‘UJehova Wenze Ubuso Bakhe Bakhanya Kubo’
UBUSO bomuntu bunemisipha engaphezu kuka-30. Ukumamatheka nje kudinga imisipha engu-14! Cabanga ukuthi ukuxoxa bekuyoba njani ukube ibingekho le misipha. Bekungajabulisa? Lutho neze. Nokho, kwabayizithulu imisipha yobuso yenza okungaphezu nje kokunandisa ingxoxo. Lapho ihambisana nokushukuma komzimba, isiza ekudluliseleni imiqondo nemibono. Abantu abaningi baye bamangala lapho bebona ulimi lwezandla lukwazi ukudlulisela ngisho nemicabango eyinkimbinkimbi kanye nayo yonke imininingwane ehilelekile.
Ezikhathini zamuva, abantu abayizithulu emhlabeni wonke baye babona ubuso obulanda indaba ngendlela enhle nenothe kakhulu ngaphezu kobomuntu. Ngomqondo ongokomfanekiso singasho ukuthi baye babona ‘ubuso bukaJehova.’ (IsiL. 2:19) Lokhu akuzange kuthuke kwenzeka. Sekuyisikhathi eside uJehova ebonisa uthando olukhulu kwabayizithulu. Wenza kanjalo ngisho nasemuva esizweni sakwa-Israyeli wasendulo. (Lev. 19:14) Uthando lwakhe ngezithulu luye lwaba sobala kakhulu ngisho nasezikhathini zanamuhla. “[Intando kaNkulunkulu] iwukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thim. 2:4) Empeleni izithulu eziningi ziye zabona ubuso bukaNkulunkulu ngokuthola ulwazi olunembile lweqiniso ngoNkulunkulu. Lokhu kuye kwenzeka kanjani kanti azizwa? Ngaphambi kokuphendula lo mbuzo, ake sihlole ukuthi kungani ulimi lwezandla lubalulekile kubantu abayizithulu.
Bezwa Ngokubona
Kunemibono eminingi eyiphutha ngabantu abayizithulu nangolimi lwezandla. Ake silungise eminye yayo. Abantu abayizithulu bangakwazi ukushayela imoto. Ukufunda ukunyakaza kwezindebe kuyinto enzima kakhulu kubo. Ulimi lwezandla aluhlobene neze neBraille futhi alukhona nje ukulingisa. Alukho ulimi lwezandla olukhulunywa emhlabeni wonke. Ulimi lwezandla luyehluka kuye ngendawo.
Ingabe izithulu ziyakwazi ukufunda? Nakuba abanye befunda kahle, iqiniso liwukuthi kunzima ngabaningi babo ukufunda. Kungani? Ngoba okubhalwe phansi kususelwa olimini olukhulunywayo. Cabanga ngendlela ingane ezwayo efunda ngayo ulimi. Kwasekuzalweni kwayo, izungezwe abantu abakhuluma ulimi lwendawo. Ngesikhashana nje, isiyakwazi ukuhlanganisa amagama yakhe imisho. Lokhu kwenzeka ngendlela engokwemvelo ngokuzwa nje abantu bekhuluma. Ngakho, lapho izingane ezizwayo ziqala ukufunda, kumane kuyindaba yokuhlobanisa izinhlamvu ezibhalwe phansi nemisindo namazwi eseziwazi.
Manje zicabange ukwelinye izwe futhi usegumbini elakhiwe ngengilazi engangenisi umsindo. Awukaze uluzwe ulimi lwakuleyo ndawo. Nsuku zonke, abantu bakuleyo ndawo beza kuwe futhi bazame ukukhuluma nawe bengaphandle. Awuzwa ukuthi bathini. Ubona nje ukunyakaza kwezindebe zabo. Lapho bebona ukuthi awubezwa, babhala lawo magama ephepheni bese bekubonisa abakubhalile. Bacabanga ukuthi kumelwe uqonde ukuthi bathini. Ucabanga ukuthi kungakanani obuyokuqonda? Cishe ubuyokuthola kunzima ukuxoxa nabo kulesi simo. Ngani? Ngoba lokho abakubhalile kumelela ulimi ongakaze uluzwe. Yileso simo abaningi abayizithulu abazithola bekuso.
Ulimi lwezandla luyindlela yokuxoxa engcono kakhulu esetshenziswa izithulu. Umuntu usebenzisa izimpawu ukuze adlulisele imiqondo. Ukunyakaza kwakhe kanye nesimo sobuso bakhe kulandela imithetho yohlelo lolimi lwezandla. Lwakheka ngaleyo ndlela ulimi olubonwayo olwenza kube lula ukudlulisela ukwaziswa okubonwa ngamehlo.
Eqinisweni, cishe zonke izimpawu ezenziwa umuntu oyisithulu ngezandla, ngomzimba nangobuso zinencazelo ethile. Isimo sobuso asisetshenziselwa nje ukuhlaba umxhwele. Siyingxenye engenakushiywa yemithetho yohlelo lolimi lwezandla. Ngokwesibonelo, ukubuza umbuzo uphakamise amashiya kungabonisa ukuthi ubuza umbuzo ongafuni mpendulo noma ofuna ukuba uphendulwe ngoyebo noma ngocha. Uma uwehlisile amashiya lapho ubuza, lokhu kungabonisa imibuzo enjengokuthi ubani, yini, kuphi, nini, kungani noma kanjani. Ukunyakaza komlomo ngendlela ethile kungase kusikisele ubukhulu bento noma besenzo. Indlela umuntu oyisithulu anyakazisa ngayo ikhanda, aphakamisa ngayo amahlombe, anyakazisa ngayo izihlathi futhi acwayiza ngayo, konke kunezela imininingwane ethile encazelweni yokushiwoyo.
Lezi zinto zihlangana zakhe ulimi olumnandi emehlweni. Besebenzisa le ndlela enothe kangaka yokukhuluma, abayizithulu abalwazi kahle ulimi lwezandla bahlome ngokwanele ukuba badlulisele noma imuphi umqondo—kusuka kwesankondlo kuye kweyobuchwepheshe, kusuka kweyothando kuye ekunteleni, kusuka ezintweni ezibonwayo kuya kwezingabonwa.
Izincwadi Zolimi Lwezandla Zifeza Lukhulu
Lapho ulwazi ngoJehova ludluliselwa ngendlela ecacile ngolimi lwezandla, empeleni umuntu oyisithulu uyakwazi ukuzwa isigijimi futhi ‘abe nokholo’ kuMnikazi waleso sigijimi. Yingakho oFakazi BakaJehova beye bazikhandla ukuze bashumayeze abayizithulu emhlabeni wonke futhi babalungiselele izincwadi ezizobasiza. (Roma 10:14) Sikhuluma nje, kunamaqembu angu-58 ahumusha ulimi lwezandla emhlabeni wonke, futhi izincwadi zolimi lwezandla ezikuma-DVD manje sezitholakala ngezilimi zezandla ezingu-40. Ingabe ukuzikhandla okungaka kube nenzuzo?
UJeremy onabazali abayizithulu, uthi: “Ngikhumbula ubaba echitha amahora amaningi ekamelweni lakhe etadisha izigaba ezimbalwa nje kuphela zesihloko se-Nqabayokulinda, ezama ukuthola umqondo okuzo. Wabe esephuma egulukudela ejabule futhi wathi ngolimi lwezandla: ‘Ngiwutholile! Ngiwutholile!’ Wabe esengichazela ukuthi utholeni ekufundeni kwakhe. Ngangineminyaka engu-12 ubudala ngaleso sikhathi. Ngazibheka ngokushesha lezo zigaba futhi ngamchazela ngolimi lwezandla: ‘Baba, angicabangi ukuthi yilokho okuqondiwe. Kuqondwe . . . ’ Wangibonisa ngezandla ukuba ngithule waphindela ekamelweni lakhe esayozama futhi ukuzitholela okwakushiwo yilezo zigaba. Angisoze ngayikhohlwa indumalo eyayisemehlweni akhe lapho ebuyela ekamelweni lakhe. Ngafikelwa umuzwa ojulile wokumazisa. Nokho, ukuba khona kwezincwadi ezikuyi-DVD manje sekwenze wakwazi ukukuqonda kangcono ukwaziswa esikutholayo. Ukubona ubuso bakhe buchachamba lapho echaza indlela azizwa ngayo ngoJehova kuyinto engingayithathi neze kalula.”
Cabanga nangokuhlangenwe nakho kombhangqwana woFakazi owaxoxa noJessenia, intokazi eyisithulu yaseChile. Ngemva kokuba unina ewunike imvume yokuba ubonise uJessenia i-DVD yencwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, ngoLimi Lwezandla LwaseChile, wabika: “Lapho uJessenia eqala ukubuka le ndaba, waqala ngokuhleka wagcina esekhala. Lapho unina ebuza ukuthi wayekhalelani, wathi wayejatshuliswa yilokho ayekubuka. Unina wabe eseqaphela ukuthi wayeqonda yonke into eyayikule DVD.”
Owesifazane oyisithulu ohlala emaphandleni aseVenezuela wayenengane eyodwa, futhi manje wayesekhulelwe eyesibili. Yena nomyeni wakhe babenomuzwa wokuthi kwakungezukulunga ukuba babe nengane yesibili ngenxa yezimo zomnotho, ngakho bacabangela ukusikhipha isisu. Bengazi ngalokhu, oFakazi BakaJehova bawuhambela lo mbhangqwana futhi bawubonisa isifundo 12 se-video yencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? yoLimi Lwezandla LwaseVenezuela. Lesi sifundo sichaza umbono kaNkulunkulu ngokukhipha isisu nokubulala. Kamuva, owesifazane wababonga kakhulu lab’oFakazi ngokuthi bafunda leso sifundo. Wathi ngenxa yalokho banquma ukungabe besasikhipha isisu. Ingane yasindiswa ukuba khona kwencwajana yolimi lwezandla ekuyi-DVD!
ULorraine, uFakazi oyisithulu, uyachaza: “Ukufunda iBhayibheli bekunjengokuzama ukuhlanganisa izingcezu zesithombe esikhulu. Bekuhamba kuba namagebe—izingxenye ezingekho—emzamweni wami wokuqonda konke okuqukethwe iBhayibheli. Nokho, lapho amaqiniso eBhayibheli eqala ukutholakala ngokwengeziwe ngolimi lwezandla, lawo magebe agcwaliswa.” UGeorge oyisithulu futhi osekuyiminyaka engu-38 enguFakazi, uthi: “Akunakungatshazwa ukuthi ikhono lokuqonda into ngokwakho likwenza ube nomuzwa wokuzihlonipha nokuzethemba. Nginomuzwa wokuthi ama-DVD olimi lwezandla abe nethonya elikhulu kakhulu ekukhuleni kwami ngokomoya.”
“Ukuba Semhlanganweni Wolimi Lwami!”
Ngaphezu kokwenza ukuba izincwadi zitholakale nangolimi lwezandla, oFakazi BakaJehova baye bahlela amabandla anemihlangano eqhutshwa yonke ngolimi lwezandla. Sikhuluma nje, kunamabandla angaphezu kuka-1 100 olimi lwezandla emhlabeni wonke. Abantu abayizithulu ababa khona bathola izinkulumo ngolimi lwabo, futhi amaqiniso anikezwa ngendlela umuntu oyisithulu acabanga ngayo—ngolimi lwakhe. Adluliselwa ngendlela eyihloniphayo indlela yakhe yokuphila nezimo aphila ngaphansi kwazo.
Ingabe ukwakhiwa kwamabandla olimi lwezandla kuye kwazuzisa? Cabanga ngokuhlangenwe nakho kukaCyril, owabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova ngo-1955. Kwase kuyiminyaka ezama konke okusemandleni ukufunda izincwadi ezibhalwe ngolimi oluvamile futhi eba khona kuyo yonke imihlangano yobuKristu. Ngezinye izikhathi kwakuba nabahumushi ngezinye izikhathi bangabi khona. Lapho bengekho wayethembela koFakazi ababezama ngothando ukumsiza ngokubhala amaphuzu alokho okwakushiwo esiteji. Kwaze kwaba ngo-1989, eseneminyaka engaba ngu-34 enguFakazi, lapho kwakhiwa khona ibandla lokuqala ngqa lolimi lwezandla e-New York City e-United States. Ukuba ilungu lalelo bandla kwamenza wazizwa kanjani uCyril? Uthi: “Kwakunjengokungathi ngiphuma ehlathini, kunjengokungathi ngisuka emhubheni omnyama ngiphumela ekukhanyeni. Kwakungeve kumnandi ukuba semhlanganweni wolimi lwami!”
Amabandla oFakazi BakaJehova olimi lwezandla ayizindawo lapho abantu abayizithulu abakwazi ukuhlangana khona njalo bafunde ngoNkulunkulu futhi bamkhulekele. Ayizindawo lapho abantu bakaNkulunkulu bekhuthazeka khona. Ezweni lapho abayizithulu bengakwazi khona ukuxhumana nabanye ngenxa yolimi, la mabandla abanikeza amathuba okuxoxa nokujabulela ubudlelwane. Kula mabandla, abantu abayizithulu bayakwazi ukufunda, ukuthuthuka nokuzikhandla enkonzweni yabo kuJehova. OFakazi abaningi abayizithulu baye bakwazi ukukhonza njengabashumayeli besikhathi esigcwele. Abanye baye bathuthela kwamanye amazwe ukuze bayosiza izithulu ukuba zifunde ngoJehova. Amadoda ayizithulu angamaKristu afunda ukuba abafundisi, abahleli nabelusi abaphumelelayo futhi abaningi kubo bagcina sebekufanelekela ukunakekela imithwalo yemfanelo ebandleni.
E-United States, kunamabandla olimi lwezandla angaphezu kwekhulu namaqembu angaba ngu-80. EBrazil, kunamabandla olimi lwezandla alinganiselwa ku-300 namaqembu angaphezu kuka-400. EMexico kunamabandla olimi lwezandla acela ku-300. ERussia kunamabandla olimi lwezandla angaphezu kuka-30 namaqembu angu-113. Lezi izibonelo ezimbalwa nje zokukhula okukhona emhlabeni wonke.
OFakazi BakaJehova baba nanemihlangano yesifunda neyesigodi yolimi lwezandla. Ngonyaka odlule, kwaba nemihlangano yesigodi engaphezu kuka-120 emhlabeni wonke ngezilimi zezandla ezihlukahlukene. Le mihlangano isiza oFakazi abayizithulu babone ukuthi bayingxenye yabazalwane abangamaKristu abasemhlabeni wonke abazuza ekudleni okungokomoya okulungiselelwa ngesikhathi.
ULeonard uyisithulu futhi sekuyiminyaka engu-25 enguFakazi. Uyalandisa: “Bengilokhu ngazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu weqiniso. Noma kunjalo, ngangingakaze ngikuqonde ngokucacile ukuthi kungani eye wavumela ukuhlupheka. Ngezinye izikhathi, lokhu kwakungenza ngimthukuthelele. Kodwa enye yezinkulumo eyanikezwa emhlanganweni wesigodi wolimi lwezandla yangisiza ukuba ngigcine sengiziqonda izimpikiswano ezihilelekile. Lapho inkulumo iphela, umkami wangigquza ngendololwane futhi wangibuza, ‘Wanelisekile?’ Ngavuma ngobuqotho! Ngiyabonga ngokuthi angizange ngimshiye uJehova phakathi nale minyaka engu-25. Bengilokhu ngimthanda kodwa ngingamqondi ngokugcwele. Namuhla sengiyamqonda!”
Babonga Ngokusuka Enhliziyweni
Abantu abayizithulu “babonani” ebusweni bukaJehova lapho befunda ngaye? Uthando, uzwela, ubulungisa, ubuqotho, umusa wothando—nezinye izimfanelo eziningi.
Umphakathi woFakazi emhlabeni wonke ubona ubuso bukaJehova futhi uyoqhubeka ububona ngisho nangokucacile. Eshukunyiswa uthando olusuka enhliziyweni ngabayizithulu, ‘uJehova uye wenza ubuso bakhe bakhanya kubo.’ (Num. 6:25) Yeka ukuthi abayizithulu babonga kangakanani ngokuthi baye bazi uJehova!
[Izithombe ekhasini 24, 25]
Kunamabandla olimi lwezandla angaphezu kuka-1 100 emhlabeni wonke
[Izithombe ekhasini 26]
Ubuso bukaJehova buye bakhanya ngokukhazimulayo ensimini yabayizithulu