Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/15 kk. 10-11
  • UHerodotus

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UHerodotus
  • I-Phaphama!—2015
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • KWAKUNGAPHEZU NJE KOMLANDO
  • UKUNEMBA KUKAHERODOTUS
  • Ingabe Bewazi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Uhambo Lwasolwandle Endulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2015
  • Incwadi Yesiprofetho
    Incwadi Yabo Bonke Abantu
I-Phaphama!—2015
g 9/15 kk. 10-11
Isithombe sikaHerodotus

EZASENDULO

UHerodotus

KWAKUNJANI ukuphila eminyakeni eyizinkulungwane edlule? Abantu babegcina maphi amasiko? Imivubukulo ingasinikeza ezinye zezimpendulo—kodwa hhayi zonke. Ukuze siqonde indlela abantu basendulo ababecabanga ngayo, kungasisiza ukuba nokuthile okwalotshwa umuntu owabhala ngomlando wezwe langesikhathi sakhe. Umuntu onjalo waphila eminyakeni engaba ngu-2 400 edlule. Igama lakhe kwakunguHerodotus, wayeyisazi-mlando esingumGreki sangekhulu lesihlanu B.C.E. Sasithini isihloko somsebenzi wakhe? Sasithi The Histories.

UHerodotus wabhala ngezimbangela zezimpi ezalwiwa amaGreki ikakhulukazi izimbangela zokuhlasela kwePheresiya ngo-490 B.C.E., nangesikhathi uHerodotus esengumfana ngo-480 B.C.E. Ekulandiseni kwakhe wabhala nangezinye izinto eziseceleni, wabhala ngakho konke ayengakuthola ngesizwe ngasinye esasithintwa ukuhlasela kwePheresiya.

KWAKUNGAPHEZU NJE KOMLANDO

UHerodotus wayenekhono lokulandisa. Wayecophelela lapho ebhala, ehlanganisa yonke imininingwane ayecabanga ukuthi yayidingeka ukuze indaba iphelele. Impumelelo kaHerodotus iphawuleka ngokukhethekile ngenxa yokuthi umsebenzi wakhe akawusekelanga emibhalweni egciniwe yoMbuso eyayiphathelene nezenzakalo zomlando eziqhubekayo ezazigciniwe, ngoba kungenzeka izinto ezikuleyo mibhalo azikaze zenzeke.

Ngaleso sikhathi, bambalwa ababezihlupha ngokubhala umlando, ngaphandle uma befuna ukuqhosha ngokuthi izenzo zabo zilotshwe ematsheni ayisikhumbuzo. Kwadingeka ukuthi uHerodotus ancike ezintweni ayezibona, emasikweni akudala, nasebufakazini babanye ngokuphathelene nezenzakalo ayefisa ukubhala ngazo. Ukuze aqoqe lokhu kwaziswa, wayeya ezindaweni ezikude. Wakhulela kuyikoloni yamaGreki iHalicarnassus (manje ebizwa ngeBodrum, eseningizimu yeTurkey) futhi wavakasha ezindaweni eziningi eGrisi.

Ukuze aqoqe imininingwane yakhe, uHerodotus waya ezindaweni ezikude

Wabhekisa amabombo enyakatho oLwandle Olumnyama naseScythia, endaweni manje ebizwa nge-Ukraine, eningizimu waya ePalestina naseNhla neGibhithe. Kubukeka sengathi wafika naseBhabhiloni ngesikhathi ebheke empumalanga, kungenzeka ukuthi uhambo lwakhe lwaphelela entshonalanga, kuyikoloni yamaGreki manje eyaziwa njengeningizimu ye-Italy. Nomaphi lapho ayeya khona, wayephawula izinto futhi ebuza, kanjalo eqoqa imininingwane kulabo ayebabona beyimithombo ethembeke kakhudlwana.

UKUNEMBA KUKAHERODOTUS

Isiqeshana se-Papyrus sencwadi i-“The Histories”

Isiqeshana se-Papyrus sencwadi i-The Histories

Kunembe kangakanani ukwaziswa uHerodotus akubhala? Ngokuphathelene nezindawo avakashela kuzo, nezinto azibona ngawakhe, ulwazi lwakhe lubhekwa njengolunembile. Indlela achaza ngayo amasiko ayengaziwa eGrisi—njengalawo ayenziwa lapho kungcwatshwa abasebukhosini abangamaScythia nalapho komiswa izidumbu eGibhithe—iyafana ngandlela thile nalokho abavubukuli abaye bakuthola. Kuye kwathiwa ukwaziswa okucebile aye akugcina ngokuphathelene neGibhithe, “kukudlula kude ngokubaluleka konke okwabhalwa endulo ngalelo zwe.”

Nokho, ezikhathini eziningi kwakungekho uHerodotus ayengakwenza ngaphandle kokuthembela ebufakazini obungabazisayo. Ngaphezu kwalokho, abantu bosuku lwakhe babekholelwa ekungeneleni konkulunkulu bamaqaba ekuphileni kwabantu. Ngakho, akukona konke akubhala okuhambisana nezindinganiso zezazi-mlando zanamuhla. Nakuba kunjalo, uHerodotus wazama ukuhlukanisa iqiniso ezinganekwaneni. Washo ukuthi wayengakukholwa konke ayekutsheliwe. Wafinyelela kwezakhe iziphetho ngemva kokuhlunga nokuqhathanisa imithombo yakhe.

I-The Histories iqukethe umsebenzi kaHerodotus. Wenza umsebenzi omuhle kakhulu uma kucatshangelwa imithombo ayenayo.

AMAZWIBELA

  • Mhlawumbe ngenxa yokuthi i-The Histories yayiwumzamo omkhulu kunayo yonke kweyayenziwe ngaleso sikhathi wokubhala ngezenzakalo zangesikhathi esidlule, umbhali ongumLatin uCicero (106-43 B.C.E.) wabiza uHerodotus ngokuthi uYise Wezemilando.

  • Omunye umbhali uthi i-The Histories “ingubuciko obungaphelelwa isikhathi. Ayiqukethe nje kuphela umlando, kodwa ikhuluma nangenhlalo yabantu, isimo sendawo, ezenkolo, ifilosofi, isayensi yezepolitiki, kanye nezenzakalo ezidabukisayo.”

  • Phakathi nenkathi ebucayi yomlando wezwe, uHerodotus wagcina ukwaziswa azitholela khona mathupha ngeGrisi, iNtshonalanga ye-Asiya, neGibhithe.

Isinqumo NgoHerodotus

“Manje sesiqoqe ubufakazi obanele obusenza sikwazi ukusho ukuthi [uHerodotus] angethenjwa,” kubhala isazi-mlando sasendulo u-Arnaldo Momigliano. “Izazi zamasiko asempumalanga zahlola uHerodotus ngosizo lwemivubukulo nolwazi lwezilimi yena ayengaziqondi. Ziye zaqinisekisa ukuthi wakuchaza ngokunembile lokho akubona futhi wakubika ngokwethembeka lokho akuzwa. Lapho aphambuka khona, kungenzeka ababeyimithombo yakhe yibo abamdukisa noma akakuqondanga kahle ayekutshelwa.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela