Izisulu Zesiphepho EMyanmar Zathola Usizo
NGO-MAY 2, 2008, iSiphepho uNargis sagasela iMyanmar futhi saba undabamlonyeni ngokushesha emhlabeni wonke.a Kubikwa ukuthi kwashona noma kwalahleka abantu abangaba ngu-140 000 ngemva kwesiphepho esinamandla esagasela endaweni yase-Irrawaddy Delta.
Ngokumangalisayo, akekho noyedwa koFakazi BakaJehova abaningi kule ndawo owalimala. Ngokuyinhloko, basinda ngoba bakhosela eHholo LoMbuso labo elalakhiwe kahle. Kwenye indawo, oFakazi abangu-20 nezinye izakhamuzi ezingu-80 bahlala ophahleni lweHholo LoMbuso amahora angu-9 njengoba amanzi ezikhukhula ephakama cishe ngamamitha amahlanu. Bonke basinda. Ngokudabukisayo, kwashona abanye abangu-300 kulowo mzana. Emizaneni eminingi, amaHholo OMbuso awukuphela kwezakhiwo ezasala zimile.
Ezinsukwini ezimbili ngemva kwesiphepho, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eYangon lathumela iqembu labasizi ebandleni laseBothingone, esizalweni semifula. Linqamula endaweni eyayicekeleke phansi, ligwema abaphangi futhi lidlula phakathi kwezidumbu ezase ziqala ukonakala, leli qembu lafika eBothingone nezinto zosizo ezihlanganisa irayisi, i-pasta eyomisiwe, amanzi namakhandlela. Kwakuyiqembu lokuqala losizo elafika kule ndawo. Ngemva kokunika oFakazi bendawo le mpahla, leli qembu lanikeza izinkulumo zeBhayibheli ukuze libakhuthaze labe selishiya amaBhayibheli nezincwadi zeBhayibheli, ngoba yonke impahla yabo yayikhukhulwe amanzi phakathi nesiphepho.
Isimo sengqondo soFakazi abathintwa yilesi siphepho sasimangalisa ngempela. Omunye uFakazi webandla lasendaweni yase-Irrawaddy eyacekeleka phansi wathi: “Konke ebesinakho akusekho. Yonke imizi yethu ibhidlikile. Zonke izilimo zethu zishabalele. Wonke amanzi okuphuza angcolile ngenxa yezikhukhula. Kodwa abafowethu nodade abakhathazekile njengabanye. Bathembele kuJehova nenhlangano yakhe. Sizolandela zonke iziqondiso esizinikezwayo kungakhathaliseki ukuthi siqhubeka sihlala kulo mzana noma sithuthelwa kwenye indawo.”
Iqembu loFakazi abangu-30, elalahlekelwa yikho konke, lalicula izingoma zoMbuso ngenjabulo phakathi nohambo lwamahora ayishumi liya endaweni elalizothola kuyo ukudla, izingubo nendawo yokukhosela eyayilungiselelwe yiqembu losizo. Ngaphambi kokuba lifike kuleyo ndawo, lezwa ukuthi kwakunomhlangano wesifunda woFakazi BakaJehova edolobhaneni eliseduze. Lanquma ukuya emhlanganweni kuqala ukuze lithole ukudla okungokomoya futhi lijabulele ubudlelwane bobuKristu.
Kuyo yonke indawo eyayigaselwe isiphepho, kwabhidlika imizi engu-35 yoFakazi, engu-125 ayilimalanga kakhulu, kanti amaHholo OMbuso angu-8 athola umonakalo omncane. Ngokujabulisayo, izakhiwo zegatsha azizange zithinteke kakhulu.
Ekuqaleni, lesi siphepho sayivala ngokuphelele imigwaqo eya ehhovisi legatsha ngenxa yokuthi kwakuwe izihlahla ezinkulu. Ngemva nje kwamahora ambalwa isiphepho sinqamukile, amalungu angaphezu kwangu-30 ezisebenzi zasegatsheni ahlanganyela ekususeni lezi zihlahla ngezandla. Njengoba ayesebenza, abantu babebukele bemangele. Phakathi nesikhashana, iqembu labesifazane abangoFakazi lafika neziphuzo ezibandayo nezithelo lizokupha izisebenzi nomakhelwane, ababengakukholelwa abakubonayo. Lapho intatheli ethile ibona okwakwenzeka, yabuza, “Bangobani laba bantu abenza umsebenzi omuhle kangaka?” Ngemva kokuthola impendulo, yathi, “Ngifisa sengathi abantu abengeziwe bebengabonisa umoya wangempela wokubambisana njengoFakazi BakaJehova!”
Ngokushesha oFakazi bamisa amakomiti amabili okusiza ezinhlekeleleni ezingxenyeni ezihlukene zezwe ukuze aqondise umsebenzi wosizo. Amakhulu amavolontiya asebenza namaqembu osizo. Phakathi nezinsukwana, oFakazi ababelahlekelwe imizi bakhelwa imizi emisha. Lapho elinye lamaqembu osizo lifika lizokwakhela uFakazi othile umuzi, omakhelwane bakhe babuka bemangele ngempela. Omunye umakhelwane wathi: “Lona wesifazane onguFakazi isonto lakhe limakhela umuzi. Akekho kubangane bami abangamaBuddha ofikile ezongisiza. Kwakufanele ngibe uFakazi lapho engishumayeza!”
Lapho abakhi nekomiti yosizo behlola umuzi othile eThanlyn cishe owawucekeleke phansi ngokuphelele, bathinteka lapho lo mkhaya woFakazi uthi: “Akwenzekanga lutho. Umuzi wethu awunalutho. Singahlala lapha—akunankinga! Abanye oFakazi abanayo ngisho nemizi. Hambani niyosiza bona!”
Endaweni ethile yaseYangon, abanye abantu bazama ukukhosela kwelinye lamasonto endawo. Nokho, umnyango wesonto wawuhluthulelwe futhi akekho owakwazi ukungena. Abantu bacasuka kangangokuba babefuna ukuphula umnyango wesonto. Ngokuphambene nalokho, oFakazi BakaJehova basiza abantu abaningi ukuba bakhosele emaHholo OMbuso phakathi nesiphepho. Ngokwesibonelo, eHholo LoMbuso laseDala, umbhangqwana othile ongoFakazi wangenisa omakhelwane abangu-20 ababebalekele lapho. Ekuseni, leyo mikhaya yayingenamizi engaya kuyo, futhi yayilambile. Ubaba womuzi wathola umuntu odayisa irayisi futhi wathenga elanele ukudliwa yiwo wonke umuntu.
Amanye amalungu omkhaya othile eYangon angoFakazi BakaJehova, kanti amanye angamalungu amasonto ahlukahlukene. Ngemva kwesiphepho, wonke lo mkhaya waya emhlanganweni eHholo LoMbuso. Ngani? Ilungu lomkhaya lachaza: “Abesonto lakithi bathi bazofika bezosivakashela ngemva kwesiphepho, kodwa abazange bafike. Kwafika oFakazi kuphela. Nisiphe irayisi namanzi. Anifani namanye amasonto!” La malungu omkhaya angebona oFakazi ajabulela ingxoxo yesihloko se-Nqabayokulinda esithi “UJehova Uyakuzwa Ukukhalela Kwethu Usizo” futhi aze aphendula kaningana.
Owesifazane othile owayefunda iBhayibheli noFakazi weza emhlanganweni webandla ngesonto elilandela isiphepho. Phakathi nomhlangano, kwafundwa incwadi evela ehhovisi legatsha, eyayichaza okwakwenziwe ukuze kusizwe abantu futhi ilandisa nokuhlangenwe nakho kwalabo ababesinde kulesi siphepho. Njengoba kufundwa incwadi, lona wesifazane waqala ukukhala. Kwamhlaba umxhwele futhi kwamjabulisa kakhulu ukuzwa ukuthi bonke oFakazi babetholakele futhi besindile. Kamuva, wanikwa izinto ezithile zosizo futhi kwahlonywa itende eceleni komuzi wakhe. Wathi unomuzwa wokuthi oFakazi babemnakekele ngempela.
UJesu wathi: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:35) Umfundi uJakobe naye wagcizelela ukuthi ukholo lweqiniso luhambisana nezenzo ezinhle. (Jakobe 2:14-17) OFakazi BakaJehova bawathatha ngokungathi sina lawo mazwi futhi balwela ukubonisa uthando olunjalo ngokusiza nokusekela abaswele.
[Umbhalo waphansi]
a I-Encyclopædia Britannica iyachaza: “Ezindaweni zase-Atlantic naseCaribbean, ngokuvamile lezi ziphepho zibizwa ngokuthi ama-hurricane, kanti entshonalanga yePacific nasoLwandle LwaseChina kusetshenziswa inkulumo ethi ama-typhoon.”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]
IBhayibheli lithi ukholo lweqiniso luhambisana nezenzo ezinhle