Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g24 No. 1 kk. 10-12
  • Kungani Imindeni Ingasahloniphani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Imindeni Ingasahloniphani?
  • I-Phaphama!—2024
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • KUNGANI KUBALULEKILE UKUBA UMNDENI UHLONIPHANE?
  • UNGAWUBONISA KANJANI UMNDENI WAKHO UKUTHI UYAWUHLONIPHA?
  • YINI OFAKAZI BAKAJEHOVA ABAYENZAYO UKUZE BASIZE IMINDENI?
  • Usizo Lukhona
    IPhaphama!—2020
  • Okunye Okungasiza Imindeni
    I-Phaphama!—2018
  • Thola Ukuhlakanipha Ongakusebenzisa Nsuku Zonke Ku-JW.ORG
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2022
  • Amacebiso Okutadisha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2024
g24 No. 1 kk. 10-12
Umyeni ocikekile usebenzisa ucingo njengoba umkakhe ezama ukukhuluma naye. Indodana yabo encane iyababuka.

Kungani Imindeni Ingasahloniphani?

KUNGANI KUBALULEKILE UKUBA UMNDENI UHLONIPHANE?

Uma wonke amalungu omndeni ehloniphana kuba nokuthula ekhaya.

  • Incwadi ethi The Seven Principles for Making Marriage Work ithi, uma abantu abashadile behloniphana, “babonisana uthando ngezindlela ezincane nezindlela ezinkulu nsuku zonke.”

  • Ucwaningo lubonisa ukuthi izingane ezifunda ukuhlonipha abantu zizithemba kakhudlwana, zibe nobudlelwane obuhle nabazali bazo futhi mancane kakhulu amathuba okuba zibe nezinkinga zokuphazamiseka kwengqondo.

UNGAWUBONISA KANJANI UMNDENI WAKHO UKUTHI UYAWUHLONIPHA?

Njengomndeni, xoxani ngale ndaba. Qalani nithole ukuthi wonke umuntu uyaqonda yini ukuthi “inhlonipho” isho ukuthini. Okwesibili, bhalani phansi indlela umuntu ngamunye okufanele aziphathe ngayo nendlela okungamele aziphathe ngayo. Okwesithathu, xoxani ngokuthi umuntu ngamunye emndenini uyazi yini ukuthi angaqalaphi.

“Amacebo awaphumeleli lapho kungekho khona ukubonisana, kodwa kuba khona okufezwayo uma abeluleki bebaningi.”—IzAga 15:22.

Yiba isibonelo. Uyawugxeka yini umndeni wakho lapho wenza amaphutha, uhlekise ngemibono yawo, uwuzibe noma uwungene emlonyeni lapho ukhuluma nawe? Khumbula ukuthi kufanele kube nguwe kuqala obonisa banye inhlonipho.

Icebiso: Zama ukubheka inhlonipho njengento oyikweleta umuntu oshade naye nezingane zakho, hhayi njengento okudingeka bayisebenzele.

“Ekubonisaneni udumo nihole.”—Roma 12:10.

Mhloniphe omunye ngisho noma ungavumelani naye. Lapho usho indlela ozizwa ngayo, gwema ukusho izinto ezinjengokuthi “wena uhlezi u. . . ” noma “awukaze u. . . ” Ukusho izinto ezinjalo kungawalimaza noma kuwazwise ubuhlungu amalungu omndeni wakho, kwenze ukungaboni ngaso linye okungatheni kuphenduke ingxabano enkulu.

“Impendulo emnene iyakunqanda ukufutheka, kodwa izwi elihlabayo libangela ulaka.”—IzAga 15:1.

Owesifazane osemusha ubukele ividiyo ku-jw.org.

YINI OFAKAZI BAKAJEHOVA ABAYENZAYO UKUZE BASIZE IMINDENI?

OFakazi BakaJehova basiza imindeni ukuba ihloniphane. Babhala izihloko ezikhuluma ngenhlonipho, izincwadi, izincwajana namavidiyo, okutholakala mahhala.

OKUNGASIZA ABASHADILE: Uchungechunge lwezihloko oluthi Usizo Lomndeni lungasiza abayeni namakhosikazi ukuba . . .

  • babe izilaleli ezinhle

  • bagweme ukungakhulumisani

  • bayeke ukuqophisana

(Funa ingxenye ethi, “Usizo Lomndeni” ku-jw.org)

OKUNGASIZA ABAZALI: Uchungechunge lwezihloko oluthi Usizo Lomndeni lungasiza abazali baqeqeshe izingane zabo ukuba . . .

  • zilalele

  • zisize ngemisebenzi yasekhaya

  • zifunde ukuthi “ngiyacela” nokuthi “ngiyabonga”

(Funa ingxenye ethi “Ukukhulisa Izingane” nethi “Ukukhulisa Intsha” ku-jw.org)

Bheka nesithasiselo esithi, “Imibuzo Ebuzwa Abazali,” encwadini ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo ezisebenzayo, Umqulu 1. (Funa nesihloko esithi “Imibuzo Ebuzwa Abazali” ku-jw.org)

OKUNGASIZA INTSHA: Ingxenye ethi Intsha & Izinsizwa Nezintombi eku-jw.org inezihloko, amavidiyo nekhasi lemisebenzi lentsha okungasiza intsha ukuba . . .

  • izwane nabazali bayo nabafowabo nodadewabo

  • ikhulume ngenhlonipho nabazali bayo ngokuphathelene nemithetho ebekelwa yona ekhaya

  • yenze abazali bayo bayethembe

(Funa ingxenye ethi “Intsha & Izinsizwa Nezintombi” ku-jw.org)

Ungena mahhala ku-jw.org. Awukhokhi lutho, akudingeki nokuba ufake imininingwane yakho.

UJoseph Ehrenbogen.

FUNDA OKWENGEZIWE

UJoseph Ehrenbogen wayeyisilwi futhi engumlutha wezidakamizwa lapho eshada. Ngena ku-jw.org ubheke isihloko esithi, “Ngafunda Ukuzihlonipha Nokuhlonipha Abesifazane” ukuze ubone ukuthi ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova kwawusiza kanjani umndeni wakhe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela