Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Ngingakhuluma Kanjani Nabazali Bami?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
    • Isahluko 1

      Ngingakhuluma Kanjani Nabazali Bami?

      “Ngazama ngempela ukutshela abazali bami indlela engangizizwa ngayo, kodwa ngahluleka ukuchaza kahle—bavele banganginaka. Kwadingeka ngiqunge isibindi ukuze ngikhulume, kodwa lutho, ngavele ngabheda!”—URosa.

      NGESIKHATHI usemncane, cishe wawugijimela kubazali bakho kuqala ukuze uthole iseluleko. Wawubaxoxela zonke izinto, ezinkulu nezincane. Kwakulula ukubatshela okucabangayo nendlela ozizwa ngayo, futhi wawusethemba iseluleko sabo.

      Kodwa manje ungase ube nomuzwa wokuthi abazali bakho abasakuqondi nhlobo. Intombazane okuthiwa u-Edie ithi: “Ngelinye ilanga lapho sidla ukudla kwakusihlwa ngaqala ukukhala, ngabathululela isifuba sami. Bangilalela, kodwa ngabona sengathi abangiqondi.” Waba yini umphumela? “Ngavele ngaziyela ekamelweni lami ngasikhihla isililo!”

      Ngakolunye uhlangothi, ngezinye izikhathi ungase ukhethe ukungabatsheli konke abazali bakho. Umfana okuthiwa uChristopher uthi: “Ziningi izinto engizixoxa nabazali bami. Kodwa kuyangijabulisa ukuthi ngezinye izikhathi abakwazi konke engikucabangayo.”

      Ingabe akulungile ukungazivezi zonke izinto ozicabangayo? Akunjalo ngempela—uma nje kungekhona ukuthi uyabakhohlisa. (IzAga 3:32) Noma kunjalo, kungakhathaliseki ukuthi abazali bakho babonakala bengakuqondi noma wena awuthandisisi ukuxoxa nabo, kuneqiniso elilodwa nje: Kuyadingeka ukhulume nabazali bakho—futhi kuyadingeka bezwe ukuthi ucabangani nokuthi uzizwa kanjani.

      Qhubeka Uzama Ukukhuluma!

      Ukukhuluma nabazali bakho kuthi akufane nokushayela imoto. Uma uthola umgwaqo uvaliwe, awuluyeki uhambo; uthatha enye indlela. Cabanga ngalezi zibonelo ezimbili.

      ISITHIYO 1 Ufuna ukukhuluma, kodwa kubonakala sengathi abazali bakho abakulalele. Intombazane okuthiwa uLeah ithi: “Ngikuthola kunzima ukukhuluma nobaba. Ngezinye izikhathi ngikhuluma naye isikhashana, ngemva kwalokho athi, ‘Oh, ubukhuluma nami?’”

      UMBUZO: Kuthiwani uma uLeah efuna ngempela ukukhuluma ngenkinga ethile? Angakhetha phakathi kwezindlela ezintathu.

      Indlela Yokuqala

      Uthethisa uyise. ULeah uyathetha: “Baba, kubalulekile lokhu! Ngilalele!”

      Indlela Yesibili

      Uyayeka ukukhuluma noyise. ULeah uvele ayeke ukuzama ukukhuluma ngezinkinga zakhe.

      Indlela Yesithathu

      Ulinda isikhathi esingcono sokukhuluma. ULeah ukhuluma noyise ubuso nobuso ngesinye isikhathi, noma ambhalele incwadi amtshele ngenkinga yakhe.

      Iyiphi indlela wena ocabanga ukuthi uLeah kufanele ayikhethe? ․․․․․

      Ake sihlole indlela ngayinye sibone ukuthi ibingasiholelaphi.

      Ubaba kaLeah umatasa ngokuthile—akaboni ukuthi indodakazi yakhe ikhathazekile. Ngakho uma uLeah ekhetha Indlela Yokuqala, uyise angase adideke nje ukuthi sekwenzenjani. Cishe futhi le ndlela ngeke imenze ubaba kaLeah amlalele, futhi ngeke ibonise ukuthi uyamhlonipha. (Efesu 6:2) Ngakho le ndlela ngeke iphumelele.

      Nakuba Indlela Yesibili ingase ibe lula, kodwa ayihlakaniphile. Ngani? Ngoba “amacebo ayashafa lapho kungekho khona inkulumo eyisifuba.” (IzAga 15:22) Ukuze uLeah aphumelele ekuxazululeni izinkinga zakhe, kudingeka akhulume nobaba wakhe—futhi ukuze amsize, kudingeka azi ukuthi kwenzekani ekuphileni kwakhe. Ukuduba ngeke kufeze lutho.

      Endleleni Yesithathu uLeah akavumeli iziphazamiso zimvimbe. Kunalokho uzama ukukhuluma ngenkinga yakhe ngesinye isikhathi. Futhi uma ekhetha ukubhalela uyise incwadi, angase azizwe engcono ngokushesha. Ukubhala incwadi kungase kumsize akubeke kahle afuna ukukusho. Lapho uyise eyifunda incwadi, uyothola ukuthi ibizama ukuthini kuye indodakazi yakhe, okungase kumsize ayiqonde kangcono inkinga yayo. Ngakho indlela yesithathu ibazuzisa bobabili uLeah noyise.

      Yiziphi ezinye izindlela angase azisebenzise uLeah? Awucabange enye yazo, bese uyibhala ngezansi. Yibe usubhala ukuthi leyo ndlela ingase iholelephi.

      ․․․․․

      ISITHIYO 2 Abazali bakho bafuna ukukhuluma nawe, kodwa wena awuthandi. “Ayikho into engidina njengokuphonswa imibuzo lapho ngifika nje ngivela esikoleni,” kusho intombazane okuthiwa uSarah. “Ngisuke ngingafuni lutho oluphathelene nesikole, kodwa ngithi ngifika nje abazali bangibuze: ‘Bekunjani esikoleni? Zibe khona izinkinga?’” Akungabazeki ukuthi abazali bakaSarah basuke benezinhloso ezinhle lapho bebuza le mibuzo. Noma kunjalo, uyazikhalela, “Kunzima ukuxoxa ngesikole uma ngikhathele futhi ngicindezelekile.”

      UMBUZO: Yini angayenza uSarah kulesi simo? Njengasesibonelweni esidlule, zintathu izindlela angakhetha kuzo.

      Indlela Yokuqala

      Uyenqaba ukukhuluma. USarah uthi: “Ngicela ningiyeke. Angifuni ukukhuluma okwamanje!”

      Indlela Yesibili

      Uyakhuluma. Nakuba ecinde-zelekile, uSarah uphendula imibuzo yabazali bakhe ngisho noma engafuni ukukhuluma.

      Indlela Yesithathu

      Uyayidlulisa indaba yesikole akhulume ngokunye. USarah usikisela ukuba baxoxe ngesi- kole ngesinye isikhathi aziyo ukuthi uyobe esengcono ngaso ukuba angakhuluma. Ngesitha-kazelo esiqotho angabe esethi: “Lube njani olwenu usuku?”

      Iyiphi indlela wena ocabanga ukuthi uSarah kufanele ayikhethe? ․․․․․

      Ake siphinde sihlole indlela ngayinye sibone ukuthi ingasiholelaphi.

      USarah ucindezelekile, akafune kukhuluma. Uma ekhetha Indlela Yokuqala, uzoqhubeka ecindezelekile kodwa futhi kuzomphatha kabi ukuthi ukhulume nabazali ngokhahlo.—IzAga 29:11.

      Abazali bakaSarah nabo ngeke bakuthande ukukhuluma kwakhe nabo kanjalo—noma ukuthula kwakhe angakhulumi ngemva kwalokho. Bangase basole ukuthi kukhona akufihlayo. Bangase bazame nokumumba, okuyinto engamcasula nakakhulu. Ekugcineni, le ndlela ayisizi muntu.

      Indlela Yesibili ingcono kuneyokuqala. Phela uSarah nabazali bakhe bayakhuluma. Kodwa njengoba ingxoxo ingaveli enhliziyweni, uSarah nabazali bakhe ngeke bakuthole abakufunayo—ukuxoxa ngendlela ekhululekile.

      Kodwa Ngendlela Yesithathu, uSarah uzozizwa engcono ngoba okwamanje akakhulumi ngezinto zasesikoleni. Abazali bakhe bazojabula ngokuthi uyawenza umzamo wokuxoxa nabo. Le ndlela cishe izophumelela kakhulu ngoba uSarah nabazali basebenzisa isimiso esikweyabaseFilipi 2:4, esithi: “Khathalelani abanye, hhayi nje nina siqu kuphela.”—Today’s English Version.

      Gwema Ukusho Izinto Ezizonenza Ningaqondani Kahle

      Khumbula, ngezinye izikhathi lapho usho okuthile, abazali bakho bacabanga ukuthi usho enye into. Ngokwesibonelo, bakubuza ukuthi ucasulwe yini. Wena uthi, “Angithandi ukukhuluma ngakho.” Kodwa abazali bacabanga ukuthi uthi: “Anginethembi nina. Ngizoxoxa nabangane bami ngenkinga yami, hhayi nani.” Zama lokhu okulandelayo bese ubhala izimpendulo. Ake sithi ubhekene nenkinga enkulu futhi abazali bakho bacela ukukusiza.

      Uma uthi: “Ningakhathazeki. Ngizozixazululela yona.”

      Abazali bangase bacabange ukuthi uthi: ․․․․․

      Impendulo engcono kungaba ukuthi: ․․․․․

      Yini ebalulekile okufanele uyikhumbule? Wakhethe kahle amazwi ozowasho. Washo ngenhlonipho. (Kolose 4:6) Bheka abazali bakho njengabangane abazokusiza, hhayi izitha. Futhi masivume: Udinga lonke usizo ongaluthola ukuze ukwazi ukubhekana ngempumelelo nezinselele.

      ESAHLUKWENI ESILANDELAYO

      Kuthiwani uma ukukhuluma nabazali bakho kungeyona inkinga—kodwa inkinga iwukuthi uma nje nithi niyaxoxa, niyaxabana?

      UMBHALO OYINHLOKO

      “Ngikhuluma ngokusuka enhliziyweni yami futhi ngikhuluma ngobuqotho.”—Jobe 33:3, The Holy Bible in the Language of Today, kaWilliam Beck.

      ICEBISO

      Uma kunzima ukuhlala phansi uxoxe nomzali wakho (abazali) ngenkinga ethile, xoxani ngayo lapho nihamba ngezinyawo, ngemoto noma lapho niyothenga.

      UBUWAZI . . . ?

      Njengoba nje kungaba nzima ukukhuluma nabazali bakho ngezindaba ezibalulekile, kungase kungabi lula nangabo ukukhuluma nawe ngazo.

      ENGIZOKWENZA!

      Uma ngizwa kuthi angiyeke ukukhuluma nabazali bami, ngizo- ․․․․․

      Uma umzali wami engiphoqa ukuba ngikhulume ngendaba engingafuni ukukhuluma ngayo, ngizothi ․․․․․

      Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․

      UCABANGANI?

      ● Isikhathi okhetha ukukhuluma ngaso sinayiphi indima ekukhulumisaneni okuhle?—IzAga 25:11.

      ● Kungani kufaneleka ukuba uzame ukukhuluma nabazali bakho?—Jobe 12:12.

      [Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 10]

      “Akulula ngaso sonke isikhathi ukuxoxa nabazali bakho, kodwa lapho ukhuluma nabo, kuba sengathi kususwe umthwalo omkhulu engqondweni yakho.’’—UDevenye

      [Isithombe ekhasini 8]

      Njengoba nje umgwaqo ovaliwe ungasho ukuthi yeka uhambo, nawe ungayithola indlela yokukhuluma nabazali bakho!

  • Kungani Sihlale Siphikisana?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
    • Isahluko 2

      Kungani Sihlale Siphikisana?

      Endabeni esekuqaleni kwalesi sahluko, uGugu ubangela ingxabano ngezindlela ezintathu. Ungakwazi ukuzisho? Bhala izimpendulo ngezansi, bese uziqhathanisa nezisebhokisini elithi “Izimpendulo” ekhasini 20.

      ․․․․․

      ULwesithathu kusihlwa. UGugu oneminyaka engu-17 useyiqedile imisebenzi yasendlini, uselungele ukuphumula! Uvula i-TV, athi voshosho esihlalweni asithandayo.

      Ngawo lowo mzuzu, kuqhamuka unina, akajabulile neze. “Gugu! Kungani uchitha isikhathi ubukele i-TV esikhundleni sokusiza udadewenu ngomsebenzi wesikole? Awuzwa wena!”

      “Ey, kwasuka futhi lokho,” kungunuza uGugu.

      Unina asondele. “Uthini?”

      “Angisho lutho mama,” kusho uGugu ezinikina.

      Umama usethukuthele ngempela manje. Uthi, “Ungakhulumi kanjalo nami!”

      “Angithi nawe ukhuluma kanjalo nami,” kuphendula uGugu.

      Siphela kanjalo isikhathi sokuphumula . . . kuqala enye ingxabano.

      INGABE usijwayele isimo esinje? Ingabe wena nabazali bakho niphikisana njalo? Uma kunjalo, ake uzinike isikhathi sokucabangisisa ngale ndaba. Iziphi izinto ezivame ukunixabanisa? Faka uqhwishi (✔) ezintweni ezivame ukunixabanisa—noma uzibhale eceleni kwelithi “Okunye.”

      □ Isimo sengqondo

      □ Imisebenzi yasendlini

      □ Izingubo zokugqoka

      □ Isikhathi okufanele ubuye ngaso ekhaya

      □ Ukuzijabulisa

      □ Abangane

      □ Abobulili obuhlukile

      □ Okunye ․․․․․

      Kungakhathaliseki ukuthi yini eniphikisana ngayo, ukuphikisana kushiya wena nabazali bakho niphatheke kabi. Yiqiniso, ungase udle imihlathi ushaye sengathi uvumelana nakho konke okushiwo abazali bakho. Kodwa ingabe yilokho uNkulunkulu akufunayo? Cha. Kuyiqiniso ukuthi iBhayibheli lithi “hlonipha uyihlo nonyoko.” (Efesu 6:2, 3) Kodwa likukhuthaza nokuba uthuthukise ‘ikhono lokucabanga’ futhi usebenzise ‘amandla akho okucabanga.’ (IzAga 1:1-4; Roma 12:1) Uma wenza kanjalo, nakanjani uyoba nemibono eqinile, eminye yayo engase yehluke kweyabazali bakho. Nokho, emikhayeni esebenzisa izimiso zeBhayibheli, abazali nezingane bangakwazi ukukhulumisana ngokuthula—ngisho noma bengaboni ngaso linye.—Kolose 3:13.

      Ungakusho kanjani ofuna ukukusho ngaphandle kokuba nigcine senixabene? Kulula ukuvele uthi: “Inkinga yabazali bami leyo. Yibona abahlale bengibelesela!” Kodwa zibuze: Ungakwazi yini ukushintsha abanye abantu, kuhlanganise nabazali bakho? Okuwukuphela komuntu ongamshintsha uwena. Okuhle ukuthi uma uyenza eyakho ingxenye ekudambiseni isimo esishubile, cishe abazali bakho bayokwehlisa umoya futhi balalele okushoyo.

      Ngakho ake sibone ukuthi yini ongayenza ukuze uqede izingxabano. Sebenzisa ukusikisela okulandelayo, futhi abazali bakho bayomangala lapho bebona amakhono akho amasha okukhuluma—kwawena umangale.

      ● Cabanga ngaphambi kokuba uphendule. Musa ukusho noma yini esheshe ifike engqondweni yakho uma uzwa sengathi uyasukelwa. Ngokwesibonelo, ake sithi umama wakho uthi: “Kungani ungazigezanga izitsha? Awuzwa wena!” Ungase uphendule ungacabangile uthi, “Ungangibeleseli!” Kodwa sebenzisa ikhono lakho lokucabanga. Zama ukuqonda ukuthi yini emenza akhulume kanjalo. Ngokuvamile, amazwi athi “awuzwa,” “awulaleli,” akufanele athathwe njengoba enjalo. Noma kunjalo, aveza umzwelo othile. Ungase ube yini?

      Kungenzeka umama wakho ucindezelekile, unomuzwa wokuthi imisebenzi yasendlini ingaphezu kwamandla akhe. Kungenzeka ukuthi ufuna nje umqinisekise ngokuthi uyamzwela. Uma kunjalo, ukuthi, “Musa ukungibelesela!” ngeke kukusize ngalutho—niyovele nixabane! Esikhundleni salokho, kungani ungambonisi ukuthi uyamzwela? Ngokwesibonelo, ungase uthi: “Ngiyabona ukuthi ucasukile mama. Ngizozigeza njengamanje izitsha.” Qaphela: Ungambhuqi. Phendula ngendlela ebonisa uzwela, futhi liyokwehla igwebu bese ekutshela ukuthi iyini inkinga yangempela.a

      Ngezansi, bhala amazwi angase ashiwo ubaba noma umama wakho angase akucasule—uma uwavumela.

      ․․․․․

      Yibe usucabanga ngamazwi abonisa uzwela ongase umphendule ngawo.

      ․․․․․

      ● Khuluma ngenhlonipho. UMichelle usefundile ukuthi ibaluleke kanjani indlela akhuluma ngayo nomama wakhe. Uthi, “Kungakhathaliseki ukuthi iyini inkinga, njalo nje umama ukhala ngendlela engikhuluma ngayo.” Uma kuvame ukuba njalo nangawe, funda ukukhulumela phansi, ungasheshi, ugweme nokuzinikina noma ukwenza ezinye izinto ezibonisa ukuthi ucasukile. (IzAga 30:17) Uma uzwa sengathi usuzohluthuka, thandaza umthandazo omfushane buthule. (Nehemiya 2:4) Injongo yakho ayikona ukuthola usizo lukaNkulunkulu ukuze umzali wakho ahlukane nawe kodwa iwukuba uqhubeke uzibambile ukuze ungenzi isimo sibe sibi nakakhulu.—Jakobe 1:26.

      Ngezansi, bhala amazwi nezenzo ozenzayo lapho uphendula okungaba kuhle ukuba uziyeke.

      Amazwi (izinto ozishoyo):

      ․․․․․

      Izenzo (isimo sobuso nokunyakaza komzimba):

      ․․․․․

      ● Lalela. IBhayibheli lithi: “Uyosho into engafanele uma ukhuluma kakhulu.” (IzAga 10:19, Contemporary English Version) Ngakho qiniseka ukuthi uyamnika ubaba noma umama wakho ithuba lokukhuluma nokuthi uyamlalelisisa. Ungamngeni emlonyeni, ubeke izaba. Lalela. Lapho sebeqedile ukukhuluma, uyosithola isikhathi sokubuza imibuzo noma sokubachazela indlela ozizwa ngayo. Ngakolunye uhlangothi, uma udaza inkani ufuna ukusho okucabangayo lapho besakhuluma, uyokwenza isimo sibe sibi nakakhulu. Ngisho noma kukhona othanda ukukusho, cishe okwamanje “isikhathi sokuthula.”—UmShumayeli 3:7.

      ● Zimisele ukuxolisa. Ngaso sonke isikhathi kuyafaneleka ukuba uthi “ngiyaxolisa” nganoma yini oyenzile ebangele ingxabano. (Roma 14:19) Ungaze uxolisele nanokuthi ibe khona kwayona ingxabano. Uma kunzima ukuxolisa ngomlomo, zama ukubabhalela incwadi. Yibe ‘usuhamba amamayela amabili’ ngokuba ushintshe noma yini ebangele leyo ngxabano. (Mathewu 5:41) Ngokwesibonelo, uma kuwumsebenzi wasendlini obungawenzile odale lokho kuhilizisana, kungani ungabajabulisi abazali bakho ngokuwenza? Ngisho noma ungawuthandi, ngeke yini kube ngcono ukuwenza kunokuba uxabane nabazali bakho lapho bethola ukuthi awukawenzi? (Mathewu 21:28-31) Cabanga ngezinzuzo oyozithola ngokwenza ingxenye yakho ekunciphiseni izingxabano phakathi kwakho nabazali bakho.

      Imikhaya ephumelelayo inazo izingxabano, kodwa iyakwazi ukuzixazulula ngokuthula. Sebenzisa amacebiso akulesi sahluko, futhi uyothola ukuthi ungakwazi ukuxoxa nabazali bakho ngisho nangezinto ezinzima—ngaphandle kokuphikisana!

      ESAHLUKWENI ESILANDELAYO

      Ingabe ucabanga ukuthi abazali bakho kufanele bakunikeze inkululeko ethé xaxa? Uma kunjalo, yini ongayenza?

      [Umbhalo waphansi]

      a Ukuze uthole amaphuzu engeziwe, bheka uMqulu 2, iSahluko 21.

      UMBHALO OYINHLOKO

      “Abantu abalungile bayacabanga ngaphambi kokuba baphendule.” —IzAga 15:28, Today’s English Version.

      ICEBISO

      Lapho abazali bakho bekhuluma nawe, vala umculo, ubeke incwadi noma umagazini phansi, ulalele lokho abakushoyo.

      UBUWAZI . . . ?

      Ukwenza umzamo wokuxazulula noma ukuvimba ingxabano kuyokwenzela izinto zibe lula. IBhayibheli lithi umuntu “onomusa wothando uwuphatha ngendlela enomvuzo umphefumulo wakhe.”—IzAga 11:17.

      ENGIZOKWENZA

      Kulesi sahluko, iphuzu okudingeka ngisebenzele kakhulu kulo yileli ․․․․․

      Ngizoqala ukulisebenzisa ngomhla ka-(bhala usuku) ․․․․․

      Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․

      UCABANGANI?

      ● Kungani abanye ontanga yakho bekujabulela ukuba kugcine bona lapho kunempikiswano?

      ● Kungani uJehova uNkulunkulu ebheka umuntu othanda impikiswano njengoyisiwula?—IzAga 20:3.

      ● Yini ongayizuza ngokugwema ukubangela izingxabano phakathi kwakho nabazali bakho?

      [Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 18]

      Ngezinye izikhathi umama uxolisa ngokunganga, futhi kuba mnandi lokho. Sibe sesikudlulisa okwenzekile. Nami ngiyazama ukumlingisa. Ukuzehlisa nokuxolisa ngobuqotho kufeza okukhulu, nakuba kungelula.’’—ULauren

      [Ibhokisi ekhasini 20]

      Izimpendulo

      1. Ukukhuluma ngokubhuqa (“Ey, kwasuka futhi lokho”) kwenze umama wakhe wacasuka nakakhulu.

      2. Ukuzinikina kukaGugu kuye kwamthukuthelisa unina.

      3. Ukuphendula ngendelelo (“Angithi nawe ukhuluma kanjalo nami”) kuvame ukwenza isimo sibe sibi nakakhulu.

      [Isithombe ekhasini 19]

      Ukuphikisana nomzali wakho kufana nokujaha umoya—uyokhandleka kakhulu kodwa ungafiki ndawo

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela