Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/15 kk. 12-13
  • Ukuvakashela ENicaragua

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuvakashela ENicaragua
  • I-Phaphama!—2015
I-Phaphama!—2015
g 9/15 kk. 12-13
I-Ometepe, isiqhingi esakhiwa ezintaba-mlilo ezimbili zeChibi iNicaragua

Isici esivelele seChibi iNicaragua isiqhingi i-Ometepe, indawo eluhlaza enezintaba-mlilo ezinkulu ezihlanganiswe isiqeshana senhlabathi

AMAZWE NABANTU

Ukuvakashela ENicaragua

Ibalazwe laseNicaragua

ABANTU bavame ukubiza iNicaragua ngezwe lamachibi nezintaba-mlilo. Leli zwe linechibi elikhulukazi eMelika Ephakathi—iNicaragua. Izizwe zomdabu zilibiza nge-Cocibolca, okusho ukuthi “ULwandle Olunoshukela.” Linamakhulu eziqhingi futhi liwukuphela kwechibi elinamanzi angenasawoti anezinhlanzi zasolwandle ezifana noshaka, i-swordfish, ne-tarpon.

I-sacuanjoche, imbali yezwe laseNicaragua

I-sacuanjoche (frangipani) iyimbali yezwe laseNicaragua

INicaragua iphinde ibe nenye yezindawo eziqhele kunazo zonke eMelika Ephakathi—iMosquito Coast. Le ndawo ebanzi ngamakhilomitha angu-65, igudla cishe yonke ingxenye yogu olusempumalanga kuze kufike eHonduras. AmaMiskito (elinye igama elisho amaMosquito) angelinye lamaqembu ahlukahlukene abantu bomdabu baseNicaragua, futhi ukuba khona kwabo kubukeka sengathi kwaqala ngaphambi kokufika kwabaseYurophu ngekhulu le-16.

AmaMiskito anobudlelwane obuqinile nabanye futhi anamasiko ahlukile. Ngokwesibonelo, ulimi lwamaMiskito alunawo amagama afana nathi, “Mnumzane” noma “Nkosazana.” Ezindaweni zasemakhaya, intsha ibiza abantu abadala ngokuthi “Malume” noma “Anti,” kungakhathaliseki ukuthi ihlobene nabo noma cha. Isiko elidala phakathi kwamaMiskito ukuba owesifazane abingelele abangane abaseduze noma izihlobo ngokuthintana nabo ngezihlathi. Bese, owesifazane oqale ukubingelela adonse umoya ngamakhala.

Abantu bomdabu baseNicaragua

Abantu bomdabu

Izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ngesiMayangna nesiMiskito

Izincwadi ezikhuluma ngeBhayibheli zesiMayangna nesiMiskito, ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova

AMAZWIBELA

  • Inani labantu: 6 176 000

  • Ulimi olusemthethweni: ISpanishi. Nokho, ezindaweni ezizimele, kukhona isiMiskito, isiMayangna, isiRama, kanye nesiNgisi saseCreole

  • Uhulumeni: Owentando yeningi

  • Inhloko-dolobha: IManagua

  • Isimo sezulu: Lifudumele ezindaweni eziningi, kodwa lipholile ezindaweni eziphakeme

  • Izwe: Kunamathafa ngasogwini, kube nezintaba maphakathi nezwe

HLOLA ULWAZI LWAKHO

Phendula lokhu okulandelayo okuphathelene neNicaragua ngokuthi amanga noma iqiniso:

  1. Igama laleli zwe lisuselwa egameni likaNicarao, umholi wesizwe somdabu owaphila emakhulwini edlule.

  2. INicaragua iwukuphela kwezwe eLatin America elalawulwa iSpain neBrithani.

  3. Emakhulwini edlule, amadolobha angasogwini lweChibi iNicaragua ayehlaselwa abaphangi basoLwandle abavela eCaribbean.

  4. INicaragua yizwe elinabantu abancane kunawo wonke eMelika Ephakathi.

Izimpendulo: Konke kuyiqiniso.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela