Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 8/1 kk. 5-6
  • Izikhathi Ezibucayi Manje

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izikhathi Ezibucayi Manje
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Zibonakala Ngani “Izinsuku Zokugcina,” Noma “Isikhathi Sokuphela”?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ingabe Siphila “Ezinsukwini Zokugcina”?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Usuzobhubha Yini Umhlaba?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Ingabe Siphila “Ezinsukwini Zokugcina” Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 8/1 kk. 5-6

Izikhathi Ezibucayi Manje

IBHAYIBHELI labikezela ukuthi isintu sasiyobhekana ‘nezikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ Lichaza le nkathi ngokuthi ‘izinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1-5; 2 Petru 3:3-7) UJesu Kristu wakhuluma ngenkathi efanayo lapho ephendula umbuzo owabuzwa abafundi bakhe ngokuphathelene ‘nesiphelo sesimiso sezinto.’ (Mathewu 24:3) Ingabe manje siphila ezinsukwini zokugcina? Qhathanisa lokho iBhayibheli elakubikezela nemibiko yamuva ecashunwe ngezansi, bese uzenzela isinqumo.

Lokho okwabikezelwa iBhayibheli: izimpi embulungeni yonke—Luka 21:10; IsAmbulo 6:4.

Lokho okushiwo imibiko yamuva: “Inani labantu ababulawa yimpi ekhulwini lama-20 laphindwa izikhathi ezingaphezu kwezintathu kunelawo wonke amanye amakhulu eminyaka ehlangene, kusukela esikhathini sokuzalwa kukaKristu.”—I-Worldwatch Institute.

Lokho okwabikezelwa iBhayibheli: ukusweleka kokudla nezifo—Luka 21:11; IsAmbulo 6:5-8.

Lokho okushiwo imibiko yamuva: Ngo-2004 abantu ababalelwa ezigidini ezingu-863 emhlabeni wonke babengondlekile kahle, okuyizigidi ezingu-7 ngaphezu kwenani lango-2003.—I-United Nations Food and Agriculture Organization.

Abantu abangaba yizigidi eziyinkulungwane bahlala emijondolo; abantu abayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-2,6 bantula izindlela eziyisisekelo zokukhuculula imfucumfucu nendle; abantu abayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-1,1 abanawo amanzi okuphuza ahlanzekile.—I-Worldwatch Institute.

Umalaleveva uhlasela abantu abayizigidi ezingu-500; abantu abayizigidi ezingu-40 bane-HIV-AIDS; isifo sofuba sabulala abantu abayizigidi ezingu-1,6 ngo-2005.—I-World Health Organization.

Lokho okwabikezelwa iBhayibheli: ukuchithwa komhlaba—IsAmbulo 11:18.

Lokho okushiwo imibiko yamuva: “Izinto ezenziwa abantu sezibeke le mbulunga engcupheni enkulu yokuqothulwa kwezinto eziphilayo.” “Kutholakale ukuthi cishe izingxenye ezimbili kwezintathu zezinto ezenziwa imvelo ukuze kuzuze isintu ziyancipha emhlabeni wonke.”—I-Millennium Ecosystem Assessment.

“Amagesi enziwa abantu abamba ukushisa emkhathini aye enza isimo sezulu eMhlabeni sacishe saba inhlekelele, okungase kube nemiphumela eyingozi embulungeni.”—I-NASA, Goddard Institute for Space Studies.

Lokho okwabikezelwa iBhayibheli: ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu emhlabeni wonke—Mathewu 24:14; IsAmbulo 14:6, 7.

Lokho okushiwo imibiko yamuva: Ngo-2007, inani eliphakeme loFakazi BakaJehova abangu-6 957 854 lachitha amahora angaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezingu-1,4 lishumayela izindaba ezinhle ngoMbuso kaNkulunkulu emazweni angu-236.—INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2008.

Njengoba kuphawulwe ngenhla, iBhayibheli labikezela ukuthi naphezu kwemibiko emibi, kwakuyoba nesizathu sethemba. UJesu wakhuluma “ngezindaba ezinhle” zoMbuso kaNkulunkulu. Uyini uMbuso kaNkulunkulu? Uhlobene kanjani nethemba lesintu lekusasa elingcono? Futhi uMbuso kaNkulunkulu uyokuthinta kanjani?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]

IBhayibheli labikezela izimo zezwe esizibona namuhla

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela