Sondela KuNkulunkulu
Ingabe Kukhona ‘Okungasihlukanisa Nothando LukaNkulunkulu’?
UBANI kithi ongakufuni ukuthandwa? Yebo, siyajabula lapho sizizwa sithandwa umkhaya nabangane. Kodwa, ngokudabukisayo, ubuhlobo phakathi kwabantu buyinto ebucayi kakhulu nengaqinisekile. Abantu esibathandayo bangase basizwise ubuhlungu, basilahle, noma baze basidikile ngisho nokusidikila. Kodwa kunothile onothando olungapheli. Uthando uJehova uNkulunkulu analo ngabakhulekeli bakhe luchazwe kahle kweyabaseRoma 8:38, 39.
Umphostoli uPawulu uthi: “Ngiyaqiniseka.” Uqiniseka ngani? Ngokuthi akukho ‘okungasihlukanisa nothando lukaNkulunkulu.’ UPawulu akazikhulumeli nje yena kuphela kodwa ‘nathi’—okuwukuthi, sonke esikhonza uNkulunkulu ngokwethembeka. Ukuze agcizelele iphuzu lakhe, uPawulu ubala izinto eziningi ezingenakuluvimba uthando lukaJehova ukuba lufinyelele ezincekwini zakhe ezizinikele.
“Nakufa nakuphila.” Uthando lukaJehova ngabantu bakhe alupheli lapho befa. Ukuze afakazele uthando lwakhe, uNkulunkulu ubagcina enkumbulweni yakhe abanjalo, futhi uyobavusela emhlabeni omusha ozayo onokulunga. (Johane 5:28, 29; IsAmbulo 21:3, 4) Phakathi naleso sikhathi, uthando lukaNkulunkulu ngabakhulekeli bakhe abathembekile alushintshi kungakhathaliseki ukuthi ukuphila kubalethelani kulesi simiso sezinto.
“Nazingelosi nahulumeni.” Abantu bangathambekela ekuthonyweni abantu abanamandla noma iziphathimandla, kodwa akunjalo ngoJehova. Izidalwa zomoya ezinamandla, njengengelosi eyaba uSathane, azinakumthonya uNkulunkulu ukuba ayeke ukuthanda abakhulekeli bakhe. (IsAmbulo 12:10) Ngisho nohulumeni, abangase baphikise amaKristu eqiniso, abanakuyishintsha indlela uNkulunkulu azibheka ngayo izinceku zakhe.—1 Korinte 4:13.
“Nazinto ezikhona manje nezinto ezizayo.” Uthando lukaNkulunkulu alupholi ngokuhamba kwesikhathi. Ayikho into engehlela izinceku zakhe manje noma esikhathini esizayo eyobangela uNkulunkulu ukuba ayeke ukuzithanda.
“Namandla.” UPawulu ukhulumé ngamandla asezulwini nawasemhlabeni—“izingelosi” kanye “nohulumeni”—kodwa manje ukhuluma “ngamandla.” Igama lesiGreki elisetshenziswe lapha linencazelo ebanzi. Noma ngabe iyiphi incazelo enembile, iyodwa nje into eqinisekile: Awekho amandla ezulwini noma emhlabeni angavimba ukuba uthando lukaJehova lufinyelele kubantu bakhe.
“Nakuphakama nakujula.” UJehova uyabathanda abantu bakhe kungakhathaliseki ukuthi babhekene naziphi izimo—kumnyama kubomvu.
“Nanoma iyiphi enye indalo.” Ngala mazwi ahlanganisa yonke indalo, uPawulu uthi ayikho neyodwa into engahlukanisa abakhulekeli abaqotho nothando lukaJehova.
Ngokungafani nothando lwabantu olungashintsha noma luphole, olukaNkulunkulu ngalabo abaqhubeka bemfuna ngokholo alushintshi; luhlala phakade. Ngokuqinisekile ukwazi lokhu kusishukumisela ukuba sisondele kuJehova futhi sizame konke okusemandleni ethu ukubonisa ukuthi siyamthanda.