Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 3/1 k. 32
  • Usuku Olubaluleke Kakhulu Emlandweni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Usuku Olubaluleke Kakhulu Emlandweni
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 3/1 k. 32

Usuku Olubaluleke Kakhulu Emlandweni

Lolu usuku uJesu Kristu afa ngalo. Kungani ukufa kukaJesu kwakubaluleke kangaka? Ngenxa yezizathu eziningana.

Ukuthembeka kukaJesu kwaze kwaba sekufeni kwabonisa ukuthi abantu bangabulondoloza ubuqotho kuNkulunkulu.

Ukufa kukaKristu kwavula nethuba lokuba abathile esintwini babuse kanye naye ezulwini. Ngaphezu kwalokho, kwavula indlela yokuba abaningi bajabulele ukuphila okuphakade epharadesi lasemhlabeni.

Ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, uJesu wasebenzisa isinkwa esingenamvubelo newayini elibomvu njengezifanekiselo zomhlatshelo wakhe wobuntu onothando. Watshela nabafundi bakhe: “Qhubeka nikwenza lokhu ningikhumbula.” (Luka 22:19) Ingabe uyosikhumbula lesi senzakalo esibalulekile?

OFakazi BakaJehova bakumema ngokufudumele ukuba uhlanganyele nabo eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu. Kulo nyaka lesi Sikhumbuzo sizoba ngoLwesine, April 9, ngemva kokushona kwelanga. Ungaya eHholo LoMbuso eliseduze nalapho uhlala khona. Siza ubuze oFakazi BakaJehova bendawo ngesikhathi nendawo eqondile.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela