Umuntu Akaphili Ngesinkwa Sodwa—Indlela Engasinda Ngayo Emakamu AmaNazi
Njengoba ilandiswa nguJoseph Hisiger
“Ufundani?” Ngibuza isiboshwa engangikanye naso ejele. “IBhayibheli,” siphendula, sabe sesithi: “Ngizokupha lona uma wena unginika isinkwa esiyisabelo sakho saleli sonto.”
NGAZALWA ngo-March 1, 1914, eMoselle, ngaleso sikhathi eyayiyingxenye yeJalimane. Ngemva kokuphela kweMpi Yezwe I ngo-1918, iMoselle yabuyela ngaphansi kweFrance. Ngo-1940, yaphinde yathathwa iJalimane. Khona-ke, kwathi lapho sekuphele iMpi Yezwe II ngo-1945, yaphinde yaba ingxenye yeFrance. Isikhathi ngasinye, ubuzwe bami babulokhu bushintsha, ngakho ngafunda ukukhuluma isiFulentshi kanye nesiJalimane.
Abazali bami babengamaKatolika azinikele. Njalo nje ngaphambi kokuba siyolala, wonke umkhaya wawuguqa uthandaze. NgamaSonto nangamaholide ezwe sasiya esontweni. Ngangiyishisekela inkolo yami futhi ngangiseqenjini lentsha yamaKatolika.
Ukugxila Emsebenzini Wethu
Ngo-1935 abazali bami bavakashelwa oFakazi BakaJehova ababili. Ingxoxo yayigxile ekuhilelekeni kwenkolo empini yezwe yokuqala. Ngemva kwalokho, isithakazelo sami ngeBhayibheli sakhula, ngo-1936 ngabuza umpristi ukuthi ngingalithola yini elami. Wathi kuzofanele ngiyofundela ezenkolo ukuze ngiliqonde. Nokho, lokhu kwenza ngalifuna ngamandla iBhayibheli futhi ngaba nesifiso sokulifunda.
Ngo-January 1937, u-Albin Relewicz, uFakazi engangisebenza naye, waqala ukukhuluma nami ngalokho okufundiswa yiBhayibheli. Ngambuza ngathi, “Ingabe likhona onalo?” Wayenalo, futhi ngokushesha wangibonisa igama likaNkulunkulu elithi Jehova enguqulweni yesiJalimane ka-Elberfelder anginika yona. Ngalifunda ngentshiseko futhi ngaqala ukuya emihlanganweni yebandla yoFakazi edolobheni eliseduze laseThionville.
Ngo-August 1937, ngahamba no-Albin saya emhlanganweni wezizwe woFakazi eParis. Ngaqala lapho ukushumayela endlini ngendlu. Ngokushesha ngemva kwalokho ngabhapathizwa, futhi ekuqaleni kuka-1939 ngaba yiphayona, isikhonzi esingumKristu sesikhathi esigcwele. Ngabelwa edolobheni laseMetz. Kwathi ngo-July, ngathola isimemo sokuyosebenza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eParis.
Usizi Lwangezikhathi Zempi
Ngakhonza isikhathi esifushane egatsheni ngoba ngo-August 1939, ngabizelwa ebuthweni lezempi laseFrance. Unembeza wami awuzange ungivumele ukuba ngihlanganyele empini, ngakho ngagqunywa ejele. Ngo-May wonyaka olandelayo ngesikhathi ngisesejele, iJalimane lahlasela iFrance ngokuzumayo. Ngo-June, iFrance yanqotshwa, kwadingeka ukuba ngiphinde ngibe umJalimane. Ngakho ngo-July 1940 lapho ngidedelwa ejele, ngabuye ngayohlala nabazali bami.
Njengoba sasiphila ngaphansi kokubusa kwamaNazi, sasihlangana ngasese lapho sitadisha iBhayibheli. Sasithola INqabayokulinda ngoMaryse Anasiak, owesifazane ongumKristu onesibindi engangivame ukuhlangana naye ebhikawozi likaFakazi othile. Kwaze kwaba ngu-1941, ngilokhu ngiphumelela ukugwema izinkinga oFakazi eJalimane ababebhekana nazo.
Ngolunye usuku ngavakashelwa amaGestapo. Ngemva kokuba isikhulu sawo sesikwenze kwacaca ukuthi oFakazi abavunyelwe, sangibuza ukuthi ngizimisele yini ukuqhubeka nginguye. Lapho ngiphendula ngokuthi, “Yebo,” sathi angisilandele. Eshaqekile, umama wavele waquleka. Sibona lokhu, lesi sikhulu sathi ngingabe ngisahamba kunalokho anginakekele umama.
Efektri engangisebenza kuyo, uma ngibingelela imenenja ngangingasho ukuthi “Heil Hitler!” Ngaphinde ngenqaba ukuba yilungu lenhlangano yamaNazi. Ngakho ngosuku olulandelayo amaGestapo angibopha. Phakathi nophenyo ngenqaba ukudalula amagama oFakazi esasikanye nabo. Umphenyi wangishaya ekhanda ngesidunu sesibhamu ngaquleka. Ngo-September 11, 1942 i-Sondergerich (Inkantolo Ekhethekile) yaseMetz yangigweba iminyaka emithathu ejele, “ngokusakaza inkulumo-ze yeNhlangano yoFakazi BakaJehova nabaFundi BeBhayibheli.”
Emasontweni amabili kamuva, ngahamba ejele laseMetz ngayiswa ekamu okufukuzwa kulo laseZweibrücken. Lapho, ngasebenza neqembu elalilungisa ujantshi. Sasishintsha ujantshi osindayo, siwubophe, siphinde sithele amatshe. Ukudla kwethu kwakuyinkomishi yekhofi kanye namagremu angu-75 esinkwa ekuseni, kanti emini nantambama sasithola isitsha sesobho kuphela. Ngabe sengithunyelwa ejele eliseduze nedolobha, lapho ngasebenza esitolo sokuthunga izicathulo. Ngemva kwezinyangana, ngaphindiselwa eZweibrücken, kulokhu ngasebenza emasimini.
Ukuphila Kodwa Hhayi Ngesinkwa Sodwa
Esitokisini engangikuso ngangivalelwe nensizwa yaseNetherlands. Ngenxa yokuthi ngase ngifunde ulimi lwayo ngezinga elithile, ngakwazi ukuxoxa nayo ngezinkolelo zami. Yathuthuka kahle kakhulu, kwaze kwaba yilapho isicela ukuba ngiyibhapathize emfuleni. Lapho iphuma ngaphansi kwamanzi, yanganga yabe isithi, “Joseph, sengingumfowenu!” Lapho sengiphindiselwa emsebenzini wakwaloliwe, kwaba ukuhlukana kwethu.
Kulokhu ngangivalelwe nomJalimane esitokisini. Ngobunye ubusuku waqala ukuzifundela incwadi encane—iBhayibheli! Kungalesi sikhathi lapho athembisa khona ukunginika lona uma ngingamnika isinkwa esiyisabelo sami salelo sonto. “Siyavumelana!” Kuphendula mina. Nakuba ukudla kwesonto lonke kwakusho ukuzidela okukhulu, angizange ngizisole ngakho. Ngaqala ukuqonda incazelo yamazwi kaJesu athi: “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.”—Mathewu 4:4.
Manje ngase ngineBhayibheli kodwa nginenkinga yokuthi ngizoligcina kanjani. Ngokungafani nezinye iziboshwa, oFakazi babengavunyelwe ukuba neBhayibheli. Ngakho ngangilifunda ngasese ebusuku, ngigubuzele. Emini ngangilifaka ngaphansi kwehembe bese ngihamba nalo. Ngangingeke ngikwazi ukulishiya esitokisini ngenxa yabaseshi.
Ngolunye usuku sibuthelwe ndawonye, ngakhumbula ukuthi ngangikhohlwe iBhayibheli lami. Kusihlwa ngalolo suku ngaphuthuma esitokisini, kodwa ngalithola lingasekho. Ngemva kokuthandaza kuNkulunkulu, ngaya kunogada, ngamchazela ukuthi kunomuntu othathe incwadi yami futhi ngiyayifuna. Akazange anake nakunaka, ngakho ngakwazi ukuthola iBhayibheli lami. Ngambonga ngokusuka enhliziyweni uJehova.
Ngesinye isikhathi kwathiwa angiyogeza esisefweni. Lapho ngikhumula izimpahla zami ezingcolile, ngokuhlakanipha ngawisa iBhayibheli lami. Kwathi unogada enganakile, ngaliphusha ngonyawo ngaliyisa ngasesisefweni. Ngabe sengilifihla ngesikhathi ngisageza. Nalapho sengiphuma ngenza into efanayo, kulokhu ngalisunduzela ngasenqwabeni yezimpahla ezihlanzekile.
Ukubhekana Nezigemegeme Ezihlukahlukene
Ngolunye usuku ngo-1943 ngesikhathi iziboshwa zikleliswe egcekeni, ngabona u-Albin! Naye wayeboshiwe. Wangibuka maqede wabeka isandla sakhe enhliziyweni njengophawu lobuzalwane. Wabe esenyakazisa isandla engibonisa ukuthi wayezongibhalela. Ngakusasa, lapho edlula wawisa isiqeshana sephepha. Kodwa onogada basibona, ngakho sobabili sathola isigwebo sokuvalelwa sodwa amasonto amabili. Sasinesinkwa esikhuntile namanzi kuphela futhi silala phezu kwamapulangwe singenazingubo zokwembatha.
Ngemva kwalokho ngashintshelwa ejele laseSiegburg, lapho ngafike ngasebenza khona esitolo sensimbi. Umsebenzi wawukhandla kakhulu kanti nokudla kukuncane. Ebusuku ngangiphupha ngokudla okuconsisa amathe—amakhekhe nezithelo—kodwa ngangivuka ngikhalelwa isisu nomphimbo womile. Isisindo sami sasingaphansi kwamakhilogremu angu-50. Nokho, usuku ngalunye ngangifunda iBhayibheli lami elincane futhi ngangithola isizathu sokuphila.
Ukukhululeka Ekugcineni!
Kungazelelwe ngo-April 1945, onogada babaleka ejele, bashiya amasango evulekile. Ngase ngikhululekile! Kodwa okokuqala kwadingeka ngichithe isikhathi esithile ngisalulama esibhedlela. Ekupheleni kuka-May, ngafika ekhaya. Base belilahlile ithemba lokuthi ngisaphila. Kwathi uma umama engibona, wavele wakhihla isililo senjabulo. Ngeshwa, abazali bami basheshe bashona ngemva kwalokho.
Ngaphinde ngazama ukuxhumana neBandla laseThionville. Yeka injabulo engaba nayo ngokuphinde ngibone umkhaya wami ongokomoya! Kwakumnandi ukuzwa ukuthi babekulondoloze kanjani ukwethembeka naphezu kwezilingo eziningi. Umngane wami othandekayo u-Albin wafela eRegensburg, eJalimane. Kamuva ngezwa ukuthi umzala wami uJean Hisiger waba nguFakazi futhi wabulawa ngenxa kanembeza wakhe owamenqabela ukuba aye empini. UJean Queyroi, engangisebenza naye ehhovisi legatsha eParis, wakhuthazela iminyaka emihlanu esebenza ejele laseJalimane.a
Angipholisanga maseko, ngaphindela edolobheni laseMetz ngiyoshumayela. Ngaleso sikhathi, ngangivame ukuhlangana nomkhaya wakwaMinzani. Indodakazi yabo uTina yayibhapathizwe ngo-November 2, 1946. Futhi yayishiseka enkonzweni, ngakho yangikhanga. Sashada ngo-December 13,1947. Ngo-September 1967, uTina wangenela umsebenzi wokushumayela isikhathi esigcwele, waqhubeka ekuleyo nkonzo kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-June 2003 eneminyaka engu-98. Ngimkhumbula kakhulu uTina.
Namuhla, ngineminyaka engaphezu kwengu-90, ngiyaqaphela ukuthi iZwi likaNkulunkulu belilokhu linginika amandla okubhekana novivinyo nawokulunqoba. Ngezinye izikhathi ngangilamba, kodwa ngangihlala ngiyondla ingqondo nenhliziyo yami ngeZwi likaNkulunkulu. Futhi uJehova uye wangiqinisa. ‘Izwi lakhe liye langilonda.’—IHubo 119:50.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka INqabayokulinda ka-October 1, 1989, amakhasi 22-26, ngendaba yokuphila kaJean Queyroi.
[Isithombe ekhasini 21]
Umngane wami othandekayo u-Albin Relewicz
[Isithombe ekhasini 21]
UMaryse Anasiak
[Isithombe ekhasini 22]
IBhayibheli engalithenga ngesinkwa sami sesonto lonke
[Isithombe ekhasini 23]
Nginengoduso yami, uTina ngo-1946
[Isithombe ekhasini 23]
UJean Queyroi nomkakhe uTitica