Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g17 No. 6 kk. 12-13
  • U-Alhazen

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • U-Alhazen
  • I-Phaphama!—2017
  • Izihlokwana
  • IDAMU LOMFULA INAYILE
  • INCWADI I-BOOK OF OPTICS
  • IGUMBI ELIMNYAMA LOKWENZA IZITHOMBE
  • INDLELA ENGOKWESAYENSI YOKWENZA IZINTO
I-Phaphama!—2017
g17 No. 6 kk. 12-13

EZASENDULO

U-alhazen

[Isithombe ekhasini 12]

KUNGENZEKA ukuthi awukaze uzwe ngo-Abū ‘Alī al-Ḥasan ibn al-Haytham. Emazweni asentshonalanga waziwa ngo-Alhazen, okuyindlela yesiLatini yokubhala igama lakhe lesi-Arabhu elithi al-Hasan. Ngisho noma ungamazi, maningi amathuba okuthi uyazuza emsebenzini awenza. Kuye kwathiwa “ungomunye wabantu ababalulekile nababa negalelo kwezesayensi.”

AMAZWIBELA

  • U-Alhazen uye wabizwa ngokuthi “ungusosayensi wokuqala wangempela,” ngenxa yokucophelela kwakhe lapho enza ucwaningo.

  • Wathola indlela izithombe ezakheka ngayo lapho kushuthwa, okuyindlela esasetshenziswa ekwenzeni izithombe nanamuhla.

  • Akuthola lapho ecwaninga ngezingilazi kwaba umhlahlandlela ekwenziweni kwezibuko zamehlo zokuqala, izibonakhulu nezibonakude.

U-Alhazen wazalelwa eBasra, manje ese-Iraq, cishe ngonyaka ka-965 C.E. Wayethanda ukufunda ngesayensi, izibalo, ezokwelapha, umculo, ukusebenza kwamehlo nezinkondlo. Kungani kufanele simbonge?

IDAMU LOMFULA INAYILE

Kunendaba osekuyisikhathi ixoxwa ngo-Alhazen. Imayelana nezinhlelo zakhe zokulawula uMfula iNayile azenza eminyakeni engaba ngu-1 000 ngaphambi kokuba lowo msebenzi wenziwe e-Aswân ngo-1902.

Kuthiwa u-Alhazen wayehlela ukwenza idamu eMfuleni iNayile ukuze anciphise izikhukhula nesomiso okwakudlangile eGibhithe. Lapho umbusi waseCairo uCaliph al-Hakim ezwa ngalezo zinhlelo, wabiza u-Alhazen ukuba eze eGibhithe azokwakha lelo damu. Nokho, lapho u-Alhazen ewubona umfula, wabona ukuthi lo msebenzi wawungaphezu kwamandla akhe. Esaba ukuthi lo mbusi owayedume kabi wayezomjezisa, u-Alhazen wazenza uhlanya kwaze kwaba yilapho lo mbusi efa ngemva kweminyaka engu-11 ngo-1021. Phakathi nesikhathi ayevalelwe ngaso esibhedlela sezinhlanya, u-Alhazen wakwazi ukwenza ezinye izinto ayezithanda.

INCWADI I-BOOK OF OPTICS

U-Alhazen wathi ephuma kuleso sibhedlela wayesebhale ingxenye enkulu yemiqulu engu-7 yencwadi yakhe i-Book of Optics, okuthiwa “ingenye yezincwadi ezibaluleke kunazo zonke emlandweni wesayensi.” Kule ncwadi wachaza ngalokho ayekuthole lapho ecwaninga ngokukhanya, ukuthi ukukhanya kuhlukana kanjani kube nemibala ehlukahlukene, ukuthi kwenzekani lapho kushaya esibukweni nalapho kusuka kwenye into kuya kwenye. Waphinde wacwaninga ngendlela iso elibona ngayo, ukwakheka kwalo nendlela elisebenza ngayo.

Kwathi kufika iminyaka yawo-1200 incwadi ka-Alhazen ayeyibhale ngesi-Arabhu yayisihunyushelwe olimini lwesiLatini, futhi eminyakeni eminingi ngemva kwalokho, izifundiswa zaseYurophu zaziyisebenzisa. Ngakho lokho u-Alhazen akubhala mayelana nokwakheka kwezinhlobo ezahlukahlukene zezingilazi, kwasetshenziswa abenzi bezibuko baseYurophu ukuze benze isibonakude nesibonakhulu.

IGUMBI ELIMNYAMA LOKWENZA IZITHOMBE

Indlela amakhamera asebenza ngayo, isekelwe kulokho u-Alhazen akuthola lapho enza igumbi elimnyama lokuqala lokwenza izithombe. Leli gumbi lalinembobo encane eyayingenisa ukukhanya, lokhu kukhanya kwakwenza isithombe sanoma yini engaphandle sibonakale odongeni olungaphakathi kodwa sasivela sibheke phansi futhi siphendukezelwe.

[Isithombe ekhasini 13]

U-Alhazen wenza lokho okungenzeka kwaba igumbi elimnyama lokuqala lokwenza izithombe

Ngeminyaka yawo-1800, kwabe sekufakwa okuthile kuleli gumbi okwenza ukuba leso sithombe sikwazi ukugcinwa unomphela. Waba yini umphumela? Kwenziwa ikhamera. Amehlo ethu kanye nawo wonke amakhamera esimanje, asebenza ngendlela efanayo negumbi elimnyama lokwenza izithombe.a

INDLELA ENGOKWESAYENSI YOKWENZA IZINTO

Into ephawuleka kakhulu ngomsebenzi ka-Alhazen ukuthi wayecophelela futhi elandela izindlela ezithile lapho enza ucwaningo. Lokho kwakuyinto engavamile ngesikhathi sakhe. Wayephakathi kwabacwaningi bokuqala abenza izindlela zokuthola ubufakazi bokuthi into ethile ababeyicabanga mayelana nesayensi yayinjalo ngempela yini.

Isayensi yanamuhla isekelwe esishweni esithi: “Veza ubufakazi balokho okukholelwayo.” Abantu abaningi bathi u-Alhazen “unguyise wezindlela ezisetshenziswayo namuhla emkhakheni wesayensi.” Ngenxa yalokho, sinezizathu eziningi zokumbonga.

a Emazweni aseNtshonalanga, ukufana okukhona phakathi kwendlela igumbi elimnyama lokwenza izithombe elisebenza ngayo nendlela iso elisebenza ngayo, kwaze kwaqondwa lapho kuchazwa uJohannes Kepler ngeminyaka yawo-1600.

‘Indlela Asifundisa Ngayo Ukwenza Isayensi’

Umbhali uJim Al-Khalili uthi okwenza u-Alhazen abaluleke ‘akukhona ukuthi kunento enkulu ayisungula, kodwa indlela asifundisa ngayo ukwenza isayensi.’ Incwadi yakhe i-Book of Optics iye yachazwa ngokuthi “incwadi yangempela yokufunda isayensi.” Kuyo wayechaza izivivinyo ayezenzile, amathuluzi ayewasebenzisile, isilinganiso sezinto ayezisebenzisile kanye nemiphumela ayithole kulezo zivivinyo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela