Inkolo
Incazelo: Uhlobo lokukhulekela. Ihlanganisa isimiso semibono engokwenkolo, izinkolelo, nezenzo; lezi zingase zibe ngezomuntu siqu, noma zingase zikhuthazwe inhlangano ethile. Ngokuvamile inkolo ihilela ukukholelwa kuNkulunkulu noma konkulunkulu abaningi; noma ithatha abantu, izinto, izifiso, noma amandla athile njengezinto zokukhulekelwa. Inkolo eningi isekelwe ekuhloleni kwabantu imvelo; kukhona futhi inkolo embuliwe. Kunenkolo yeqiniso neyamanga.
Kungani kunezinkolo eziningi kangaka?
Ukubala kwamuva kwaphetha ngokuthi kunezinkolo eziyi-10 ezinkulu namahlelo angaba izi-10 000. Kulawa, angaba izi-6 000 aseAfrika, ayi-1 200 aseUnited States, kanti kunamakhulu kwamanye amazwe.
Ziningi izici eziye zabangela ukuvela kwamaqembu amasha enkolo. Abanye baye bathi izinkolo ezihlukahlukene zonke ziveza izindlela ezingefani zokubeka iqiniso elingokwenkolo. Kodwa ukuqhathanisa izimfundiso nezenzo zazo neBhayibheli, kubonisa ukuthi, kunalokho, ukungefani kwezinkolo kungenxa yokuthi abanye baye baba ngabalandeli babantu kunokulalela uNkulunkulu. Kungokuphawulekayo ukuthi, ngezinga elikhulu, izimfundiso ezinazo ngokufanayo, kodwa ezingahambisani neBhayibheli, zivela eBabiloni lasendulo. (Bheka amakhasi 54-56, ngaphansi kwesihloko esithi “IBabiloni Elikhulu.”)
Ubani ongumphehli wokudideka okunjalo okungokwenkolo? IBhayibheli lichaza uSathane uDeveli ngokuthi “unkulunkulu walelizwe.” (2 Kor. 4:4) Lisixwayisa ngokuthi “okuhlatshwa ngabezizwe bakuhlabela amademoni, kabakuhlabeli uNkulunkulu.” (1 Kor. 10:20) Yeka ukuthi kubaluleke kakhulu kangakanani-ke, ukuqiniseka ukuthi ngempela sikhulekela uNkulunkulu weqiniso, uMdali wezulu nomhlaba, nokuthi ukukhulekela kwethu kuyamthokozisa!
Ingabe zonke izinkolo zamukelekile kuNkulunkulu?
AbAhl. 10:6, 7: “Abantwana bakwaIsrayeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, babakhonza oBali, noAshitaroti, nawonkulunkulu baseAramu, nawonkulunkulu baseSidoni, nawonkulunkulu bakwaMowabi, nawonkulunkulu babantwana bakwa-Amoni, nawonkulunkulu bamaFilisti, bamshiya uJehova, kabamkhonza. Intukuthelo kaJehova yamvuthela uIsrayeli.” (Uma umuntu ekhulekela noma yini ngisho nanoma imuphi umuntu ngaphandle kukaNkulunkulu weqiniso, uMdali wezulu nomhlaba, kusobala ukuthi uhlobo lwakhe lokukhulekela alwamukeleki kuJehova.)
Marku 7:6, 7: “[UJesu] wayesethi kubo [abaFarisi nababhali bamaJuda]: UIsaya waprofetha kahle ngani nina-bazenzisi njengokulotshiweyo ukuthi: Lesisizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami; kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.” (Kungakhathaliseki ukuthi iqembu lizisholo ukukhulekela bani, uma libambelele ezimfundisweni zabantu esikhundleni seZwi eliphefumlelwe likaNkulunkulu, ukukhulekela kwalo kuyize.)
Roma 10:2, 3: “Ngiyabafakazela ukuthi bashisekela uNkulunkulu kodwa kungengokuqonda; ngokuba bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, befuna ukumisa okwabo, abakuthobelanga ukulunga kukaNkulunkulu.” (Abantu bangase babe nalo iZwi likaNkulunkulu elilotshiwe kodwa bantule ulwazi oluqondile ngalokho elikuqukethe, ngenxa yokuba bengafundiswanga ngokuqondile. Bangase babe nomuzwa wokuthi bayamshisekela uNkulunkulu, kodwa bangase bangenzi lokho akufunayo. Ukukhulekela kwabo ngeke kumthokozise, uNkulunkulu akunjalo?)
Ingabe kuyiqiniso ukuthi zonke izinkolo zinobuhle obuthile?
Izinkolo eziningi ziyakufundisa ukuthi umuntu kumelwe angaqambi amanga noma ebe, njalonjalo. Kodwa ingabe lokho kwanele? Ungajabula yini ngokuphuza ingilazi yamanzi anoshevu ngenxa yokuthi othile ukuqinisekise ngokuthi okuningi kwalokho okuphuzayo kungamanzi?
2 Kor. 11:14, 15: “USathane uqobo uziguqula ingelosi yokukhanya. Ngakho akuyinto enkulu, uma nezikhonzi zakhe ziziguqula izikhonzi zokulunga.” (Lapha siqasheliswa ukuthi akukhona konke okuvela kuSathane okungase kubonakale kwesabeka. Enye yezindlela zakhe eziyinhloko zokukhohlisa isintu iye yaba inkolo yamanga yazo zonke izinhlobo, ezinye zazo azenza zibonakale zilungile.)
2 Thim. 3:2, 5: “Abantu bazakuba . . . abanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika; labo-ke wobagwema.” (Kungakhathaliseki ukuzibonakalisa kwabo kwangaphandle njengabanothando ngoNkulunkulu, uma labo okhonza nabo bengalisebenzisi ngobuqotho iZwi lakhe ekuphileni kwabo, iBhayibheli likukhuthaza ukuba uhlukane nabo.)
Ingabe kufanelekile ukushiya inkolo yabazali bakho?
Uma lokho abazali bethu abasifundisa khona kuvela eBhayibhelini ngempela, kumelwe sibambelele kukho. Ngisho noma sifunda ukuthi izenzo zabo zenkolo nezinkolelo azihambisani neZwi likaNkulunkulu, sifanele ukubahlonipha abazali bethu. Kodwa kuthiwani uma uzwa ukuthi imikhuba ethile yabazali bakho iyingozi empilweni futhi ingenza umuntu asheshe afe? Ubungabalingisa futhi ukhuthaze abantwana bakho ukuba benze kanjalo, noma ubungahlanganyela nabo ngenhlonipho lokho okufundile? Ngokufanayo, ulwazi lweqiniso leBhayibheli luletha umthwalo wemfanelo. Uma kunokwenzeka, kumelwe sihlanganyele namalungu omkhaya lokho esikufundayo. Kumelwe senze isinqumo: Ingabe simthanda ngempela uNkulunkulu? Ingabe sifuna ngempela ukulalela iNdodana kaNkulunkulu? Ukwenza kwethu kanjalo kungase kudinge ukuba sishiye inkolo yabazali bethu ukuze sithathe ukukhulekela kweqiniso. Ngokuqinisekile bekungeke kufaneleke ukuba sivumele ukuzinikela kwethu kubazali bethu kube kukhulu kunothando lwethu ngoNkulunkulu noKristu, akunjalo? UJesu wathi: “Othanda uyise nonina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele.”—Math. 10:37.
Josh. 24:14: “Manje yesabani uJehova, nimkhonze ngobuqotho nangeqiniso, nisuse onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo phesheya koMfula naseGibithe, nimkhonze uJehova.” (Lokho kwakusho ukushintsha enkolweni yawoyise, akunjalo? Ukuze bakhonze uJehova ngokwamukelekayo, kwakudingeka bahlukane nanoma iziphi izithombe ezazisetshenziswa enkolweni enjalo futhi bahlanze izinhliziyo zabo kunoma isiphi isifiso salezozinto.)
1 Pet. 1:18, 19: “Nazi ukuthi anihlengwanga ekuhambeni kwenu okuyize enakunikezwa ngawoyihlo ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide, kodwa ngegazi elinqabileyo likaKristu kungathi elewundlu elingenacala, elingenabala.” (Ngakho-ke, amaKristu akuqala azishiya lezozimfundiso zawokhokho bawo, okuyizimfundiso ezazingenakulokotha ziwanikeze ukuphila okuphakade. Ukubonga ngomhlatshelo kaKristu kwawenza ashisekela ukuhlukana nanoma yini eyayibangela ukuphila kwawo kungabi nazithelo, kuntule injongo yoqobo ngenxa yokuthi ayengamdumisi uNkulunkulu. Akumelwe yini nathi sibe nesimo esifanayo?)
Uyini umbono weBhayibheli ngokuxubanisa izinkolo?
UJesu wababheka kanjani abaholi benkolo ababezenza abalungileyo kodwa bengamhloniphi uNkulunkulu? “Wathi kubo uJesu: Uma uNkulunkulu ebenguYihlo, beniyakungithanda mina, ngokuba ngafika ngivela kuNkulunkulu; ngokuba angizizelanga ngokwami, kepha yena ungithumile. . . . Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo. Kepha mina, ngokuba ngikhuluma iqiniso, anikholwa yimi. . . . Kungakho ningezwe nina, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.”—Joh. 8:42-47.
Ingabe bekuyobonisa ukwethembeka kuNkulunkulu nasezindinganisweni zakhe zokulunga uma izinceku zakhe bezingamukela ebuzalwaneni bazo labo bona ngokwabo abenza lokho uNkulunkulu akulahlayo noma abavumela imikhuba enjalo? “Ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe, noma engohahayo, noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningaze nadla nokudla nonjalo. . . . Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo, namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.” (1 Kor. 5:11; 6:9, 10) “Lowo othanda ukuba-ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.” (Jak. 4:4) “Nina enithanda uJehova zondani okubi; uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo.”—IHu. 97:10.
2 Kor. 6:14-17: “Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na? Unakuzwana kuni uKristu noBeliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na? Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? . . . Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi; ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela.”
IsAm. 18:4, 5: “Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo, ngokuba izono zalo zifinyelele ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwalo.” (Ngemininingwane, bheka isihloko esikhulu esithi “IBabiloni Elikhulu.”)
Ingabe ukuba ngowenkolo ethile ehleliwe kudingekile?
Izinhlangano eziningi ezingokwenkolo ziye zaveza izithelo ezimbi. Okubi akukhona ukuthi lamaqembu ahleliwe. Kodwa amaningi aye akhuthaza izinhlobo zokukhulekela ezisekelwe ezimfundisweni zamanga futhi ikakhulukazi ezinemininingwane yezinkonzo esikhundleni sokunikeza ukuqondisa koqobo okungokomoya; ziye zasetshenziswa ukuba zibuse ukuphila kwabantu ngezinjongo zobugovu; ziye zakhathalela ngokweqile ukuqoqa izimali nezindlu zikanokusho zokukhulekela esikhundleni sezidingo ezingokomoya; amalungu azo ngokuvamile angabazenzisi. Ngokusobala akekho othanda ukulunga ongathanda ukuba ngowenhlangano enjalo. Kodwa inkolo yeqiniso iphambene ngendlela eqabulayo kukho konke lokho. Nokho, ukuze ifeze izimfuneko zeBhayibheli, kumelwe ihleleke.
Heb. 10:24, 25: “Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.” (Ukuze sifeze lomyalo ongokomBhalo, kumelwe kube nemihlangano yobuKristu esingase siye kuyo njalo. Ilungiselelo elinjalo lisikhuthaza ukuba sibonise uthando kwabanye, hhayi nje ukuzikhathalela thina ngokwethu.)
1 Kor. 1:10: “Ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume-zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.” (Ubunye obunjalo bebungenakufinyelelwa uma abantu ngabanye bengahlangani ndawonye, bazuze esimisweni esifanayo sokondliwa ngokomoya, futhi bahloniphe inxusa lokho kufundiswa okulungiselelwa ngalo. Bheka futhi uJohane 17:20, 21)
1 Pet. 2:17: “Nithande abazalwane.” (Ingabe lokho kuhlanganisa kuphela labo abangase bahlangane ndawonye ngenjongo yokukhulekela ekhaya elithile? Lutho neze; kungabazalwane bomhlaba wonke, njengoba kuboniswe kwabaseGalathiya 2:8, 9 nakweyoku-1 Korinte 16:19.)
Math. 24:14, NW: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa kuwo wonke umhlaba owakhiwe ngenjongo yobufakazi kuzo zonke izizwe; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Ukuze zonke izizwe zinikezwe ithuba lokuzwa lezozindaba ezinhle, ukushunyayelwa kwazo kumelwe kwenziwe ngendlela ehlelekile, kube nokwengamela okufanele. Uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane luye lwabangela abantu kuwo wonke umhlaba ukuba babe nemizamo ehlangene yokwenza lomsebenzi.)
Bheka futhi isihloko esikhulu esithi “Inhlangano.”
Ingabe ukuthanda umakhelwane wakho ikhona okubaluleke ngempela?
Akukho kungabaza ngalokho, uthando olunjalo lubalulekile. (Roma 13:8-10) Kodwa ukuba ngumKristu kuhilela okungaphezu nje kokuba nomusa kumakhelwane wakho. UJesu wathi abafundi bakhe beqiniso babeyohlukaniseka ngokuvelele ngothando lwabo omunye nomunye, abakholwa nabo. (Joh. 13:35) Ukubaluleka kwalokho kugcizelelwe ngokuphindaphindiwe eBhayibhelini. (Gal. 6:10; 1 Pet. 4:8; 1 Joh. 3:14, 16, 17) Nokho, uJesu wabonisa ukuthi okubaluleke ngisho nangaphezulu uthando lwethu ngoNkulunkulu ngokwakhe, olubonakaliswa ngokulalela kwethu imiyalo yakhe. (Math. 22:35-38; 1 Joh. 5:3) Ukuze sibonise uthando olunjalo, sidinga ukutadisha futhi sisebenzise iZwi likaNkulunkulu futhi sihlangane nezinye izinceku zikaNkulunkulu ngenjongo yokukhulekela.
Ingabe ukuba nobuhlobo bomuntu siqu noNkulunkulu yikhona okubaluleke ngempela?
Ngokuqinisekile kubalulekile. Ukumane ube khona ezinkonzweni ezingokwenkolo njengesiko akunayikuyithatha indawo yakho. Kodwa sidinga ukuqaphela. Ngani? Ekhulwini lokuqala, kwakunabantu ababecabanga ukuthi banobuhlobo obuhle noNkulunkulu kodwa uJesu abonisa ukuthi babenza iphutha elibi. (Joh. 8:41-44) Umphostoli uPawulu wabhala ngabanye ngokusobala ababeyishisekela inkolo yabo futhi becabanga ukuthi banobuhlobo obuhle noNkulunkulu kodwa ababengaqondi ukuthi yini eyayidingeka ngempela ukuze bavunyelwe uNkulunkulu.—Roma 10:2-4.
Besingaba nabo yini ubuhlobo obuhle bomuntu siqu noNkulunkulu uma singayibheki njengebalulekile imiyalo yakhe? Omunye walena uwukuba sihlangane njalo nalabo esikholwa nabo.—Heb. 10:24, 25.
Uma sifunda iBhayibheli ngokomuntu siqu, ingabe lokho kwanele?
Kuyiqiniso ukuthi abantu abaningi bangafunda okuningi ngokuzifundela ngokwabo iBhayibheli. Uma isisusa sabo siwukufunda iqiniso ngoNkulunkulu nezinjongo zakhe, abakwenzayo kutuswa kakhulu. (IzE. 17:11) Kodwa, uma singazikhohlisi, ingabe ngempela singazuza ukubaluleka okugcwele kwalo lonke ngaphandle kosizo? IBhayibheli lilandisa ngendoda eyayinesikhundla esivelele kodwa eyazithoba ngokwanele ukuba ivume isidingo sosizo ekuqondeni isiprofetho seBhayibheli. Lolosizo lwanikezwa ilungu lebandla lobuKristu.—IzE. 8:26-38; qhathanisa nezinye izindawo ezikhuluma ngoFiliphu kuzEnzo 6:1-6; 8:5-17.
Yebo, uma umuntu efunda iBhayibheli kodwa engalisebenzisi ekuphileni kwakhe, akumsizi ngalutho. Uma elikholelwa futhi enza elikushoyo, uyohlanganyela nezinceku zikaNkulunkulu emihlanganweni yebandla yasikhathi sonke. (Heb. 10:24, 25) Uyohlanganyela nazo futhi ekuhlanganyeleni “izindaba ezinhle” nabanye abantu.—1 Kor. 9:16; Marku 13:10; Math. 28:19, 20.
Umuntu angazi kanjani ukuthi iyiphi inkolo eqondile?
(1) Izimfundiso zayo zisekelwephi? Ingabe zivela kuNkulunkulu, noma ingabe ikakhulukazi zivela kubantu? (2 Thim. 3:16; Marku 7:7) Ngokwesibonelo, buza: Kukuphi lapho iBhayibheli lifundisa khona ukuthi uNkulunkulu unguZiqu-zintathu? Kukuphi lapho lithi umphefumulo womuntu awunakufa?
(2) Cabangela ukuthi iyalazisa yini igama likaNkulunkulu. UJesu wathi lapho ethandaza kuNkulunkulu: “Ngibonakalisile igama lakho kubantu ongiphé bona kwabasezweni.” (Joh. 17:6) Wathi: “Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.” (Math. 4:10) Ingabe inkolo yakho iye yakufundisa ukuthi ‘uJehova okumelwe umkhulekele’? Ingabe usuyamazi uMuntu obizwa ngalelogama—izinjongo zakhe, imisebenzi yakhe, izimfanelo zakhe—kangangokuthi unomuzwa wokuthi ungasondela kuye ngesibindi?
(3) Ingabe ukholo lweqiniso kuJesu Kristu luyabonakaliswa? Lokhu kuhlanganisa ukwazisa ukubaluleka komhlatshelo wokuphila kukaJesu kobuntu nesikhundla sakhe manje njengeNkosi yasezulwini. (Joh. 3:36; IHu. 2:6-8) Ukwazisa okunjalo kuboniswa ngokulalela uJesu—ukuhlanganyela ngokomuntu siqu nangentshiseko emsebenzini awabela abalandeli bakhe. Inkolo yeqiniso inokholo olunjalo oluhambisana nemisebenzi.—Jak. 2:26.
(4) Ingabe ikakhulukazi iyimicikilisho yenkonzo, ukugcina umthetho, noma iyindlela yokuphila? UNkulunkulu umelene ngokunamandla nenkolo emane iwukugcina umthetho nje. (Isaya 1:15-17) Inkolo yeqiniso isekela izindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha nenkulumo ehlanzekile esikhundleni sokuwela ekuhambisaneni nemikhuba ethandwayo. (1 Kor. 5:9-13; Efe. 5:3-5) Amalungu ayo abonakalisa izithelo zomoya kaNkulunkulu ekuphileni kwawo. (Gal. 5:22, 23) Ngakho-ke, labo abanamathela ekukhulekeleni kweqiniso bangabonakala ngenxa yokuthi bazama ngobuqotho ukusebenzisa izindinganiso zeBhayibheli ekuphileni kwabo hhayi nje kuphela ezindaweni abahlangana kuzo kodwa ekuphileni kwemikhaya yabo, emsebenzini wabo wokuziphilisa, esikoleni, nasekuzilibaziseni.
(5) Ingabe amalungu ayo athandana ngempela? UJesu wathi: “Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.” (Joh. 13:35) Uthando olunjalo ludlulela ngalé kwemingcele yobuhlanga, inhlalo, neyobuzwe, luhlanganisa abantu ndawonye ebuzalwaneni boqobo. Loluthando lunamandla kangangokuthi lubenza bahluke ngempela. Lapho izizwe ziya empini, obani abanothando olwanele ngabafowabo abangamaKristu abakwamanye amazwe kangangokuthi bayenqaba ukuthatha izikhali bababulale? Ilokho amaKristu okuqala akwenza.
(6) Ingabe ihluke ngempela ezweni? UJesu wathi abalandeli bakhe beqiniso ‘babengesibo abezwe.’ (Joh. 15:19) Ukukhulekela uNkulunkulu ngendlela ayivumelayo kudinga ukuba sizigcine “kungabi-yicala lokwezwe.” (Jak. 1:27) Kungashiwo yini lokhu ngalabo abefundisi babo namanye amalungu ahileleke kwezombangazwe, noma abakuphila kwabo kwakhelwe kakhulukazi ezifisweni zezinto ezibonakalayo nezenyama?—1 Joh. 2:15-17.
(7) Ingabe amalungu ayo angofakazi abakhuthele ngokuqondene noMbuso kaNkulunkulu? UJesu wabikezela: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa kuwo wonke umhlaba owakhiwe ngenjongo yobufakazi kuzo zonke izizwe; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Math. 24:14, NW) Iyiphi inkolo ewushumayela ngempela uMbuso kaNkulunkulu njengethemba lesintu esikhundleni sokukhuthaza abantu ukuba babheke imibuso yabantu ukuba ixazulule izinkinga zabo? Ingabe inkolo yakho iye yakuhlomisela ukuba uhlanganyele kulomsebenzi, futhi ukwenze lokho endlini ngendlu njengoba uJesu afundisa abaphostoli bakhe ukuba benze?—Math. 10:7, 11-13; IzE. 5:42; 20:20.
Ingabe oFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi eyabo ukuphela kwenkolo yeqiniso?
Bheka amakhasi 210, 211, ngaphansi kwesithi “OFakazi BakaJehova.”
Kungani abanye abantu benokholo kanti abanye abanalo?
Bheka isihloko esikhulu esithi “Ukholo.”
Uma Umuntu Ethi—
‘Anginasithakazelo ngenkolo’
Ungase uphendule: ‘Lokho akungimangazi. Abantu abaningi banombono onjengowakho. Ngingakubuza, ingabe umuzwa obulokhu unawo sonke isikhathi?’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: ‘Enye yezinto eye yangithinta ukuthola ukuthi cishe zonke izimfundiso eziyinhloko ezifundiswa emasontweni namuhla azitholakali eBhayibhelini. (Mhlawumbe ungasebenzisa okutholakala emakhasini 210, 211 ngaphansi kwesithi “OFakazi BakaJehova,” ugcizelele kakhulu uMbuso. Ngendlela yokuqhathanisa, veza lokho oFakazi BakaJehova abakukholelwayo, njengoba kuhlelwe emakhasini 206, 207.)’
Bheka futhi amakhasi 16, 17.
‘Kunokuzenzisa okukhulu enkolweni’
Ungase uphendule: ‘Yebo, ngiyavumelana nawe. Abaningi bashumayela okunye baphile ngenye indlela. Kodwa ake ungitshele, uzizwa kanjani ngeBhayibheli? (IHu. 19:7-10)’
‘Ngiphila ngendlela elungile. Ngibaphatha kahle omakhelwane bami. Lokho kwanele kimina’
Ungase uphendule: ‘Njengoba uthi uphila ngendlela elungile, ngokusobala uyakujabulela ukuphila, akunjalo? . . . Ubungathanda kanjani ukuphila ngaphansi kwezimo ezichazwe lapha kusAmbulo 21:4? . . . Phawula lokho uJohane 17:3 athi kudingekile ukuze sihlanganyele kuzona.’
Bheka futhi amakhasi 104, 105.
‘Anginasithakazelo enkolweni ehleliwe. Ngikholelwa ukuthi ubuhlobo bomuntu siqu noNkulunkulu yibona obubalulekile’
Ungase uphendule: ‘Lokho kuyangithakazelisa. Ingabe umuzwa obulokhu unawo sonke isikhathi? . . . Ingabe likhona iqembu lenkolo owake wahlanganyela nalo esikhathini esidlule? . . . (Khona-ke mhlawumbe ungasebenzisa indaba esemakhasini 103-106.)’
‘Angivumelani nakho konke isonto lami elikufundisayo, kodwa angisiboni isidingo sokushintshela kwelinye. Kunalokho ngingasebenzela ukuthuthuka ngikwelami’
Ungase uphendule: ‘Ngiyakwazisa ukungitshela kwakho lokho. Ngiyaqiniseka ukuthi uyovuma ukuthi okubaluleke ngempela kithina sonke kuwukuvunyelwa uNkulunkulu, akunjalo?’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘UNkulunkulu sonke usinikeza okuthile okungathi sína kokucabanga ngakho lapha kusAmbulo 18:4, 5. . . . Ngisho noma thina ngokwethu singazenzi izinto ezimbi, iBhayibheli libonisa ukuthi sinecala nathi uma sisekela lezinhlangano. (Bheka futhi isihloko esikhulu esithi “IBabiloni Elikhulu.”)’ (2) (Mhlawumbe ungasebenzisa indaba esemakhasini 106, 107.) (3) ‘UNkulunkulu ufuna abantu abathanda iqiniso, futhi ubahlanganisela ndawonye ekukhulekeleni okunobunye. (Joh. 4:23, 24)’
‘Zonke izinkolo zilungile; uneyakho, nami ngineyami’
Ungase uphendule: ‘Ngokusobala ungumuntu ocabangayo. Kodwa futhi uyaqaphela ukuthi sonke siyakudinga ukuqondiswa okunikezwa yiZwi likaNkulunkulu, futhi kungakho unenkolo yakho, akunjalo?’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: ‘Lapha kuMathewu 7:13, 14 iBhayibheli lisinikeza ukuqondiswa okubalulekile emazwini kaJesu. (Ifunde.) . . . Kungani kungaba njalo?’
Bheka futhi amakhasi 99-101.
‘Uma nje ukholelwa kuJesu, akunandaba ngempela ukuthi ukuliphi isonto’
Ungase uphendule: ‘Akukho kungabaza ngalokho, ukukholelwa kuJesu kubalulekile. Futhi nginethemba lokuthi ngalokho usho ukwamukela konke akufundisa. Ngokungangabazeki nawe uye waphawula, njengoba nami ngiye ngaphawula, ukuthi abaningi abathi bangamaKristu abaphili ngempela ngokwalokho okumelelwe ilelogama.’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Phawula okwashiwo uJesu lapha kuMathewu 7:21-23.’ (2) ‘Kunekusasa elimangalisayo ngalabo abazikhathazayo ngokuthola ukuthi intando kaNkulunkulu iyini bese beyenza. (IHu. 37:10, 11; IsAm. 21:4)’
‘Yini ekwenza ucabange ukuthi kunenkolo eyodwa kuphela eqinisileyo?’
Ungase uphendule: ‘Ngokungangabazeki, kunabantu abaqotho cishe kuzo zonke izinkolo. Kodwa okubaluleke ngempela ilokho okushiwo yiZwi likaNkulunkulu. Zingaki izinkolo zeqiniso elibhekisela kuzo? Phawula okulotshwe lapha kwabase-Efesu 4:4, 5.’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Lokhu kuyavumelana nokuphawulwa eminye imibhalo. (Math. 7:13, 14, 21; Joh. 10:16; 17:20, 21)’ (2) ‘Ngakho-ke, inselele okumelwe sibhekane nayo iwukuthola leyonkolo. Singakwenza kanjani? (Mhlawumbe ungasebenzisa indaba esemakhasini 105-107.)’ (3) (Bheka futhi okusemakhasini 206, 207, ngaphansi kwesihloko esithi “OFakazi BakaJehova.”)
‘Mina ngizifundela iBhayibheli lami ekhaya ngithandaze kuNkulunkulu ukuba anginike ukuliqonda’
Ungase uphendule: ‘Ingabe usuye waphumelela ukulifunda lonke iBhayibheli?’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: ‘Njengoba usebenzela kulokho, uyothola okuthile okuthakazelisa kakhulu kuMathewu 28:19, 20. . . . Lokhu kubalulekile ngoba kubonisa ukuthi uKristu usebenzisa abanye abantu ukuba basisize ekuqondeni lokho okuhilelekile ekubeni ngumKristu wangempela. Ngokuvumelana nalokho, oFakazi BakaJehova bazinikelela ukuhambela abantu emakhaya abo isikhathi esingaba ihora isonto ngalinye, mahhala, ukuba baxoxe ngeBhayibheli. Ngingakubonisa imizuzu emibalwa nje ukuthi lokhu sikwenza kanjani?’
Bheka futhi amakhasi 105, 106.
‘Nginomuzwa wokuthi inkolo iyindaba yomuntu siqu’
Ungase uphendule: ‘Lowo umbono ovamile namuhla, futhi uma abantu bengenasithakazelo ngempela esigijimini seBhayibheli, simane nje siye kweminye imikhaya ngenjabulo. Kodwa ingabe bewazi ukuthi isizathu sokuba ngize kuwena siwukuthi yilokho uJesu ayala abalandeli bakhe ukuba bakwenze? . . . (Math. 24:14; 28:19, 20; 10:40)’