Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 8/1 kk. 3-4
  • Ingabe Umhlaba Uphelelwa Isikhathi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Umhlaba Uphelelwa Isikhathi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umhlaba Usengozini
  • Isizathu Sethemba
  • UNkulunkulu Uthembisa Ukuthi Lisekhona Ithemba Ngomhlaba
    I-Phaphama!—2023
  • Ukushintsha Kwesimo Sezulu Nekusasa Lethu—Okushiwo IBhayibheli
    Izihloko Ezengeziwe
  • Ingabe Umhlaba Uyokwazi Ukusekela Izizukulwane Ezizayo?
    I-Phaphama!—2008
  • Iplanethi Yethu Entekenteke Liyini Ikusasa Layo?
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 8/1 kk. 3-4

Ingabe Umhlaba Uphelelwa Isikhathi?

Ubungakhetha yiphi impendulo kulo mbuzo olandelayo?

Esikhathini esizayo esiseduze, ingabe izimo emhlabeni

(a) zizothuthuka?

(b) ngeke zishintshe?

(c) zizoba zimbi kakhulu?

INGABE uzama ukulondoloza umbono omuhle ngekusasa? Ukwenza kanjalo kunezinzuzo eziningi. Ucwaningo luye lwabonisa ukuthi abantu abanethemba baphila kangcono ngokwengqondo nangokomzimba. Olunye ucwaningo olwathatha isikhathi eside lwaze lwaveza nokuthi abantu abanethemba lokuhle ayemancane kakhulu amathuba okuhlaselwa isifo semithambo yenhliziyo kunalabo abanombono ophambene ngokuphila. Le miphumela ivumelana namazwi ashiwo eBhayibhelini emakhulwini amaningi eminyaka adlule: “Inhliziyo ejabulayo ingumuthi omuhle, kodwa umoya omunyu womisa amathambo.”—IzAga 17:22.

Kodwa ngenxa yalokho ochwepheshe bezesayensi abakubikezelayo ngekusasa loMhlaba, abaningi bakuthola kunzima ukuhlala bejabule futhi benethemba lokuhle. Cabangela ezinye nje zezibikezelo ezimbi ezingundabamlonyeni.

Umhlaba Usengozini

Ngo-2002 inhlangano ehlonishwayo i-Stockholm Environment Institute yaxwayisa ngokuthi ukulandela inkambiso evamile yokuthuthukisa umnotho cishe kungabangela “izenzakalo ezingase zisishintshe ngokuphelele isimo sezulu somhlaba nesemvelo.” Lo mbiko ubuye uveze ukuthi ubumpofu embulungeni yonke, ukungalingani kwabantu okuqhubekayo nokonakaliswa kwemithombo yemvelo kungenza isintu sisuke “kwenye inhlekelele yezemvelo, yezenhlalo neyokulondeka siye kwenye.”

Ngo-2005 iZizwe Ezihlangene zakhipha umbiko okuthiwa i-Millennium Ecosystem Assessment Synthesis Report. Wawungumphumela wocwaningo lweminyaka emine oluphathelene nesimo semvelo eMhlabeni, olwaluhlanganisa ochwepheshe abangaphezu kuka-1 360 bamazwe angu-95. Lo mbiko wawunalesi sixwayiso esisangulukisayo: “Izinto ezenziwa abantu ziphazamisa indlela yoMhlaba yokusebenza engokwemvelo kangangokuthi ikhono lemvelo lomhlaba lokusekela izizukulwane ezizayo alisenakuthathwa kancane.” Lo mbiko uthi ukuze kuvinjelwe inhlekelele kungadingeka “izinguquko ezinkulu ezinkambisweni, ezinhlanganweni nasemikhubeni engekho manje.”

U-Anna Tibaijuka, umqondisi ophethe i-United Nations Human Settlements Programme, uveza lokho inani elandayo labacwaningi elikukholelwayo. Uthi: “Uma siqhubeka ngendlela evamile, siyobhekana nekusasa eliyinhlekelele.”

Isizathu Sethemba

OFakazi BakaJehova, abashicilela lo magazini, nabo bakholelwa ukuthi ziseduze izenzakalo ezimangalisayo, ezizoshintsha umhlaba. Kodwa, bayaqiniseka ngokuthi esikhundleni sokuletha ikusasa eliyinhlekelele, lezi zenzakalo zizoletha izimo ezinhle kakhulu ezingakaze zibe khona emhlabeni. Kungani benaleli themba? Kungenxa yokuthi bayazethemba izithembiso eziseZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Phawula esinye salezi zithembiso: “Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho; ngokuqinisekile uyoyibheka indawo yakhe, futhi uyobe engekho. Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHubo 37:10, 11.

Ingabe ithemba elinjalo liyiphupho nje? Ngaphambi kokuba uphendule lowo mbuzo, cabangela lokhu: Kusasele izinkulungwane zeminyaka, iBhayibheli lazibikezela ngokunembile izinkinga ezinkulu eziningi esizibona zihlasele umhlaba nesintu manje. Sikucela ukuba ufunde imibhalo esesihlokweni esilandelayo, uqhathanise lokho ekushoyo nalokho okubona kwenzeka emhlabeni. Uma wenza kanjalo, ukuthembela kwakho ekutheni iBhayibheli libikezela izenzakalo zesikhathi esizayo ngokunembile kuyokhula.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela