Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 2/1 k. 18
  • Ubufakazi Obukhulu Bothando LukaNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubufakazi Obukhulu Bothando LukaNkulunkulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuvivinywa Kokholo
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • UJehova Uvivinya U-Abrahama
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Wayengubani U-Abrahama?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • UJehova Wambiza Ngokuthi “Umngane Wami”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 2/1 k. 18

Sondela KuNkulunkulu

Ubufakazi Obukhulu Bothando LukaNkulunkulu

Genesise 22:1-18

U-ABRAHAMA wayemthanda uNkulunkulu. Leyo nzalamizi ethembekile yayimthanda no-Isaka, indodana eyayithola isikhulile. Kodwa cishe lapho u-Isaka eseneminyaka engu-25 ubudala, u-Abrahama wabhekana novivinyo olwalungqubuzana nomuzwa kababa ongokwemvelo—uNkulunkulu wathi akenze umhlatshelo ngendodana yakhe. Kodwa, leso senzakalo asizange siholele ekufeni kuka-Isaka. Ngomzuzu wokugcina, uNkulunkulu wangenela ngokuthumela ingelosi. Ukulandisa kweBhayibheli, okulotshwe kuGenesise 22:1-18, kusinika amazwibela angokwesiprofetho othando olukhulu lukaNkulunkulu ngathi.

Ivesi lokuqala lithi: ‘UNkulunkulu wamvivinya u-Abrahama.’ U-Abrahama wayeyindoda yokholo, kodwa manje ukholo lwakhe lwaluzovivinywa kakhulu kunanini ngaphambili. UNkulunkulu wathi: “Ngicela uthathe indodana yakho, indodana yakho okuwukuphela kwayo oyithanda kakhulu, u-Isaka, . . . uyinikele lapho njengomnikelo wokushiswa kwenye yezintaba engizokubonisa yona.” (Ivesi 2) Khumbula, uNkulunkulu akavumeli ukuba izinceku zakhe zilingwe ngaphezu kwalokho ezingakuthwala. Ngakho lolu vivinyo lwabonisa ukuthi uNkulunkulu wayemethemba u-Abrahama.—1 Korinte 10:13.

U-Abrahama wasabela ngokulalela ngokushesha. Siyafunda: “U-Abrahama wavuka kusesekuseni kakhulu wabophela imbongolo yakhe wathatha ezimbili zezikhonzi zakhe kanye no-Isaka indodana yakhe; wacanda izinkuni zomnikelo wokushiswa. Khona-ke wasuka wathatha uhambo.” (Ivesi 3) Kusobala ukuthi u-Abrahama wayigcina kuye imininingwane yalolu vivinyo.

U-Abrahama wabe esethatha uhambo lwezinsuku ezintathu, okwamnika isikhathi sokuzindla. Kodwa ukuzimisela kwakhe akuzange kuntengantenge. Amazwi awasho embula ukholo lwakhe. Lapho ebona intaba eyayikhethiwe buqamama, watshela izinceku zakhe: “Hlalani lapha . . . , kodwa mina nomfana sifuna ukuqhubekela laphaya siyokhulekela bese sibuyela kini.” Lapho u-Isaka ebuza ukuthi ikuphi imvu eyayizonikelwa njengomhlatshelo, u-Abrahama wathi: “UNkulunkulu uzoyilungiselela ngokwakhe imvu.” (Ivesi 5, 8) U-Abrahama wayenethemba lokubuya nendodana yakhe. Ngani? Ngoba “wathi uNkulunkulu uyakwazi ukumvusa [u-Isaka] ngisho nakwabafileyo.”—Hebheru 11:19.

Lapho befika entabeni, u-Abrahama ethatha “ummese wokuhlaba ukuze abulale indodana yakhe,” ingelosi yamvimba. UNkulunkulu wabe eselungiselela inqama, u-Abrahama ayengayinikela “esikhundleni sendodana yakhe.” (Amavesi 10-13) Emehlweni kaNkulunkulu, kwakunjengokungathi u-Isaka wayesenikelwe. (Hebheru 11:17) Isazi esithile siyachaza: “KuNkulunkulu, lokhu kuzimisela kwakulingana nesenzo ngokwaso.”

Ukuthemba kukaJehova u-Abrahama kwafakazelwa. Nokuthemba kuka-Abrahama uJehova kwavuzwa, ngoba uNkulunkulu waphinda isivumelwano ayesenze no-Abrahama, waze wanezela kuso isivumelwano esasithembisa izibusiso kubantu bazo zonke izizwe.—Amavesi 15-18.

Ekugcineni, uNkulunkulu wanqanda u-Abrahama ekwenzeni umhlatshelo Yena ayengenakuzinqanda ekuwenzeni. Ukuzimisela kuka-Abrahama ukunikela ngo-Isaka kwakufuzisela ukunikela kukaNkulunkulu ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, uJesu, ngenxa yezono zethu. (Johane 3:16) Umhlatshelo kaKristu uwubufakazi obukhulu kunabo bonke bothando lukaJehova ngathi. Njengoba uNkulunkulu azidela ngale ndlela ngenxa yethu, kufanele sizibuze, ‘Ikuphi ukuzidela engizimisele ukukwenza ukuze ngithokozise uNkulunkulu?’

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela