Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yp1 isahl. 30 k. 212-k. 220 isig. 1
  • Ingabe Sikulungele Ngempela Ukushada?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Sikulungele Ngempela Ukushada?
  • Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Umshado Mawuhlonishwe”
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Ungawusindisa Umshado Wakho!
    I-Phaphama!—2001
  • Lapho Ubungane Sebudlulele
    I-Phaphama!—2013
  • Indlela Yokwakha Umshado Ophumelelayo
    I-Phaphama!—2008
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
yp1 isahl. 30 k. 212-k. 220 isig. 1

Isahluko 30

Ingabe Sikulungele Ngempela Ukushada?

Usumtholile umuntu ofuna ukumshada, futhi sekuyisikhathi eside nithandana, usuyabona ukuthi usiyofa silahlane wakho lo. Akusensuku zatshwala nishade. Kodwa umathintanyawo. Njengoba usuzokwenza esinye sezinqumo ezinkulu ekuphileni, uqala ukuzibuza . . . 

Ingabe sikulungele ngempela ukushada?

KUYINTO evamile ukuba ubeleselwe imicabango yokungaqiniseki lapho usuzoshada—ngisho noma nithandana. Njengoba abantu abangayitholi injabulo emshadweni banda nesibalo sezehlukaniso sikhula, kuyaqondakala ukuthi ufuna ukungaxhamazeli njengoba ucabangela ukuthatha lesi sinyathelo esishintsha ukuphila. Wazi kanjani ukuthi usukulungele ukushada? Manje kunanini ngaphambili, kudingeka ukhohlwe imicabango eyiphupho okungenzeka unayo ngomshado, ube nombono ongokoqobo. Ngokwesibonelo:

UMCABANGO WOKUQALA OYIPHUPHO “Uma nje sithandana, sizokwazi ukuphila.”

Umbono ongokoqobo: Uthando ngeke luzikhokhele izindleko futhi ngeke luziqede izinkinga zezimali. Empeleni, abacwaningi bathole ukuthi imali iyona eyimbangela enkulu kunazo zonke yezingxabano nezehlukaniso emishadweni. Umbono ongalinganiseli ngemali ungakulimaza ngokomoya nangokomzwelo, futhi ungabuqeda nobuhlobo benu. (1 Thimothewu 6:9, 10) Siyini isifundo? Ningalindi kuze kube ngemva komshado ngaphambi kokuxoxa ngendlela enizosebenzisa ngayo imali!

IBhayibheli lithi: “Ngubani kini othi efuna ukwakha umbhoshongo angahlali phansi kuqala abale izindleko?”—Luka 14:28.

Ukusikisela: Khuluma manje nomuntu ofuna ukushada naye ngendlela enizosebenzisa ngayo imali—ngaphambi kokuba nishade. (IzAga 13:10) Xoxani ngemibuzo enjengale: Sizoyisebenzisa kanjani imali esiyitholayo? Ingabe sizoba ne-akhawunti eyodwa noma ngamunye uzoba neyakhe? Ubani ozogcina imali futhi aqikelele ukuthi izindleko ziyakhokhelwa?a Yimalini ngamunye angayisebenzisa engazange amtshele omunye? Manje isikhathi sokuqala ukuhlela ukuthi izinto zizosebenza kanjani!—UmShumayeli 4:9, 10.

UMCABANGO WESIBILI OYIPHUPHO “Sizofanelana impela emshadweni ngoba sinombono ofanayo ngazo zonke izinto—akwenzeki siphikisane!”

Umbono ongokoqobo: Uma kungenzeki niphikisane, cishe kungenxa yokuthi niye nakhetha ukuzigwema izingxoxo ezingase zidale impikiswano. Kodwa ngeke kwenzeke lokho emshadweni! Iqiniso liwukuthi, abekho abantu ababili abangaphelele abafanelana ngokuphelele, ngakho kuyoba khona ukungezwani. (Roma 3:23; Jakobe 3:2) Kudingeka ungacabangi nje kuphela ngokuthi nivumelana kangakanani kodwa ucabange nangokuthi kwenzekani lapho ningavumelani. Ubuhlobo obuqinile bakhiwa abantu ababili abakwazi ukuvuma ngokukhululekile ukuthi abavumelani ngokuthile bese bezama ukukulungisa ngokuthula nangendlela ebonisa ukuvuthwa.

IBhayibheli lithi: “Ungayi kolala usathukuthele.”—Efesu 4:26, Contemporary English Version.

Ukusikisela: Bhekisisa indlela oye wasingatha ngayo izingxabano phakathi kwakho nabazali bakho nezingane zakini kuze kube manje. Zenzele ishadi elifana nelisekhasini 93 kule ncwadi noma ekhasini 221 eMqulwini 2. Bhala izenzakalo ezidale ukungezwani, ubhale indlela osabele ngayo nendlela engcono obungasabela ngayo. Ngokwesibonelo, uma ubuvele ufutheke, uphume udlwathuzela uye ekamelweni lakho, bese ugaklaza isicabha, bhala indlela engcono yokusabela—indlela engasiza ekuxazululeni inkinga kunokuyenza ibe yimbi kakhulu. Uma ufunda manje ukusabela kahle ezingxabanweni, uzoba nekhono elidingekayo emshadweni ojabulisayo.

UMCABANGO WESITHATHU OYIPHU- PHO “Lapho ngishada, zonke izifiso zami zobulili zizokwaneliswa.”

Umbono ongokoqobo: Ukushada akuqinisekisi ukuthi uzokwenza ubulili noma nini lapho uthanda. Khumbula, umuntu oyobe ushade naye unemizwa okumelwe uyicabangele. Empeleni, kuyoba nezikhathi angeke akwazi ngazo ukuhlanganyela ubulili. Umshado awukunikezi ilungelo lokufuna ngenkani ukwanelisa izidingo zakho. (1 Korinte 10:24) Iqiniso liwukuthi, ukuzithiba kubalulekile lapho ungakashadi nalapho usushadile.—Galathiya 5:22, 23.

IBhayibheli lithi: “Ngamunye wenu [kufanele] azi ukuthi angasilawula kanjani isitsha sakhe siqu ngokungcweliswa nangodumo, kungabi ngesifiso sobulili sokukhanuka.”—1 Thesalonika 4:4, 5.

Ukusikisela: Hlolisisa izifiso zakho zobulili, ucabange indlela ezingase ziwuthinte ngayo umshado wakho. Ngokwesibonelo, ingabe uyisigqila somkhuba obonisa ubugovu wokushaya indlwabu? Uke waba yini nomkhuba wokubukela izithombe ezingcolile zobulili? Ingabe ubheka abobulili obuhlukile ngeso lokubakhanukela? Zibuze, ‘Uma ngehluleka ukulawula izifiso zami zobulili ngaphambi komshado, ngizokwazi kanjani ukuzilawula lapho sengishadile?’ (Mathewu 5:27, 28) Okunye okumelwe ukucabangele: Ingabe ubunomkhuba wokudlala ngothando ngokuthandana nabantu abaningi, waze waziwa ngokuthi uyisoka? Uma kunjalo, uzowuqeda kanjani lowo mkhuba lapho usushadile, lapho sekufanele imizwa yakho uyibonise kumuntu oyedwa vo—lowo oshade naye?—IzAga 5:15-17.

UMCABANGO WESINE OYIPHUPHO “Umshado uzongenza ngijabule.”

Umbono ongokoqobo: Umuntu ongenayo injabulo lapho engakashadi akayitholi nalapho eseshadile. Ngani? Ngoba ukuthola injabulo kuxhomeke endleleni umuntu abheka ngayo izinto, hhayi ezimweni zakhe. (IzAga 15:15) Labo abanombono ophambene ngokuphila ngokuvamile bagxila ezintweni abazintulayo ebuhlotsheni babo kunalezo abanazo. Kungcono kakhulu ukuba uhlakulele futhi ulondoloze isimo sengqondo esiqondile ungakashadi. Khona-ke, lapho usushadile, uyoba umuntu ojabulayo, ujabulise nomuntu oyobe ushade naye.

IBhayibheli lithi: “Kungcono ukwaneliswa yilokho onakho kunokufuna okwengeziwe njalo nje.”—UmShumayeli 6:9, Today’s English Version.

Ukusikisela: Ngezinye izikhathi isimo sengqondo esingaqondile sibangelwa imicabango eyiphupho. Thatha iphepha, ubhale izinto ezimbili noma ezintathu ozilindele emshadweni. Funda lokho okubhalile, bese uyazibuza: ‘Ingabe izinto engizilindele zimane nje zingamaphupho noma zingenzeka ngempela? Ingabe zithonywe izinhlelo zethelevishini, mhlawumbe amabhayisikobho noma izincwadi zothando? Ingabe zigxile kulokho mina engifuna ukukuthola emshadweni—njengokuqeda isizungu, ukwanelisa isifiso sami sobulili nokuba ngihlonishwe ontanga?’ Uma kunjalo, kuzodingeka uyeke ukuzicabangela wena wedwa, ucabangele nomuntu ozoshada naye. Ukuze ukwenze lokho, bhala izinto ezimbili noma ezintathu ongazijabulela emshadweni ezithinta wena nomuntu ozoshada naye.

Amaphupho aphathelene nomshado okukhulunywe ngawo ngenhla angakuncisha injabulo emshadweni. Ngakho zama ukukhipha imicabango enjalo engqondweni, ube nombono ongokoqobo ngezinto. Amashadi emakhasini 216 no-217 angakusiza wena nomuntu ozoshada naye njengoba nibheke phambili kwesinye sezibusiso ezinkulu ekuphileni—umshado ojabulisayo!—Duteronomi 24:5; IzAga 5:18.

ESAHLUKWENI ESILANDELAYO

Uma wehlukana nomuntu kungaba sengathi ufelwe yizwe. Ungaphila kanjani nomphumela wako?

[Umbhalo waphansi]

a “Umfazi onekhono” okukhulunywa ngaye encwadini yezAga 31:10-28 kuthiwa wayenza imisebenzi eminingana emikhulu eyayihlangene nezimali zomkhaya. Bheka amavesi 13, 14, 16, 18 no-24.

UMBHALO OYINHLOKO

“Indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo babe nyamanye.” —Genesise 2:24.

ICEBISO

Khuluma nabantu asebenesikhathi beshadile, ubabuze ukuthi isiphi iseluleko abangasinikeza abantu abasanda kushada ukuze benze umshado wabo uphumelele.—IzAga 27:17.

UBUWAZI . . . ?

Emshadweni ophumelelayo, indoda nomkayo baphathana njengabangane, bakhulumisane kahle, bayayazi indlela yokuxazulula izingxabano futhi babheka ubuhlobo babo njengobuyoqhubeka ukuphila kwabo konke.

ENGIZOKWENZA!

Isici engizosebenzela kuso manje ukuze ngiphumelelise ubuhlobo bethu nomuntu engizoshada naye ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

● Kwamanye amazwe miningi imishado ephela ngesehlukaniso. Ucabanga ukuthi kungani kunjalo?

● Ziyini izingozi zokushada ngoba nje ubalekela ukuphila okungajabulisi ekhaya?

● Kungani kuyoba into esemqoka ukuzivumelanisa nezimiso zeBhayibheli lapho usushadile?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 220]

“Ukushada kuyisinyathelo esikhulu. Kubalule-kile ukwazi ukuthi yini ongayilindela emshadweni futhi umazi nomuntu ozoshada naye.’’—U-Audra

[Ibhokisi/Isithombe emakhasini 216, 217]

Ishadi Lezimpendulo

Ingabe Ukulungele Ukushada?

Cabangela le mibuzo ekula makhasi amabili. Ungaze uxoxe nanomuntu ozoshada naye ngezinto okukhulunywa ngazo lapha. Qikelela ukuthi uyayibheka imiBhalo ekhonjiwe.

Ezezimali

□ Uyini umbono wakho ngemali?—Hebheru 13:5, 6.

□ Iziphi izindlela ozibonakalisa ngazo kwamanje ukuthi uyakwazi ukusebenzisa kahle imali?—Mathewu 6:19-21.

□ Ingabe unezikweletu njengamanje? Uma unazo, yini oyenzayo ukuze uzikhokhe?—IzAga 22:7.

□ Imalini enizoyidinga lapho nishada? Uma kuzodingeka niboleke imali, nicabanga ukuboleka engakanani? —Luka 14:28.

□ Lapho senishadile, ingabe kuzodingeka nobabili nisebenze? Uma kunjalo, nizokwenzenjani uma izikhathi zomsebenzi zishayisana nalapho kunenkinga yezinto zokuhamba?—IzAga 15:22.

□ Nizohlalaphi? Ukukhokhela indawo yokuhlala, ukuthenga ukudla, izingubo nezinye izindleko cishe kuyobiza malini, futhi niyozikhokhela kanjani lezo zindleko?—IzAga 24:27.

Ezomkhaya

□ Usebenzelana kanjani nabazali bakho nezingane zakini?—Eksodusi 20:12; Roma 12:18.

□ Uzixazulula kanjani izingxabano kini?—Kolose 3:13.

□ Uma uyintombi, uwubonisa kanjani ‘umoya onokuthula nobumnene’?—1 Petru 3:4.

□ Ingabe nihlela ukuba nabantwana? (IHubo 127:3) Uma kungenjalo, nizosebenzisani ukuze nivimbele inzalo?

□ Uma uyinsizwa, yini ozoyenza ukuze unakekele umkhaya wakho ngokomoya?—Mathewu 5:3.

Izici Zobuntu

□ Iziphi izindlela osuzibonakalise ngazo ukuthi ukhuthele?—IzAga 6:9-11; 31:17, 19, 21, 22, 27.

□ Uwubonise kanjani umoya wokuzidela?—Filipi 2:4.

□ Uma uyinsizwa, ubonisa kanjani ukuthi ungakwazi ukusebenzisa igunya njengoKristu?—Efesu 5:25, 28, 29.

□ Uma uyintombi, yini ewubufakazi bokuthi ungazithoba egunyeni?—Efesu 5:22-24.

[Isithombe ekhasini 219]

Musa ukugijimela ukuzifaka emshadweni ube ungazi ukuthi kukhonani kula manzi awumshado oziphonsa kuwo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela