Mikhaya YamaKristu—Landelani Isibonelo SikaJesu!
‘UKristu wanishiyela isibonelo sokuba nilandele izinyathelo zakhe eduze.’—1 PET. 2:21.
1. (a) INdodana kaNkulunkulu yaba nayiphi indima ekudaleni? (b) UJesu uzizwa kanjani ngesintu?
LAPHO uNkulunkulu edala amazulu nomhlaba, iNdodana yakhe eyizibulo yayiseceleni kwakhe, “iyisisebenzi esiyingcweti.” Le Ndodana yabambisana noYise nalapho eklama futhi edala izinhlobonhlobo zezilwane nemithi emhlabeni nalapho elungisa iPharadesi elaliyoba ikhaya lezidalwa ezenziwe ngomfanekiso kaJehova futhi ezifana naye. Le Ndodana, kamuva eyaziwa ngokuthi uJesu, yayisithanda kakhulu isintu. “Izinto [eyayizithanda] ezaziphathelene namadodana abantu.”—IzAga 8:27-31; Gen. 1:26, 27.
2. (a) Yini uJehova ayilungiselela ukuze asize isintu esingaphelele? (b) Isiphi esinye isici sokuphila iBhayibheli elinikeza isiqondiso kuso?
2 Ngemva kokona kombhangqwana wokuqala, ukuhlenga isintu esinesono kwaba ingxenye esemqoka yenjongo kaJehova. Ukuze afeze lokhu, uJehova walungiselela umhlatshelo kaKristu wesihlengo. (Roma 5:8) Ngaphezu kwalokho, uJehova walungiselela iZwi lakhe, iBhayibheli, elinikeza umuntu isiqondiso sendlela angaphila ngayo kangcono naphezu kokungapheleli akuzuze ngefa. (IHu. 119:105) EZwini lakhe, unikeza isiqondiso esisiza imikhaya ukuba ihlale iqinile futhi ijabule. Ngokuphathelene nomshado, incwadi kaGenesise ithi indoda kumelwe “inamathele kumkayo babe nyamanye.”—Gen. 2:24.
3. (a) Yini uJesu ayifundisa ngomshado? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
3 Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wagcizelela ukuthi umshado wawuhloselwe ukuba uhlale njalo. Wafundisa izimiso okwakuyothi uma zisetshenziswa, zisize amalungu omkhaya ukuba agweme izimo zengqondo nokuziphatha okusongela umshado wawo noma injabulo yomkhaya. (Math. 5:27-37; 7:12) Lesi sihloko sizodingida indlela izimfundiso nesibonelo sikaJesu lapho esemhlabeni okungasiza ngayo amadoda, amakhosikazi, abazali nabantwana ukuba baphile ukuphila okujabulisayo nokwanelisayo.
Indlela Indoda EngumKristu Emazisa Ngayo Umkayo
4. Ikuphi ukufana okukhona phakathi kwendima kaJesu neyamadoda angamaKristu?
4 UNkulunkulu wamisa indoda ukuba ibe inhloko yomkhaya, njengoba nje noJesu eyiNhloko yebandla. Umphostoli uPawulu wathi: “Indoda iyinhloko yomkayo njengoba noKristu eyinhloko yebandla, yena engumsindisi walo mzimba. Madoda, qhubekani nithanda omkenu, njengoba nje noKristu alithanda ibandla futhi wazinikela ngenxa yalo.” (Efe. 5:23, 25) Ngempela, indlela uJesu aphatha ngayo abalandeli bakhe iyisibonelo sendlela amadoda angamaKristu okudingeka aphathe ngayo omkawo. Ake sicabangele ezinye zezindlela uJesu asebenzisa ngazo igunya lakhe alinikwa uNkulunkulu.
5. UJesu walisebenzisa kanjani igunya lakhe kubafundi bakhe?
5 UJesu ‘wayenomoya omnene futhi ethobekile ngenhliziyo.’ (Math. 11:29) Kodwa wayengumuntu ongananazi. Akakaze adebesele imithwalo yakhe yemfanelo. (Marku 6:34; Joh. 2:14-17) Wayebeluleka ngomusa abafundi bakhe, wayeze abeluleke ngokuphindaphindiwe lapho kudingeka. (Math. 20:21-28; Marku 9:33-37; Luka 22:24-27) Noma kunjalo, akazange abakhahle noma abalulaze, noma abenze bazizwe bengathandwa noma beyizehluleki ezingasoze zakwazi ukwenza lokho ayebafundisa khona. Kunalokho, wabancoma futhi wabakhuthaza. (Luka 10:17-21) Yingakho indlela abaphatha ngayo ngothando nangozwela yabenza bamhlonipha.
6. (a) Indoda ingafundani endleleni uJesu abaphatha ngayo abafundi bakhe? (b) Isiphi isikhuthazo uPetru asinikeza amadoda?
6 Isibonelo sikaJesu sifundisa amadoda ukuthi ubunhloko bobuKristu abuboniswa ngokuba uzwi-lakhe. Kunalokho buboniswa ngokuba nenhlonipho nothando lokuzidela. Umphostoli uPetru wakhuthaza amadoda ukuba alingise izindlela zikaJesu zothando ‘ngokuhlala nomkawo ngendlela efanayo, abazise.’ (Funda eyoku-1 Petru 3:7.) Indoda ingalisebenzisa kanjani-ke igunya layo ngesikhathi esifanayo iphathe umkayo njengomuntu ofanelwe ukwaziswa?
7. Indoda ingabonisa kanjani ukuthi iyamazisa umkayo? Bonisa.
7 Enye indlela indoda engabonisa ngayo ukuthi iyamazisa umkayo iwukucabangela umbono nemizwa yakhe ngaphambi kokwenza izinqumo ezithinta umkhaya. Mhlawumbe kudingeka kwenziwe isinqumo esihilela ukuthutha noma ukushintsha umsebenzi, noma esiphathelene nezinto ezivamile zokuphila, njengokuthi umkhaya uzolichithaphi iholidi noma ukuthi ungayisebenzisa kanjani imali ukuze ukwazi ukuhlangabezana nezindleko ezinyukayo zokuphila. Ngenxa yokuthi umkhaya uzothinteka, kuyobonisa umusa futhi kuzuzise uma indoda ingacabangela umbono womkayo, ngoba lokhu kungayisiza ukuba yenze isinqumo esinokulinganisela, esibonelela ngokwengeziwe, futhi kube lula ngomkayo ukuba ayisekele. (IzAga 15:22) Amadoda angamaKristu abazisayo omkawo awagcini nje ngokuthandwa nokuhlonishwa yibo, kodwa okubaluleke nakakhulu, amukelwa uJehova.—Efe. 5:28, 29.
Indlela Inkosikazi Ebonisa Ngayo Umyeni Wayo Inhlonipho Ejulile
8. Kungani isibonelo sika-Eva kumelwe sigwenywe?
8 Amakhosikazi angamaKristu angafunda indlela yokuthobela igunya esibonelweni esiphelele sikaJesu. Yeka ukuthi umbono wakhe ngegunya uhluke kanjani esimweni sengqondo esaboniswa inkosikazi yokuqala! U-Eva wehluleka ukuba yisibonelo esihle amakhosikazi angasilandela. Wayenenhloko eyayibekwe ngokwaphezulu, uJehova ayedlulisela ngayo iziyalezo. Noma kunjalo, u-Eva akazange alihloniphe leli lungiselelo. Wehluleka ukwamukela iziyalezo u-Adamu azidlulisela kuye. (Gen. 2:16, 17; 3:3; 1 Kor. 11:3) Kuyavunywa ukuthi u-Eva wakhohliswa; kodwa kwakufanele abuze kumyeni wakhe ukuthi kuyafaneleka yini ukulalela izwi elalithi limtshela lokho ‘okwaziwa uNkulunkulu.’ Kunalokho, wagabadela, kwaba uyena oqondisa umyeni wakhe.—Gen. 3:5, 6; 1 Thim. 2:14.
9. UJesu ubeka siphi isibonelo sokuthobeka?
9 Ngokungafani no-Eva, uJesu wabeka isibonelo esiphelele sokuzithoba eNhlokweni yakhe. Isimo sakhe sengqondo nendlela yakhe yokuphila kubonisa ukuthi ‘akakucabangelanga ukuqhwaga, okungukuthi, ukuba alingane noNkulunkulu.’ Kunalokho, “wazidela, wathatha isimo senceku wafana nabantu.” (Fil. 2:5-7) Namuhla, njengeNkosi ebusayo, uJesu usenaleso simo sengqondo. Uzithoba kuYise ezintweni zonke futhi usekela ubunhloko baKhe.—Math. 20:23; Joh. 5:30; 1 Kor. 15:28.
10. Inkosikazi ingabusekela kanjani ubunhloko bomyeni wayo?
10 Inkosikazi engumKristu yenza kahle ngokulingisa uJesu ngokusekela ubunhloko bomyeni wayo. (Funda eyoku-1 Petru 2:21; 3:1, 2.) Cabangela isimo esinjengalesi esiyinikeza ithuba lokwenza kanjalo. Indodana yayo icela imvume yokwenza into okudingeka ithole imvume yabo njengabazali. Ngenxa yokuthi bebengakaxoxi ngale ndaba, kuyoba okufanele ngenkosikazi ukuba ibuze indodana, “Ucelile yini kuyihlo?” Uma indodana ingacelanga, kufanele inkosikazi engumKristu ixoxe ngale ndaba nomyeni wayo ngaphambi kokwenza noma isiphi isinqumo. Ngaphezu kwalokho, kufanele nakanjani ilwele ukugwema ukuphikisana nomyeni wayo noma ukugxeka umbono wakhe phambi kwezingane zabo. Uma ingavumelani nomyeni wayo entweni ethile, iyokhuluma naye bebodwa.—Efe. 6:4.
Isibonelo SikaJesu Kubazali
11. UJesu wababekela siphi isibonelo abazali?
11 Nakuba uJesu engazange ashade noma abe nabantwana, uyisibonelo esihle kakhulu kubazali abangamaKristu. Kanjani? Ngothando nangesineke wafundisa abafundi bakhe ngezwi nangesibonelo. Wababonisa indlela yokufeza umyalo abanika wona. (Luka 8:1) Isimo sengqondo sikaJesu nendlela abaphatha ngayo abafundi bakhe kwabafundisa ukuthi kufanele baphathane kanjani.—Funda uJohane 13:14-17.
12, 13. Yini edingeka kubazali ukuze abantababo bakhule besaba uNkulunkulu?
12 Abantwana bavame ukulingisa abazali babo, kungaba ezintweni ezinhle noma ezimbi. Ngakho, bazali zibuzeni: ‘Isikhathi esisichitha sibuka i-TV nakwezokuzijabulisa naleso esisichitha sitadisha iBhayibheli futhi sisenkonzweni yasensimini sibatshelani abantabethu? Iziphi ngempela izinto eziza kuqala emkhayeni wethu? Ingabe sibabekela isibonelo esihle ngokugxilisa ukuphila nezinqumo zethu ekukhulekeleni kweqiniso?’ Umthetho kaNkulunkulu kumelwe ube sezinhliziyweni zabazali kuqala uma befuna ukuba abantwana babo bakhule besaba uNkulunkulu.—Dut. 6:6.
13 Uma abazali belwela ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwabo kwansuku zonke, abantwana bayokubona lokho futhi amazwi nezimfundiso zabo kuyoba nesisindo. Nokho, uma abantwana bebona ukuthi abazali banezindinganiso ezimbaxambili, bangase baphethe ngokuthi izimiso zeBhayibheli azibalulekile ngempela noma azisebenzi. Ngenxa yalokho, bangase bathambekele ekuvumeleni ukunqotshwa izingcindezi zezwe.
14, 15. Yini abazali okufanele bayihlakulele kubantababo, futhi iyiphi enye indlela abangakwenza ngayo lokho?
14 Abazali abangamaKristu bayaqaphela ukuthi ukukhulisa umntwana kuhilela okungaphezu nje kokumondla. Ngakho-ke, kungaba ubuwula obuphindwe kabili ukufundisa umntwana ukuba aphishekele imigomo eyomzuzisa ngokwezinto ezibonakalayo kuphela. (UmSh. 7:12) UJesu wafundisa abafundi bakhe ukuba benze izindinganiso nemigomo engokomoya ize kuqala. (Math. 6:33) Ngakho-ke, belingisa uJesu, abazali abangamaKristu kufanele balwele ukuhlakulela kubantababo isifiso sokuphishekela imigomo engokomoya.
15 Enye indlela abazali abangakwenza ngayo lokhu iwukwakha amathuba okuba abantababo bajwayelane nabantu abasenkonzweni yesikhathi esigcwele. Cabangani nje ukuthi bekungabakhuthaza kanjani abantwana asebevile eminyakeni eyishumi nambili ukujwayelana namaphayona noma nombonisi wesifunda nomkakhe. Izithunywa zevangeli, izikhonzi zaseBethel nezisebenzi zokwakha zomhlaba wonke ezisuke zivakashile ngokuvamile zikhuluma ngendlela ekhuthazayo ngenjabulo yokukhonza uJehova. Akungabazeki ukuthi izivakashi ezinjalo zingalandisa okuhlangenwe nakho okuthakazelisayo. Isibonelo sazo sokuzidela singabasiza kakhulu abantabenu ukuba benze izinqumo ezihlakaniphile, bazibekele imigomo emihle futhi bathole imfundo efanele eyobenza bakwazi ukuzisekela lapho besenkonzweni yesikhathi esigcwele.
Bantwana—Yini Eyonisiza Ukuba Nilandele Isibonelo SikaJesu?
16. UJesu wabahlonipha kanjani abazali bakhe basemhlabeni kanye noYise wasezulwini?
16 Bantwana, uJesu uyisibonelo esihle kakhulu nakini. UNkulunkulu waphathisa uJosefa noMariya ukuba bamkhulise, futhi wabalalela. (Funda uLuka 2:51.) Waqaphela ukuthi, nakuba babengaphelele, uNkulunkulu wayebanikeze umthwalo wemfanelo wokumnakekela. Ngenxa yalokho, kwakufanele abahloniphe. (Dut. 5:16; Math. 15:4) Lapho esekhulile, uJesu ngaso sonke isikhathi wenza izinto ezazijabulisa uYise osezulwini. Lokhu kwakudinga ukuba amelane nezilingo. (Math. 4:1-10) Nina basha ngezinye izikhathi ningase nilingelwe ukuba ningabalaleli abazali benu. Yini-ke eyonisiza ukuba nilandele isibonelo sikaJesu?
17, 18. (a) Intsha ibhekana naziphi izingcindezi esikoleni? (b) Ukukhumbula ini okuyosiza intsha ukuba imelane nezilingo?
17 Cishe iningi lezingane ofunda nazo alinandaba nezindinganiso zeBhayibheli. Zingase zizame ukukucindezela ukuba wenze izinto ezingabazekayo futhi zihlekise ngawe uma wenqaba ukuzenza. Kuyenzeka yini ukuba izingane ofunda nazo zikubize ngamagama okweyisa ngoba wenqaba ukuhlanganyela nazo ezintweni ezithile? Uma kunjalo, usabela kanjani? Uyazi ukuthi uma uvuma ukwesatshiswa bese uhamba nomshungu, uyodumaza abazali bakho noJehova. Uyophelelaphi uma ulandela ofunda nabo? Mhlawumbe kunemigomo ozibekele yona, njengokuba iphayona noma inceku ekhonzayo, ukuyokhonza lapho kunendingeko enkulu khona yabamemezeli boMbuso noma eBethel. Ingabe ukujwayelana nalabo ofunda nabo kuyokusiza ukuba uyifinyelele leyo migomo?
18 Ingabe nina basha enisebandleni lobuKristu nike nizithole nisezimweni ezivivinya ukholo lwenu? Nenzenjani? Cabangani ngesibonelo senu, uJesu. Akazange avume ukunqotshwa izilingo futhi wakumelela ngokuqinile lokho ayekwazi ukuthi kulungile. Ukukhumbula lokhu kuyonisiza ukuba nibe nesibindi sokutshela enifunda nabo ngokucacile ukuthi anifuni ukuhlanganyela nabo ekwenzeni izinto enaziyo ukuthi zimbi. NjengoJesu, gxilani emigomweni yokukhonza uJehova ngenjabulo ukuphila kwenu konke nokumlalela.—Heb. 12:2.
Isihluthulelo Sokuphila Komkhaya Okujabulisayo
19. Iyiphi inkambo yokuphila eletha injabulo yangempela?
19 UJehova uNkulunkulu noJesu Kristu bafunela isintu okungcono kakhulu. Ngisho noma singaphelele, singakwazi ukuthola injabulo. (Isaya 48:17, 18; Math. 5:3) UJesu wafundisa amaqiniso angokomoya ayisisekelo senjabulo yesintu, kodwa akukhona lokho kuphela akufundisa abafundi bakhe. Wabafundisa nendlela engcono kakhulu yokuphila. Ngaphezu kwalokho, washiya isibonelo esiwusizo sokuphila okulinganiselayo nesokuba nesimo sengqondo esinokulinganisela. Kungakhathaliseki ukuthi sinayiphi indima ekhaya, sonke singazuza ngokulandela isibonelo sakhe. Ngakho, madoda, makhosikazi, bazali nani bantwana, landelani isibonelo sikaJesu! Ukwamukela izimfundiso zikaJesu nokulingisa isibonelo sakhe ngempela kuyisihluthulelo sokuba nokuphila komkhaya okwanelisayo nokujabulisayo.
Ungaphendula Kanjani?
• Amadoda kufanele alisebenzise kanjani igunya alinikezwe uNkulunkulu?
• Inkosikazi ingasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu?
• Abazali bangafundani endleleni uJesu aphatha ngayo abafundi bakhe?
• Intsha ingafundani esibonelweni sikaJesu?
[Isithombe ekhasini 8]
Ngaphambi kokwenza isinqumo esithinta umkhaya, yini indoda enothando eyoyenza?
[Isithombe ekhasini 9]
Isiphi isimo esinikeza inkosikazi ithuba lokusekela ubunhloko bomyeni wayo?
[Isithombe ekhasini 10]
Abantwana balingisa imikhuba emihle yabazali