Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g16 No. 4 kk. 12-13
  • Ukuvakashela EKyrgyzstan

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuvakashela EKyrgyzstan
  • I-Phaphama!—2016
I-Phaphama!—2016
g16 No. 4 kk. 12-13
Ama-yurts aseSigodini saseTash Rabat eKyrgyzstan

Izindlu ezinjengamatende ezibizwa ngama-yurt eSigodini SaseTash Rabat

AMAZWE NABANTU

Ukuvakashela EKyrgyzstan

Ibalazwe laseKyrgyzstan

IKYRGYZSTAN izungezwe izintaba ezimbozwe yiqhwa enkabeni ye-Asia, futhi incikene nemingcele yeKazakhstan, i-Uzbekistan, iTajikistan, kanye neChina. Cishe amaphesenti angu-90 alelizwe anezintaba. Indawo ephakeme kunazo zonke okhahlambeni lwaseTian Shan, engamamitha angu-7 439 ngaphezu kolwandle, iseKyrgyzstan. Indawo engaba ngamaphesenti amane ingamahlathi. Kuyaphawuleka ukuthi emhlabeni wonke iKyrgyzstan ingelinye lamazwe anamahlathi amakhulu azimilelayo ezihlahla zamantongomane abizwa ngokuthi ama-walnut.

Omunye woFakazi BakaJehova utadisha iBhayibheli nowesifazane eKyrgyzstan

OFakazi BakaJehova bafundisa izinkulungwane zabantu baseKyrgyzstan iBhayibheli

Ukungenisa izihambi nenhlonipho kuyizici ezivamile kubantu baseKyrgyzstan. Esikhundleni sokusebenzisa igama elithi “wena,” lapho kukhulunywa nomuntu omdala kusetshenziswa indlela enesizotha, uyasukunyelwa ezintweni zokuhamba zomphakathi ukuze ahlale futhi unikwa indawo ehlonipheke kunazo zonke etafuleni.

Imindeni ivame ukuba nezingane ezintathu noma ngaphezulu. Indodana encane ivame ukuhlala nabazali bayo, ngisho nalapho isishadile, ukuze ibanakekele lapho sebegugile.

Amantombazane afundiswa amakhono adingekayo kusukela esemancane, ukuze abe amakhosikazi akahle. Lapho eseneminyaka engaba ngu-16 asuke esekulungele ngokuphelele ukunakekela ikhaya. Umakoti unikwa izimpahla zokwaba. Lokhu kuhlanganisa izinto zombhede ezihlukahlukene, izinto zokugqoka kanye nokhaphethi owenziwe ngesandla. Umkhwenyana ukhokha ilobolo ngemali nangemfuyo.

Emicimbini nasemingcwabeni kuhlatshwa imvu noma ihhashi. Inyama iyahlukaniswa ibe izingxenye ezihlukahlukene futhi ingxenye ngayinye inomuntu eyabelwe yena. Umuntu ngamunye unikwa inyama ayabelwe, kuye ngokubudala nangesikhundla, nakuleli siko into ehamba phambili inhlonipho. Kube sekudliwa i-beshbarmak, okuyisidlo sendawo esidliwa ngezandla.

Insizwa idlala i-komuz

I-komuz uhlobo oluthandwayo lwensimbi yokudlala umculo

AMAZWIBELA

Lifundisani Ngempela IBhayibheli?

Incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? iyanyatheliswa ngesiKirghiz futhi iyatholakala naku-www.pr2711.com

  • Inani labantu: 5 776 000

  • Inhloko-dolobha: IBishkek

  • Izilimi: IsiKirghiz, isiRashiya

  • Umkhiqizo: Ukotini, uvolo, igolide, i-mercury, i-uranium

  • Inkolo: UbuSulumane (amaphesenti angu-80)

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela