-
Ukukhuluma NgokuqephuzaZuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
-
-
ISIFUNDO 4
Ukukhuluma Ngokuqephuza
LAPHO ufunda ngokuzwakalayo, ingabe uyabambeka emagameni athile? Noma lapho uma phambi kwezilaleli ukuze unikeze inkulumo, ingabe uye uzithole ulahlekelwa amagama afanele? Uma kunjalo, kungenzeka ukuthi unenkinga yokukhuluma ngokuqephuza. Umuntu oqephuzayo ufunda futhi akhulume ngendlela yokuthi amagama namaphuzu aphume ngokushelela nakalula. Lokhu akusho ukuthi ukhuluma undendende, ukuthi ukhuluma asheshise kakhulu noma ukuthi ukhuluma engacabangile. Akushoyo kuzwakala kumnandi futhi kuphiqilika. Kugxilwa kakhulu ekuqephuzeni eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini.
Kunezici ezihlukahlukene ezingase zibe nomthelela ekuntulekeni kokuqephuza. Ingabe kudingeka ucabangele ngokukhethekile okunye kwalokhu okulandelayo? (1) Lapho ufundela abanye, ukungajwayelani namanye amagama kungase kukwenze ungingize. (2) Izikhawu eziningi ezincane zingase zikwenze uhixize uma ukhuluma. (3) Ukungalungiseleli kungaba nomthelela kule nkinga. (4) Lapho ukhuluma eqenjini, isici esivamile sokungakhulumi ngokuqephuza ukwehluleka ukulandelanisa ngononina indaba yakho. (5) Ukuswela amagama kungase kubangele umuntu ukuba angingize njengoba efuna amagama akahle. (6) Uma kugcizelelwa amagama amaningi kakhulu, ukuqephuza kungase kuphazamiseke. (7) Ukungajwayelani nemithetho yolimi kungase kube nomthelela.
Uma ungaqephuzi, izilaleli eHholo LoMbuso ngeke ziphume zihambe ngokoqobo, kodwa izingqondo zazo zingase zizule. Ngenxa yalokho, okuningi okushoyo kungase kuhambe nomoya.
Ngakolunye uhlangothi, kumelwe kuqashelwe ukuba inkulumo ehloselwe ukuba ibe namandla futhi inikezwe ngokuqephuza akufanele ibonise indelelo, mhlawumbe ize ibangele izilaleli amahloni. Uma mhlawumbe ngenxa yokungafani kwamasiko, abantu bebheka indlela okhuluma ngayo njengengacabangeli noma engenamusa, lokho kungase kungayifezi injongo yakho. Kuyaphawuleka ukuthi nakuba umphostoli uPawulu ayeyisikhulumi esinokuhlangenwe nakho, wakhuluma nabaseKorinte “ngobuthakathaka nokwesaba nangokuthuthumela okukhulu” ukuze angaziqhakambisi ngokungadingekile.—1 Kor. 2:3.
Izejwayezi Okumelwe Zigwenywe. Abantu abaningi banomkhuba wokufakela amazwana anjengokuthi “eh, eh” lapho bekhuluma. Abanye bavama ukuqala umusho ngokuthi “kush’ ukuthi,” noma bafaka inkulumo enjengokuthi “angith’ uyabona,” “sibe yilabo,” “sibe nakho” noma “sibe nokuthi” kunoma yini abayishoyo. Mhlawumbe awuqapheli ukuthi uyisebenzisa kaningi kangakanani inkulumo enjalo. Ungase wenze isikhathi sokuprakthiza lapho kunothile okulalele futhi aphindaphinde lezi zejwayezi njalo lapho uzisho. Uyomangala.
Abanye abantu lapho befunda futhi bekhuluma, balokhu bebuyela emuva. Baqala umusho bese beziphazamisa phakathi nawo babuye baphinde okungenani ingxenye yalokho abasuke sebekushilo kakade.
Kanti abanye bakhuluma basheshise ngokwanele, kodwa baqala umqondo othile, bese kuthi phakathi nalowo musho bagxumele komunye umqondo. Nakuba amagama ephuma ngokushelela, ukushintsha umqondo ngokungazelelwe kuyakuphazamisa ukuqephuza.
Indlela Yokuthuthuka. Uma inkinga yakho iwukuthi uvame ukulahlekelwa igama elifanele, kudingeka wenze umzamo wokwandisa uhlu lwamagama owaziyo. Waphawule ngokukhethekile amagama ongawajwayele kuyi-Nqabayokulinda, i-Phaphama!, nezinye izincwadi okungenzeka uzifunde. Wabheke kusichazamazwi, bheka ukuphinyiselwa kwawo nencazelo yawo, bese ufaka amanye ala magama enqolobaneni yakho yamagama. Uma ungenaso isichazamazwi, cela usizo kothile olukhuluma kahle lolo lulimi.
Ukukwenza umkhuba ukufunda ngokuzwakalayo kuyokusiza uthuthuke. Phawula amagama anzima, bese uwasho ngokuzwakalayo izikhathi eziningana.
Ukuze ufunde ngokushelela, kudingeka ukuba uqonde indlela amagama asebenza ngayo ndawonye emushweni. Ngokuvamile, amagama kudingeka afundwe ngamaqoqo ukuze adlulisele umqondo wombhali. Phawula indlela lawo maqoqo amagama ahlelwe ngayo. Uma kuyokusiza, wadwebele. Umgomo wakho uwukudlulisela amaphuzu ngokucacile, hhayi nje kuphela ukufunda kahle amagama. Ngemva kokuhlaziya umusho owodwa, dlulela kolandelayo kuze kube yilapho ususitadishe sonke isigaba. Zijwayelanise nendlela amaphuzu alandelana ngayo. Yibe usuprakthiza ukufunda ngokuzwakalayo. Funda isigaba ngokuphindaphindiwe kuze kube yilapho ungasabambeki noma ungasami ezindaweni ezingafanele. Yibe usuqhubekela kwezinye izigaba.
Ngokulandelayo, thuthukisa ijubane lakho. Uma sewazi ukuthi asebenza kanjani ndawonye amagama emushweni, uyokwazi ukubona amagama angaphezu kwelilodwa ngesikhathi futhi ukwazi ukucabanga ngokufanele kulandele. Lokhu kuyolekelela kakhulu ekuphumeleleni kokufunda kwakho.
Ukuzijwayeza ukuvele ufunde nje ungaprakthizanga kungaba yindlela enhle yokuziqeqesha. Ngokwesibonelo, ngaphandle kokulungiselela kusengaphambili, funda umbhalo wosuku nokukhulunyelwa kwawo ngokuzwakalayo; futhi kwenze njalo lokhu. Jwayela ukuvumela iso lakho lifunde iqoqo lamagama eliveza umqondo ophelele kunokubuka igama elilodwa nje ngesikhathi.
Ukuze uqephuze lapho uxoxa, kudingeka ucabange ngaphambi kokukhuluma. Kwenze umkhuba lokho ekuphileni kwakho kwansuku zonke. Nquma ukuthi yini ofuna ukuyisho nokuthi ufuna ukuyibeka kanjani; yibe usuqala-ke ukukhuluma. Ungasheshi. Zama ukusho umqondo ophelele ngaphandle kokuma noma ukushintshela kwelinye iphuzu phakathi nendawo. Ungase ukuthole kuwusizo ukusebenzisa imisho emifushane nelula.
Amagama ayoziphumela kalula uma wazi kahle ukuthi ufuna ukuthini. Akudingekile ngempela ukuba ukhethe amagama ozowasebenzisa. Empeleni, ngenjongo yokuprakthiza, kungcono ukuqiniseka ukuthi umqondo ucacile engqondweni yakho bese ucabanga ngamagama njengoba uqhubeka ukhuluma. Uma wenza kanjalo futhi ugxila kulokho ofuna ukukusho kunokuba unake kakhulu amagama owakhulumayo, amagama ayoziphumela nje kalula futhi okushoyo kuyozwakala njengokuphuma enhliziyweni. Kodwa lapho uqala ukucabanga ngamagama kunokucabanga ngamaphuzu, ungase ubambeke lapho ukhuluma. Ngokuprakthiza, ungaphumelela ekuthuthukiseni ukuqephuza, isici esibalulekile ekukhulumeni nasekufundeni ngokuphumelelayo.
Lapho abelwa ukuba amelele uJehova esizweni sakwa-Israyeli phambi kukaFaro waseGibithe, uMose waba nomuzwa wokuthi wayengafaneleki. Ngani? Ngenxa yokuthi wayengesona isikhulumi esiqephuzayo; kungenzeka ukuthi wayenobuthaka ekukhulumeni. (Eks. 4:10; 6:12) UMose wabeka izaba eziningi, kodwa asikho nesisodwa esamukeleka kuNkulunkulu. UJehova wamthuma kanye no-Aroni ukuba abe umkhulumeli wakhe, kodwa [uJehova] wamsiza noMose ukuba akhulume. UMose akagcinanga nje ngokukhuluma nabantu ngabanye namaqembu amancane, kodwa wakhuluma nesizwe sonke, ngokuphindaphindiwe nangokuphumelelayo. (Dut. 1:1-3; 5:1; 29:2; 31:1, 2, 30; 33:1) Uma wenza okusemandleni akho kuyilapho uthembela kuJehova, nawe ungamdumisa uNkulunkulu ngendlela okhuluma ngayo.
-
-
Ukuhlaba Ikhefu OkufaneleZuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
-
-
ISIFUNDO 5
Ukuhlaba Ikhefu Okufanele
LAPHO ukhuluma, kubalulekile ukuhlaba amakhefu ezindaweni ezifanele. Lokhu kuyiqiniso kungakhathaliseki ukuthi unikeza inkulumo noma ukhuluma nomuntu oyedwa. Ngaphandle kokuhlaba ikhefu, lokho okushiwoyo kungase kuzwakale kuwumsindo nje ongasho lutho kunokuba kube amaphuzu acacile. Ukuhlaba ikhefu okufanele kusiza ekucaciseni into oyishoyo. Kungase kwenziwe nangenjongo yokuba amaphuzu akho ayinhloko akhumbuleke njalo.
Unganquma kanjani ukuthi kumelwe ulihlabe nini ikhefu? Kumelwe abe made kangakanani amakhefu?
Hlaba Ikhefu Ngenxa Yezimpawu Zenkulumo. Izimpawu zenkulumo ziyingxenye ebalulekile yolimi olubhalwayo. Zingase zibonise ukuphela komusho noma umbuzo. Kwezinye izilimi zisetshenziselwa ukuhlukanisa izingcaphuno. Ezinye izimpawu zenkulumo zibonisa ukuhlobana kwezingxenye zemisho. Umuntu ozifundelayo uyazibona izimpawu zenkulumo. Kodwa uma efundela abantu ngokuzwakalayo, izwi lakhe kumelwe likuveze lokho okushiwo yinoma iziphi izimpawu zenkulumo ahlangana nazo njengoba efunda. (Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka iSifundo 1, “Ukufunda Ngokunembile.”) Ukungalihlabi ikhefu lapho izimpawu zenkulumo zithi lihlabe kungase kwenze kube nzima ngabanye ukuba bakuqonde lokho okufundayo noma futhi kungase ngisho kusonte incazelo yalokho okufundayo.
Ngaphandle kwezimpawu zenkulumo, indlela amaphuzu avezwa ngayo emushweni iyonquma ukuthi kumelwe ahlatshwe kuphi amakhefu. Umculi odumile wake wathi: “Angibedluli abanye ngokudlala umculo wopiyano. Kodwa ukuhlaba ikhefu phakathi kwamanothi, ah, ilele lapho imfihlo.” Kuyefana nangokukhuluma. Ukuhlaba ikhefu ngendlela efanele kuyokwenza indaba yakho elungiselelwe kahle ibe yinhle futhi izwakale.
Lapho ulungiselela ukufundela iningi, ungase ukuthole kuwusizo ukwenza izimpawu ezithile encwadini ozobe uyifunda. Dweba ulayini omncanyana omile lapho kumelwe uhlabe khona ikhefu. Dweba olayini ababili abamile abasondelene lapho kufanele uhlabe khona ikhefu elijana. Uma uthola ukuthi amagama athile awuwajwayele futhi ulokhu uma ezindaweni ezingafanele, sebenzisa ipeni lomsizi uhlanganise wonke amagama akha lowo mushwana onzima. Yibe usufunda lowo mushwana usuka ekuqaleni kuze kube sekugcineni. Eziningi izikhulumi ezingomakad’ ebona ziyakwenza lokhu.
Ukuhlaba ikhefu enkulumweni yansuku zonke ngokuvamile akubi inkinga ngoba usuke wazi ukuthi ufuna ukuthini. Nokho, uma unesijwayezi sokwenza izikhawu njalo kungakhathaliseki ukuthi ziyafaneleka yini ukuze kuvele umqondo, okushoyo kuyontula umfutho futhi ngeke kuzwakale. Ukusikisela kokuthi ungathuthuka kanjani kuseSifundweni 4, “Ukukhuluma Ngokuqephuza.”
Ukuhlaba Ikhefu Kokushintsha Umqondo. Lapho ushintsha usuka kwelinye iphuzu eliyinhloko uya kwelinye, ukuhlaba ikhefu kunganika izilaleli zakho ithuba lokuzindla, lokuzilungiselela, lokubona ukuthi usuyashintsha, nelokulithola kahle iphuzu elilandelayo. Kubalulekile ukuhlaba ikhefu lapho usuka komunye umqondo uya komunye, kufana nje nokwehlisa isivinini semoto lapho ujika usuka komunye umgwaqo ungena komunye.
Esinye isizathu esenza ezinye izikhulumi zigijime zisuka komunye umqondo ziye komunye ngaphandle kokuhlaba ikhefu, ukuthi zizama ukuhlanganisa indaba eningi kakhulu. Lo mkhuba usuke ubonisa indlela abanye abakhuluma ngayo nsuku zonke. Mhlawumbe bonke abantu ababazungezile bakhuluma ngendlela efanayo. Kodwa le ndlela ayiphumeli ekufundiseni okuphumelelayo. Uma unokuthile okumelwe abantu bakuzwe futhi bakukhumbule, khona-ke zinike isikhathi sokwenza lelo phuzu liqhame. Kufanele wazi ukuthi ukuhlaba ikhefu lapho ukhuluma kubalulekile ukuze imiqondo idluliselwe ngokucacile.
Uma uzonikeza inkulumo usebenzisa uhlaka, kumelwe indaba yakho ihlelwe ngendlela yokuthi kube lula ukubona ukuthi kukuphi lapho kumelwe uhlabe khona ikhefu phakathi kwamaphuzu asemqoka. Uma uyobe unikeza inkulumo efundwayo, phawula izindawo lapho kunoshintsho khona kusuka kwelinye iphuzu elisemqoka kuya kwelinye.
Amakhefu ahlatshelwa ukushintsha umqondo ngokuvamile aba made kunalawo owahlaba ngenxa yezimpawu zenkulumo—nokho, akumelwe abe made aze enze inkulumo yakho ibe yisicefe. Uma emade kakhulu, kunikeza umuzwa wokuthi awulungiselele kahle futhi usazama ukuthola ukuthi yini osuzoyisho ngokulandelayo.
Ukuhlaba Ikhefu Kokugcizelela. Ikhefu lokugcizelela livame ukuba nomphumela omuhle kakhulu, okusho ukuthi, landulela noma lilandela umusho noma umbuzo obuzwa ngomfutho othile. Ikhefu elinjalo linikeza izilaleli ithuba lokuzindla ngalokho okuqeda kushiwo, noma lakha ukulangazelela ngalokho okuzolandela. Lokhu akufani. Nquma ukuthi iyiphi indlela efanele ongayisebenzisa. Kodwa khumbula ukuthi amakhefu okugcizelela kufanele enziwe kuphela ezindaweni ezibaluleke ngempela. Ngaphandle kwalokho, iphuzu lakho liyolahleka.
Lapho uJesu efunda imiBhalo ngokuzwakalayo esinagogeni laseNazaretha, wasebenzisa amakhefu ngokuphumelelayo. Okokuqala, wafunda lokho ayekuthunyiwe emqulwini womprofethi u-Isaya. Nokho, ngaphambi kokuchaza ukuthi kusebenza kanjani, wawugoqa umqulu, wawubuyisela esikhonzini, wabe esehlala phansi. Khona-ke njengoba amehlo abo bonke esinagogeni ayethé njo kuye, wathi: “Namuhla lo mbhalo enisanda kuwuzwa ugcwalisekile.”—Luka 4:16-21.
Hlaba Ikhefu Lapho Izimo Zibizela Lokho. Iziphazamiso nazo zingase zidinge ukuba ngesinye isikhathi uhlabe ikhefu lapho ukhuluma. Umsindo wezimoto ezidlulayo noma womntwana okhalayo ungase udinge ukuba uthi ukuyimisa ingxoxo kanye nomninikhaya omthole enkonzweni yasensimini. Uma isiphazamiso singesikhulu kakhulu emhlanganweni omkhulu, ungase ukwazi ukuphakamisa izwi uqhubeke. Kodwa uma kunomsindo omkhulu futhi odonsayo, kufanele ume. Izilaleli zakho ziyobe zingalalele vele. Ngakho-ke, hlaba ikhefu ngendlela enenjongo, ngombono wokusiza izilaleli zakho ukuba zizuze ngokugcwele ezintweni ezinhle ofuna ukuzitshela zona.
Hlaba Ikhefu Lokulindela Ukusabela Kokhuluma Naye. Nakuba kungenzeka ukuthi unikeza inkulumo engenalo ilungiselelo lokuhlanganyela kwezilaleli, kubalulekile ukuba uvumele izilaleli ziphendule, hhayi ngomlomo kodwa ngengqondo. Uma uphakamisa imibuzo ezokwenza izilaleli zakho zicabange kodwa ungalihlabi ikhefu elanele, ngeke ibonakale inzuzo yaleyo mibuzo.
Yiqiniso, kubalulekile ukuhlaba ikhefu hhayi nje kuphela lapho ukhuluma endaweni yesikhulumi kodwa nalapho ufakaza kwabanye. Abanye abantu abalihlabi nhlobo ikhefu. Uma unaleyo nkinga, yenza umzamo okhethekile wokuhlakulela le mfanelo yokukhuluma. Uyothuthuka ekuxoxeni nabanye futhi uyophumelela enkonzweni yakho yasensimini. Ukuhlaba ikhefu yisikhathi sokuthula dú, futhi kuye kwashiwo kufanele ukuthi ukuthula kwenza okhulumayo athi ukuma, kuyagcizelela, kudonsa ukunaka, futhi kuzwakala kamnandi.
Ingxoxo yansuku zonke isho ukunikezelana kwemiqondo phakathi kwabantu ababili noma ngaphezulu. Abanye baye bathambekele ekukulaleleni uma nawe ubalalela futhi ubonisa isithakazelo kulokho abakushoyo. Lokhu kudinga ukuba uhlabe ikhefu isikhathi eside ngokwanele ukuze ubanike ithuba lokuveza umuzwa wabo.
Enkonzweni yasensimini, ukufakaza kwethu kuphumelela kangcono lapho kuyingxoxo. Ngemva kokubingelelana, oFakazi abaningi bakuthola kuphumelela ukusho ukuthi beze ngani bese bebuza umbuzo. Bahlaba ikhefu ukuze banike lo omunye ithuba lokuphendula, bese bencoma lokho okushiwo umninikhaya. Phakathi nengxoxo, bangase banikeze umninikhaya amathuba amaningi okukhuluma. Bayazi ukuthi ngokuvamile bangamsiza kangcono umuntu uma bazi imibono yakhe ngendaba exoxwayo.—IzAga 20:5.
Yiqiniso, akubona bonke abantu abayoyiphendula kahle imibuzo. Kodwa lokho akuzange kumyekise uJesu ukuba ame ngokwanele ukuba anike ngisho nabaphikisi ithuba lokukhuluma. (Marku 3:1-5) Ukunika omunye umuntu ithuba lokukhuluma kumkhuthaza ukuba acabange, futhi ngenxa yalokho angase aveze okusenhliziyweni yakhe. Empeleni, enye injongo yenkonzo yethu iwukushukumisa izinhliziyo zabantu ngokubanika izindaba eziseZwini likaNkulunkulu okumelwe benze izinqumo ngazo.—Heb. 4:12.
Ukuhlaba ikhefu elifanele enkonzweni yethu kuyikhono ngempela. Uma ukuhlaba ikhefu kwenziwa ngokunenjongo, amaphuzu ayobekwa ngokucace kakhudlwana futhi ayokhumbuleka isikhathi eside.
-
-
Ukugcizelela Umqondo OkufaneleZuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
-
-
ISIFUNDO 6
Ukugcizelela Umqondo Okufanele
LAPHO ukhuluma noma ufunda ngokuzwakalayo, kubalulekile ukuba ungamane nje ubize igama ngalinye ngendlela eqondile, kodwa futhi kufanele ugcizelele amagama ayisihluthulelo nemishwana equkethe umqondo ngendlela ewudlulisela ngokucacile umyalezo.
Ukugcizelela amaphuzu ngokufanele kuhlanganisa okungaphezu kokugcizelela amagama ambalwa noma ngisho amaningi. Kumelwe kugcizelelwe amagama afanele. Uma ugcizelela amagama angafanele, incazelo yalokho okushoyo ingase ingacaci ezilalelini, nazo ezingavele zizicabangele ezinye nje izinto. Nakuba indaba yakho ingase izuzise, inkulumo egcizelela lapho kungafanele khona ngeke izishukumise izilaleli.
Ukugcizelela okwengeziwe kungase kwenziwe ngezindlela eziningi ezivame ukusetshenziswa kanye kanye: ngezwi eliphakeme, ngomuzwa ojulile, ngokukhuluma ngokunensa ngamabomu, ngokuhlaba ikhefu ngaphambi noma ngemva komusho othile (noma kokubili), ngokushukuma komzimba nokubonakala kobuso. Kwezinye izilimi, ukugcizelela kungase kwenziwe ngokwehlisa izwi noma ngokulikhuphula. Cabangela indaba nezimo ukuze uthole ukuthi yikuphi okuyofaneleka kangcono.
Lapho unquma ukuthi yikuphi ozokugcizelela, cabangela okulandelayo, (1) Kunoma yimuphi umusho, amagama okumelwe agcizelelwe ngokwengeziwe awanqunywa nje kuphela umusho uwonke, kodwa anqunywa nawumongo. (2) Ukugcizelela kungase kwenziwe ekuqaleni kwephuzu elisha, kungaba yiphuzu eliyinhloko noma ushintsho endleleni yokukhanyisa iphuzu. Kungase futhi kubonise isiphetho saleyo ndlela yokukhanyisa iphuzu. (3) Isikhulumi singase sigcizelele ukuze sibonise ukuthi sizizwa kanjani ngendaba. (4) Ukugcizelela okufanele kungase futhi kwenziwe ngenjongo yokugqamisa amaphuzu ayinhloko enkulumweni.
Ukuze sigcizelele ngalezi zindlela, isikhulumi noma umuntu ofundela iningi kumelwe ayiqonde ngokucacile indaba yakhe azimisele ukuba izilaleli ziyiqonde. Mayelana nesiqondiso esanikezwa ngezinsuku zika-Ezra, uNehemiya 8:8 uthi: “Bafunda encwadini, emthethweni kaNkulunkulu, bephumisela kahle; bachaza, babaqondisa okufundwayo.” Kusobala ukuthi labo abafunda futhi bachaza uMthetho kaNkulunkulu kuleso senzakalo bakuqonda ukubaluleka kokusiza izilaleli zabo ukuba zibambe okushiwo yilokho okwakufundwa, zikugcine engqondweni futhi zikusebenzise.
Okungase Kubangele Inkinga. Abantu abaningi bayakwazi ukukhuluma ngokucacile enkulumweni yabo evamile yansuku zonke. Nokho, lapho befunda indaba ebhalwe omunye umuntu, kungase kube yinselele ukuthola ukuthi imaphi amagama noma imishwana okumelwe bayigcizelele. Imfihlo ilele ekuyiqondeni ngokucacile indaba. Lokho kudinga ukuba ukutadishe kahle okubhaliwe. Ngakho-ke, uma ucelwa ukuba ufunde indaba ethile emhlanganweni webandla, kumelwe ulungiselele ngokuzimisela.
Abanye abantu basebenzisa lokho okungase kubizwe ngokuthi “ukugcizelela ngezikhawu.” Bagcizelela amagama ngezikhawu ezithile, kungakhathaliseki ukuthi lokho kugcizelela kuyadingeka yini noma cha. Abanye bagcizelela izenzo, mhlawumbe bagcizelele ngokwengeziwe iziqalo zamagama nezihlanganiso. Uma ukugcizelela kungasizi ekucaciseni iphuzu, kumane kube umkhuba oyisicefe.
Lapho zizama ukugcizelela, ezinye izikhulumi ziphakamisa izwi ngendlela eyenza izilaleli zizwe sengathi ziyathethiswa. Yiqiniso, ukwenza kanjalo akuvamile ukuba nemiphumela emihle. Uma ukugcizelelwa kungenziwa ngendlela engokwemvelo, kungase kunikeze umuzwa wokuthi isikhulumi sehlisa izilaleli zaso. Yeka ukuthi kuhle kanjani ukukhuluma nazo ngothando nokuzisiza zibone ukuthi lokho okushoyo kungokomBhalo futhi kunengqondo!
Indlela Yokuthuthuka. Ngokuvamile umuntu onenkinga yokugcizelela akakuqapheli lokho. Kungase kudingeke ukuba othile amenze akuqaphele. Uma kudingeka uthuthuke kulesi sici, umbonisi wesikole uyokusiza. Zizwe ukhululekile futhi ukucela usizo kunoma ubani omunye oyisikhulumi esihle. Mcele ukuba akulalelisise lapho ufunda futhi ukhuluma abese esikisela izindlela zokuthuthukisa.
Njengesiqalo, umeluleki wakho angase asikisele ukuba usebenzise isihloko se-Nqabayokulinda uprakthize ngaso. Ngokungangabazeki uyokucela ukuba uhlaziye umusho ngamunye ukuze uthole ukuthi imaphi amagama noma imishwana edinga ukugcizelelwa ukuze kube lula ukuzwa okushiwo yilowo musho. Angase akukhumbuze ukuba uqaphele ngokukhethekile amanye amagama abhalwe ngomalukeke. Khumbula ukuthi amagama asemushweni asebenza ndawonye. Ngokuvamile, yiqoqo lamagama okumelwe ligcizelelwe, hhayi nje igama elihamba lodwa. Kwezinye izilimi, abafundi bangase bakhuthazwe ukuba baqaphelisise ukuthi amagama anezimpawana phezulu agcizelelwa ngendlela efanele.
Esinyathelweni esilandelayo sokufunda ukugcizelela, umeluleki wakho angase akucele ukuba ucabangele umongo ngaphezu nje komusho ngokwawo. Yiliphi iphuzu elisemqoka elikhanyiswayo esigabeni sisonke? Lelo phuzu kumelwe likusize kanjani ukuba unqume lokho ozokugcizelela emushweni ngamunye? Bheka isihloko sendaba nezihlokwana ezibhalwe ngokugqamile okusekelwe kuzo indaba. Kukusiza kanjani ekukhetheni izingxenye ozozigcizelela? Yizo zonke izici zokucatshangelwa lezi. Kodwa uqaphele ukuba ungagcizeleli amagama amaningi kakhulu.
Kungakhathaliseki ukuthi uyobe ukhuluma ungafundi phansi noma uyobe ufunda, umeluleki angase futhi akukhuthaze ukuba uvumele indlela okukhanyiswa ngayo iphuzu inqume ukuthi uzogcizelela kanjani. Kudingeka uqaphelisise izindawo lapho ukukhanyiswa kwephuzu kuphela khona nalapho inkulumo ishintsha khona isuka kwelinye iphuzu iya kwelinye. Uma indlela obeka ngayo inkulumo yakho izisiza ukuba ziqaphele lezi zindawo, izilaleli ziyokwazisa lokho. Lokhu kungase kwenziwe ngokugqamisa amagama anjengokuthi okokuqala ngqá, okulandelayo, ekugcineni, ngakho-ke nelithi ngokusobala.
Umeluleki uyokuqaphelisa namaphuzu okufanele uwasho ngomuzwa okhethekile. Ukuze wenze lokhu ungase ugcizelele amagama anjengokuthi kakhulu, nakanjani, lutho neze, akunakwenzeka, okubalulekile nelithi njalo. Ukwenza kwakho kanjalo kuyothonya indlela izilaleli zakho ezizizwa ngayo ngalokho okushoyo. Kuzoxoxwa ngakho kabanzi eSifundweni 11, “Imfudumalo Nomuzwa.”
Ukuze uthuthukise indlela ogcizelela ngayo, uyokhuthazwa futhi ukuba uwazi kahle amaphuzu asemqoka ofuna izilaleli zakho ziwakhumbule. Lokhu kuyocatshangelwa ngokwengeziwe ngokuqondene nokufundela iningi eSifundweni 7, “Imiqondo Eyinhloko Igcizelelwe,” nasendabeni eqondene nokukhuluma eSifundweni 37, “Amaphuzu Asemqoka Enziwe Avelela.”
Uma uzama ukuthuthuka enkonzweni yakho yasensimini, nakisisa indlela ofunda ngayo imibhalo. Jwayela ukuzibuza, ‘Kungani ngifunda lo mbhalo?’ Akwanele ngaso sonke isikhathi ukuba umfundisi abize amagama ngendlela efanele. Ngisho nokufunda umbhalo ngomuzwa kungase kungeneli. Uma uphendula umbuzo womuntu othile noma umfundisa iqiniso eliyisisekelo, kuhle ukugcizelela amagama embhalweni noma imishwana esekela lokho okuxoxwa ngako. Ngaphandle kwalokho, umuntu omfundela wona angase angalitholi iphuzu.
Njengoba ukugcizelela kuhlanganisa ukugcizelela kakhudlwana amagama athile noma imishwana, isikhulumi esintula okuhlangenwe nako singase siwagcizelele ngokweqile lawo magama nemishwana. Imiphumela ingathi ayifane namanothi adlalwa umuntu osafunda ukudlala insimbi yomculo. Nokho, ngokuprakthiza okwengeziwe, amanothi ayohlangana akhe “umculo” omnandi.
Lapho usufunde izisekelo ezithile, uyoba sesimweni sokuzuza ngokulalela izikhulumi ezingomakad’ ebona. Ngemva kwesikhashana uyoqonda ukuthi ukugcizelela ngamazinga angefani kungase kufeze okungakanani. Futhi uyokuqonda ukubaluleka kokugcizelela ngezindlela ezihlukahlukene ukuze ucacise lokho okushoyo. Ukuthuthukisa ukugcizelela ngokufanele kuyoyandisa impumelelo yakho ekuzifundeleni ngokwakho nasekukhulumeni kwakho.
Ungamane nje waneliswe ukufunda ngokugcizelela ngenjongo yokugcina icala. Ukuze ukhulume ngokuphumelelayo, qhubeka usebenzela kukho kuze kube yilapho usukwazi kahle ukugcizelela futhi usungakwenza ngendlela ezwakala ingokwemvelo kulabo abalalele.
-
-
Imiqondo Eyinhloko IgcizelelweZuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
-
-
ISIFUNDO 7
Imiqondo Eyinhloko Igcizelelwe
UMFUNDI ophumelelayo akagcini nje ngokubheka umusho ngamunye nesigaba ovela kuso kodwa ubheka nangale kwaso. Lapho efunda, ucabanga ngemiqondo eyinhloko kuyo yonke indaba akhuluma ngayo. Lokhu kunquma ukuthi uyogcizelela kuphi.
Uma le ndlela ingase ingalandelwa, ngeke abe khona amaphuzu avelelayo kulokho okushiwoyo. Akukho okuyovelela ngokucacile. Lapho uqeda ukukhuluma, kungase kube nzima ukukhumbula ukuthi yini ebivelele.
Ukugxila ekugcizeleleni imiqondo eyinhloko kungaba nengxenye ekwenzeni indaba efundwa eBhayibhelini ibe ngehlabahlosile. Ukugcizelela okunjalo kungase kufake impilo ekufundweni kwezigaba esifundweni sasekhaya seBhayibheli nasemhlanganweni webandla. Futhi kubaluleke nakakhulu lapho unikeza inkulumo efundwayo, njengoba kuye kwenziwe emihlanganweni yethu yesigodi.
Indlela Yokukwenza. Ungase wabelwe ukufunda ingxenye yeBhayibheli esikoleni. Yini okumelwe igcizelelwe? Uma kunomqondo ongumgogodla noma isenzakalo esibalulekile okusekelwe kuso indaba oyobe uyifunda, kuyoba okufanelekile ukuwenza uvelele.
Kungakhathaliseki ukuthi ufunda inkondlo, indaba ethile, izaga noma indaba elandiswayo, izilaleli zakho ziyozuza uma uyifunda kahle. (2 Thim. 3:16, 17) Ukuze zizuze, kumelwe ucabangele indaba ozoyifunda nezilaleli zakho.
Uma uzofunda ngokuzwakalayo incwadi esifundweni seBhayibheli noma emhlanganweni webandla, yimiphi imiqondo eyinhloko okudingeka uyigcizelele? Bheka izimpendulo zemibuzo ebhalwe phansi njengeziyimiqondo eyinhloko. Gcizelela namaphuzu ahlobana nezihlokwana ezibhalwe ngokugqamile okusekelwe kuzo indaba.
Akukhuthazwa ukuzijwayeza ukuba inkulumo ozoyinikeza ebandleni uyifunde phansi izwi nezwi. Nokho, ngezinye izikhathi, izinkulumo ezifundwayo ziyanikezwa emhlanganweni wesigodi ukuze amaphuzu afanayo abekwe ngendlela efanayo kuyo yonke imihlangano. Ukuze sigcizelele imiqondo eyinhloko enkulumweni efundwayo, isikhulumi kumelwe siqale sihlaziyisise indaba. Yimaphi amaphuzu asemqoka? Kumelwe sikwazi ukuwabona. Amaphuzu asemqoka akuyona nje imiqondo esinomuzwa wokuthi iyathakazelisa. Angamaphuzu ayisihluthulelo okusekelwe kuwo indaba. Ngezinye izikhathi amazwi ambalwa nje omqondo oyinhloko enkulumweni efundwayo ethula indaba elandiswayo noma indlela ethile yokukhanyisa iphuzu. Ngokuvamile, kuba namazwi anamandla ngemva kokwethulwa kobufakazi obusekelayo. Lapho esesobala la maphuzu ayisihluthulelo, isikhulumi kumelwe siwadwebele enkulumweni yaso efundwayo. Ngokuvamile aba mbalwa, cishe aweqi kwamane noma amahlanu. Okulandelayo, kumelwe siprakthize ukufunda ngendlela eyokwenza izilaleli ziwathole kalula. Yiwona awumvuthwandaba wenkulumo. Uma indaba ibekwa ngokugcizelela okufanele, le miqondo eyinhloko iyokhumbuleka nakanjani. Lowo kumelwe kube umgomo wesikhulumi.
Kunezindlela eziningi isikhulumi esingagcizelela ngazo ukuze sisize izilaleli zithole amaphuzu asemqoka. Singase sibonise umdlandla owengeziwe, sishintshe ijubane, sifake umuzwa ojulile noma sibonise ukushukuma komzimba okufanele, uma sibala nje ezimbalwa.
-