Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 7/15 k. 32
  • Imbewu Yeqiniso Ifinyelela Ezifundeni Ezikude

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imbewu Yeqiniso Ifinyelela Ezifundeni Ezikude
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 7/15 k. 32

Imbewu Yeqiniso Ifinyelela Ezifundeni Ezikude

IRIPHABHULIKI yaseTuva eRussia iseningizimu impela yomngcele weSiberia futhi ngaseningizimu-mpumalanga yayo kuneMongolia. Abantu abaningi baseTuva bahlala ezindaweni ezikude okunzima ukuzifinyelela ngesigijimi soMbuso. Nokho, esikhathini esithile esidlule, iqembu labantu elalisuka ezingxenyeni eziningana ezikude zaseTuva laba nomhlangano wokucobelelana ulwazi eKyzyl, eyinhloko-dolobha. UMaria, elinye lamaphayona aseKyzyl, wezwa ngokuza kwabo futhi wabona ukuthi lokhu kwakumvulela ithuba elingandile lokuba ahlanganyele nabo izindaba ezinhle.

UMaria ulandisa ngalokho okwenzeka: “Isikole engifundisa kuso sahlela isithangami sokuxoxa ngokusebenzisa kabi kwezidakamizwa notshwala. Kwakulindelwe abantu abangaba ngu-50 abavela ezifundeni ezikude kakhulu zaseTuva. Kuleli qembu kwakunothisha, izazi zokusebenza kwengqondo, abahloli bezenhlalakahle yezingane nabanye.” Lo mhlangano wamvulela ithuba elihle kodwa futhi elaliyinselele. Uyachaza: “Nginamahloni ngokwemvelo, futhi ngikuthola kunzima ukufakaza ngokwethukela. Nokho, ngathandaza kuJehova ngimcela ukuba angiphe isibindi ukuze ngilisebenzise leli thuba ngifakaze.” Ingabe waphumelela?

UMaria uyaqhubeka: “Ngathola i-Phaphama! eyayixoxa ngezinhlobo zokwesaba. ‘Ngacabanga ukuthi lo magazini ungase ukhange izazi zokusebenza kwengqondo,’ ngakho ngawuthatha lo magazini ngaya nawo esikoleni. Ngalolo suku, omunye wothisha ababeze kulo mhlangano weza ehhovisi lami futhi ngambonisa lo magazini. Wawujabulela. Empeleni wathi kwayena wayenenkinga yokwesaba. Ngakusasa, ngamphathela incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 1. Nayo wayijabulela. Ukusabela kwakhe kahle kwangenza ngacabanga ukuthi nabanye othisha bangase bazithande lezi zincwadi. Ngakho, ngaphatha ibhokisi elinezincwadi ezithi Intsha Iyabuza kanye nezinye izincwadi ngaya nalo esikoleni.” Kungakabiphi, ibhokisi lase lingenalutho. UMaria uthi: “Othisha abaningana ababesebenza nalo engangimnike incwadi ethi Intsha Iyabuza beza ehhovisi lami bangibuza, ‘Zitholakalaphi lezi zincwadi?’” Babeze endaweni efanele!

Usuku lokugcina lwalo mhlangano lwalungoMgqibelo. UMaria wayengasebenzi ngalo, ngakho wabeka izincwadi ematafuleni amaningana ehhovisi lakhe. Ebhodini wabhala ukuthi: “Bothisha Abathandekayo! Ningazithathela izincwadi uma nizithanda futhi nithathele nabangane. Lezi zincwadi ezinhle zizonisiza ukuba niphumelele emsebenzini wenu futhi ziyoqinisa imikhaya yenu.” Waba yini umphumela? “Ngaya ehhovisi lami emini ngalolo suku futhi ngathola ukuthi eziningi zase zithathiwe. Ngasheshe ngalanda ezinye izincwadi nomagazini.” Lapho uphela lowo mhlangano, uMaria wayesehambise omagazini abangu-380, izincwadi ezingu-173 nezincwajana ezingu-34. Lapho labo ababeze kulo mhlangano sebebuyela ezifundeni ezikude ababehlala futhi besebenza kuzo, bahamba nalezi zincwadi. UMaria uthi, “Ngijabula kakhulu ngokuthi imbewu yeqiniso manje isiye yafinyelela ezindaweni ezikude zaseTuva!”—UmSh. 11:6.

[Ibalazwe ekhasini 32]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

RUSSIA

TUVA REPUBLIC

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela