele yonke indawo. Ngakho, siyawachazela amadodakazi ethu ukuthi abakhangisi bangamagovu nokuthi izinkampani ezibaqashayo zimane nje zifuna imali. Azinamsebenzi nathi.”—UJames noJessica.

      UNGAVUMI ZIKULAWULE: “Izingane ziyakucindezela ukuba uzithengele izinto futhi zizama konke ukuze ugcine uvumile. Kodwa kubalulekile ukuba wenqabe. Ngokuhamba kwesikhathi ziyafunda ukuthi ngeke zithole yonke into. Njengoba sasikhulisa indodakazi yethu, sasihlale sixoxa njengabazali ngendlela yokulinganisela nemingcele okumelwe siyibeke.”—UScott noKelli.

      ZIVIKELE EZIKHANGISWENI: “Umkhaya wethu awuyibuki kangako ithelevishini. Ayiyona nje into yethu. Isikhathi ebesingasisebenzisela ukubuka ithelevishini sisisebenzisela ukwenza ezinye izinto. Siyapheka futhi sidle ndawonye, kanti abafana bethu bayazifela ngokufunda.”—UJohn noJenniffer.

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela