Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g19 No. 3 kk. 10-11
  • Indlela Yokuphatha Imali

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokuphatha Imali
  • I-Phaphama!—2019
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • YIBA NOHLELO OLUHLE LOKUSEBENZISA IMALI
  • QAPHA IMIKHUBA ELIMAZAYO
  • AMANYE AMAVESI EBHAYIBHELI ANGAKUSIZA
  • Izinkinga Zemali Nezikweletu—Ingabe IBhayibheli Lingasiza?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Indlela Yokusebenzisa Imali
    Umndeni Wakho Ungajabula
  • Indlela Yokuphila Ngokwamandla Akho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • 2 | Vikela Imali Nezinto Onazo
    I-Phaphama!—2022
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2019
g19 No. 3 kk. 10-11
Izisebenzi ezisebenza esitolo se-carpentry

Indlela Yokuphatha Imali

Abantu abaningi baye banciphisa izinkinga zabo zezimali ngokusebenzisa lokho okushiwo yiBhayibheli.

YIBA NOHLELO OLUHLE LOKUSEBENZISA IMALI

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Ngokuqinisekile amacebo okhuthele ayamzuzisa, kodwa noma ngubani onamawala ngokuqinisekile uphokophele ekusweleni.”—IzAga 21:5.

KUSHO UKUTHINI? Ukunamathela kulokho okuhlelile kubalulekile ukuze uphumelele. Ngakho hlela ngokucophelela ngaphambi kokuba usebenzise imali. Khumbula ukuthi ngeke wakwazi ukuthenga yonke into oyifunayo. Ngakho sebenzisa imali ngokuhlakanipha.

ONGAKWENZA:

  • Namathela endleleni ohlele ukusebenzisa ngayo imali. Yenza uhlu lwezinto ofuna ukuzithenga bese uzibhala ngokulandelana kwazo. Yibe usunquma ukuthi uzosebenzisa malini entweni ngayinye ozoyithenga. Uma usebenzise imali engaphezu kwaleyo obuyihlelile, sebenzisa imali obuzothenga ngayo okunye. Ngokwesibonelo, uma usebenzise imali engaphezu kwaleyo obuyihlelele uphetroli, thatha imali obuyibekele ukuyisebenzisela into engabalulekile kangako, njengemali obuzozikhipha ngayo.

  • Gwema izikweletu ezingadingekile. Uma kungenzeka zigweme izikweletu. Kunalokho, beka imali ukuze ukwazi ukuthenga izinto ozidingayo. Uma usebenzisa i-credit card, zama ukukhokha yonke imali oyikweletayo inyanga ngayinye ukuze ugweme ukukhokha inzalo. Uma unezikweletu, yenza uhlelo lwendlela ozokhokha ngayo bese unamathela kulo.

    Olunye ucwaningo lwathi lapho abantu besebenzisa i-credit card ukuze bathenge okuthile, bavame ukusebenzisa imali eningi. Ngakho uma une-credit card yisebenzise ngokuhlakanipha.

QAPHA IMIKHUBA ELIMAZAYO

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Ngenxa yobusika ivila ngeke lilime; liyobe linxiba ngesikhathi sokuvuna, kodwa ngeke kube nalutho.”—IzAga 20:4.

KUSHO UKUTHINI? Ubuvila bungabangela ukuhlupheka. Ngakho, yiba isisebenzi esikhuthele, zama ukuphatha kahle imali yakho ukuze ukwazi ukuba nezinto ozidingayo esikhathini esizayo.

ONGAKWENZA:

  • Sebenza kanzima. Vikela umsebenzi wakho ngokuba isisebenzi esikhuthele emsebenzini nesithembekile.

  • Thembeka. Ungamntshontsheli umnqashi wakho. Ukungathembeki kungalimaza idumela lakho futhi kwenze kube nzima ukuthola umuntu ozokuqasha esikhathini esizayo.

  • Gwema ukufuna yonke into. Uma njalo uzama ukuba nemali eningi, ngokuhamba kwesikhathi uzolimaza impilo yakho nobuhlobo onabo nabanye. Khumbula ukuthi imali ayiyona into ebaluleke kakhulu ekuphileni.

AMANYE AMAVESI EBHAYIBHELI ANGAKUSIZA

Indoda ifunda iBhayibheli kuyi-inthanethi

Funda iBhayibheli elikuyi-inthanethi elitholakala ngamakhulu ezilimi ku-jw.org

UNGACHITHI ISIKHATHI NEMALI EZINTWENI EZIMBI.

“Ngoba isidakwa nesiminzi bayoba mpofu, futhi ukozela kuyokwembathisa umuntu amanikiniki nje.”—IZAGA 23:21.

GWEMA UKUKHATHAZEKA NGOKUNGADINGEKILE.

“Yekani ukukhathazeka ngemiphefumulo yenu ngokuqondene nokuthi niyodlani noma niyophuzani, noma ngemizimba yenu ngokuqondene nokuthi niyogqokani.”—MATHEWU 6:25.

GWEMA UKUBA NOMONA.

“Umuntu oneso elinomona ushabashekela izinto zenani elikhulu, kodwa akazi ukuthi ukuswela kuyomehlela.”—IZAGA 28:22.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela