Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 3/1 kk. 12-14
  • Izizathu Ezinhlanu Zokwesaba UNkulunkulu Hhayi Abantu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izizathu Ezinhlanu Zokwesaba UNkulunkulu Hhayi Abantu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abalandeli BakaKristu Beqiniso Bakulindele Ukuphikiswa
  • Okwenza Sesabe uNkulunkulu, Hhayi Abantu
  • Ungakunqoba Ukwesaba Abantu
  • Kungani Kufanele Wesabe UNkulunkulu, Hhayi Abantu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Yenza Ukuba Inhliziyo Yakho Yesabe UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Ukwesaba UNkulunkulu—Ingabe Kungakuzuzisa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Izinzuzo Zokwesaba UNkulunkulu Weqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 3/1 kk. 12-14

Izizathu Ezinhlanu Zokwesaba UNkulunkulu Hhayi Abantu

LE NSIZWA yayijabule kodwa imangele. Lokhu okwakusanda kwenzeka kwakungalindelekile neze. Ingxoxo yayo noFakazi BakaJehova ababili yayiyivule amehlo. Umbuzo othi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka wase uyihluphe iminyaka eminingi, kodwa manje wase uphendulwe ngokucacile ngeBhayibheli. Yayingazi ukuthi iBhayibheli liqukethe ukwaziswa okuhle kangaka nokujabulisayo.

Ngemva kwemizuzu embalwa izivakashi zihambile, inkosikazi engumnikazi womuzi yaphonseka ekamelweni layo futhi ngokufutheka yathi, “Bangobani laba bantu?”

Imangaliswe yilesi senzo, zavele zayima emthumeni kule nsizwa.

“Ngiyazi ukuthi bangobani,” kusho le nkosikazi ngolaka, “futhi uma uphinda ubangenisa, kuzofanele uhambe uyofuna enye indawo yokuhlala!”

Yaphuma maqede yagaklaza isivalo.

Abalandeli BakaKristu Beqiniso Bakulindele Ukuphikiswa

Lokhu okwehlela le nsizwa akuyona into engavamile. IZwi likaNkulunkulu iBhayibheli liyachaza: “Bonke labo abafisa ukuphila ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kanye noKristu Jesu nabo futhi bayoshushiswa.” (2 Thimothewu 3:12) AmaKristu eqiniso ngokuvamile awathandwa futhi awakaze athandwe. Kungani kunjalo? Umphostoli uJohane watshela amanye amaKristu: “Siyazi ukuthi singabakaNkulunkulu, kodwa lonke izwe lisemandleni omubi.” USathane uDeveli uphinde achazwe “njengengonyama ebhongayo, efuna engamshwabadela.” (1 Johane 5:19; 1 Petru 5:8) Ukwesaba abantu kungesinye sezikhali zikaSathane eziphumelela kakhulu.

Ngisho noJesu Kristu, owenza okuningi okuhle futhi ongazange one, wadelelwa futhi washushiswa. Wathi: “Bangizonda ngaphandle kwesizathu.” (Johane 15:25) Ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, wahlomisa abafundi bakhe ngala mazwi: “Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi liye lazonda mina ngaphambi kokuba lizonde nina. Khumbulani izwi engiye ngalisho kini, Inceku ayinkulu kunenkosi yayo. Uma beye bashushisa mina, bayonishushisa nani.”—Johane 15:18, 20.

Ngenxa yalokhu, abaningi baye besaba ukumelela ukukhulekela kweqiniso. Likhuluma ngalabo ababefuna uJesu ngesinye isikhathi, iBhayibheli lithi: “Akekho owayekhuluma ngaye obala ngenxa yokwesaba amaJuda.” (Johane 7:13; 12:42) Abaholi benkolo bangaleso sikhathi babesabisa ngokuxosha noma ubani obonisa ukholo kuKristu. Ngenxa yalokho, ukwesaba abantu kwavimbela abaningi ukuba babe amaKristu.—IzEnzo 5:13.

Kamuva, ngemva kokumiswa kwebandla lobuKristu, sifunda ‘ngokushushiswa okukhulu’ kwebandla elaliseJerusalema. (IzEnzo 8:1) Eqinisweni kuwo wonke uMbuso WaseRoma, amaKristu abhekana noshushiso. Amadoda avelele eRoma atshela umphostoli uPawulu: “Ngokuqondene naleli hlelo siyazi ukuthi kukhulunywa kabi ngalo kuyo yonke indawo.” (IzEnzo 28:22) Yebo, amaKristu eqiniso ayephikiswa kuyo yonke indawo.

Ngisho nanamuhla, uSathane usasebenzisa ukwesaba abantu njengesikhali sokuvimbela abaningi ukuba babe abalandeli bangempela bakaKristu. Abantu abaqotho abafunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova bayaphikiswa noma badelelwe esikoleni, emsebenzini nasemphakathini. Bangase besabe ukulahlekelwa inhlonipho, abangane noma ukusekelwa ngokwezimali. Kwezinye izindawo zasemaphandleni, abalimi besaba ukuthi omakhelwane bangase benqabe ukubasiza lapho sekuvunwa noma bangafuni ukuvikela imfuyo yabo. Nokho, naphezu kwalokho kwesaba, izigidi ziye zazimisela ukwethembela kuNkulunkulu nokuphila ngokuvumelana neZwi lakhe, zilingisa uJesu Kristu. UJehova uye wazibusisa ngokwenza kwazo kanjalo.

Okwenza Sesabe uNkulunkulu, Hhayi Abantu

IBhayibheli lisinxusa ukuba sesabe uNkulunkulu, hhayi abantu. Lithi: “Ukwesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha.” (IHubo 111:10) Lokhu kwesaba akukhona okukhwantabalisayo, kodwa ukwesaba okunempilo kokungafuni ukudumaza uMniki-kuphila wethu. Lokho kuhlobene eduze nothando. Pho, kungani kufanele sesabe uNkulunkulu hhayi abantu? Ake sicabangele izizathu ezinhlanu.

1 UJehova ungoPhezukonke. UJehova unamandla amakhulu ukudlula noma yimuphi umuntu. Ngokwesaba uNkulunkulu sisuke sikhetha uhlangothi loMninimandla onke, kuye ‘izizwe ezinjengethonsi lamanzi eliphuma ebhakedeni.’ (Isaya 40:15) Ngenxa yokuthi uNkulunkulu unamandla onke, anganqoba “noma isiphi isikhali esiyokwakhiwa ngokumelene” nalabo abathembekile kuye. (Isaya 54:17) Futhi njengoba eyonquma ukuthi ubani okufanelekelayo ukuthola ukuphila okuphakade, siyobe sihlakaniphile uma singavumeli lutho lusivimbele ekufundeni ngaye nasekwenzeni intando yakhe.—IsAmbulo 14:6, 7.

2 UNkulunkulu uyosisiza futhi asivikele. “Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kodwa othembela kuJehova uyovikelwa,” kusho iBhayibheli encwadini yezAga 29:25. Ukwesaba abantu kuwugibe ngoba kungasenza sihlehlele emuva ekuboniseni ukholo kuNkulunkulu. UNkulunkulu usiqinisekisa ngamandla akhe okusindisa: “Ungesabi, ngoba nginawe. Ungaqalazi ngapha nangapha, ngoba nginguNkulunkulu wakho. Ngizokuqinisa. Impela ngizokusiza. Impela ngizoqhubeka ngikubambé ngokuqinile ngesandla sami sokunene sokulunga.”—Isaya 41:10.

3 UNkulunkulu uyabathanda abasondela kuye. Umphostoli uPawulu wabhala la mazwi ashukumisayo: “Ngiyaqiniseka ukuthi nakufa nakuphila nazingelosi nahulumeni nazinto ezikhona manje nazinto ezizayo namandla nakuphakama nakujula nanoma iyiphi enye indalo ngeke kukwazi ukusihlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.” (Roma 8:37-39) Uma sifunda ukuthembela nokulalela uNkulunkulu, singajabulela uthando oluqinile loMbusi Wendawo Yonke. Yeka ilungelo elingaka!

4 Siyakwazisa konke uNkulunkulu asenzele khona. UJehova unguMdali wethu, nomenzi wokuphila. Ngaphezu kwalokho, akagcinanga nje ngokusinika izidingo zokuphila kodwa nezinto ezenza ukuphila kujabulise futhi kuthakazelise. Ngokuqinisekile, unguMthombo wazo zonke izipho ezinhle. (Jakobe 1:17) UDavide, indoda ethembekile eyajabulela umusa kaNkulunkulu wothando, wathi: “Ziningi izinto ozenzile, Jehova Nkulunkulu wami, ngisho nemisebenzi yakho emangalisayo nemicabango yakho kithi. . . . Isibé miningi kakhulu kunalokho engingase ngikulandise.”—IHubo 40:5.

5 Abanye kulabo abasiphikisayo bangase bashintshe. Ungabasiza labo abakuphikisayo ngokungahlehli, kunalokho unamathele ngokuqinile ekwesabeni nasekuthandeni uNkulunkulu. Cabanga ngezihlobo zikaJesu. Ekuqaleni azizange zikholwe nguye, kunalokho zathi: “Uyahlanya.” (Marku 3:21; Johane 7:5) Kamuva, lapho uJesu esefile waphinde wavuka, eziningi kuzo zaba amakholwa. Abafowabo bakaJesu ngamzali munye uJakobe noJude baze bahlanganyela nasekulobeni imiBhalo. Kunomunye umshushisi oshisekayo uSawulu, kamuva owaba umphostoli uPawulu. Abanye balabo manje abasibangela izinkinga bangase bakhanyelwe ukuthi siphethe iqiniso elivela eBhayibhelini ngenxa yokuba kwethu nesibindi.—1 Thimothewu 1:13.

Ngokwesibonelo, u-Aberash, owesifazane wase-Afrika, wayekade ethandazela ukuthola iqiniso. Ngemva kokuba eseqale ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, waphikiswa kanzima amalungu omkhaya wakhe nabefundisi. Ezinye zezihlobo zakhe ezase ziqalile ukufundelwa zayeka ngenxa yokwesaba abantu. Kodwa wacela amandla kaNkulunkulu nesibindi futhi wabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova. Waba yini umphumela? Izihlobo zakhe ezingu-8 zaqunga isibindi, zaphinde zaqala ukutadisha iBhayibheli futhi zithuthuka kahle kakhulu ngokomoya.

Ungakunqoba Ukwesaba Abantu

Ukuze ugweme ukuwela ogibeni lokwesaba abantu, yenza konke ongakwenza ukuqinisa uthando lwakho ngoNkulunkulu. Lokhu ungakwenza ngokutadisha iBhayibheli nokuzindla ngemibhalo, njengowamaHebheru 13:6 othi: “UJehova ungumsizi wami; ngeke ngesabe. Umuntu angangenzani?” Ungazikhohlwa izizathu zokuthi kungani ukwesaba uNkulunkulu kukuhle futhi kuhlakaniphile kunokwesaba abantu.

Ungazilibali nezibusiso eziningi ezitholakala ngokusebenzisa lokho okufunde eBhayibhelini. Ungathola izimpendulo ezanelisayo emibuzweni ebalulekile ekuphileni. Ungathola nokuhlakanipha okusebenzayo kokubhekana nezinselele zokuphila. Ungajabulela nethemba eliyingqayizivele naphezu kwalezi zimo zanamuhla ezikhungathekisayo. Futhi ungasondela kuNkulunkulu onamandla onke noma nini ngomthandazo.

Umphostoli uJohane wabhala: “Izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” (1 Johane 2:17) Manje isikhathi sokuba ngogxilile futhi uqhubeke uhamba ngokwesaba uNkulunkulu. Kunokuba uvumele ukwesaba abantu, ungakhetha ukusabela eselulekweni sikaNkulunkulu: “Hlakanipha, ndodana yami, wenze inhliziyo yami ijabule, ukuze ngimphendule ongiklolodelayo.” (IzAga 27:11) Yeka ilungelo elihle lokhu okuyilo!

Khumbula, akekho umuntu ongakunikeza lokho uNkulunkulu ayokunika labo abamesabayo: “Umphumela wokuthobeka nokwesaba uJehova yingcebo nodumo nokuphila.”—IzAga 22:4.

[Isithombe ekhasini 14]

Ngenxa yesibindi sakhe, izihlobo ezingu-8 zika-Aberash ziyakujabulela ukuqhubeka zifundelwa iBhayibheli

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela