Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 8/15 kk. 30-32
  • Ingabe Wake Wakhonza? Ungaphinde Yini Ukhonze?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Wake Wakhonza? Ungaphinde Yini Ukhonze?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungakwazi Ukuphinde Ukhonze
  • Ukunqoba Imizwa Yakho
  • Funda Kokuhlangenwe Nakho Kwakho Okunzima
  • “Wamncenga UJehova”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indoda Eyisibonelo Eyamukela Ukulungiswa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • “Themba UJehova”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Incwadi YeBhayibheli Ye-18—UJobe
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 8/15 kk. 30-32

Ingabe Wake Wakhonza? Ungaphinde Yini Ukhonze?

INGABE wake wakhonza esikhundleni esithile ebandleni lobuKristu? Mhlawumbe wawuyinceku ekhonzayo noma ungumdala. Kungenzeka ukuthi wawusenkonzweni ethile yesikhathi esigcwele. Akungabazeki ukuthi wawuthola injabulo nokwaneliseka okukhulu ngezabelo zakho, kodwa ngenxa yezizathu ezithile kwadingeka ukuba uziyeke.

Mhlawumbe wakhetha ukuliyeka ilungelo lakho ukuze unakekele umkhaya wakho. Ngakolunye uhlangothi, kungenzeka ukuthi waliyeka ngenxa yokuguga noma impilo ebuthaka. Izinqumo ezinjalo azilona uphawu lokuthi uyisehluleki. (1 Thim. 5:8) Ekhulwini lokuqala, uFiliphu wayekhonza njengesithunywa sevangeli, kodwa kamuva wahlala eKhesariya, lapho anakekela khona umkhaya wakhe. (IzE. 21:8, 9) Lapho esegugile, uDavide, inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, wahlela ukuba indodana yakhe uSolomoni ibuse njengenkosi ngemva kwakhe. (1 AmaKh. 1:1, 32-35) Nokho, uJehova waqhubeka ebathanda futhi ebazisa bobabili uFiliphu noDavide futhi nanamuhla sisabahlonipha.

Nokho, kungenzeka ukuthi wagudluzwa. Ingabe kwabangelwa inkambo engahlakaniphile? Noma ingabe kwakuhileleke izinkinga zomkhaya? (1 Thim. 3:2, 4, 10, 12) Kungenzeka ukuthi wawungavumelani nokugudluzwa kwakho, futhi kungenzeka ukuthi namanje usathukuthele.

Ungakwazi Ukuphinde Ukhonze

Ingabe uma wake waphucwa ilungelo lenkonzo ngeke usakwazi ukuphinde ulithole? Ezimweni eziningi akunjalo. Nokho, ukuze uphinde ukhonze, kumelwe ufune ukulifinyelela. (1 Thim. 3:1) Kodwa kungani kufanele ube nalesi sifiso? Kungenxa yesizathu esifanayo naleso esakwenza wazinikezela kuNkulunkulu—uthando ngoJehova nangalabo abamkhonzayo. Uma uzimisele ukubonisa lolo thando ngokuphinde ukhonze, lokhu kuyokwenza ukuba uJehova asebenzise okuhlangenwe nakho kwakho kwangaphambili nokwangemva kokulahlekelwa yilelo lungelo.

Khumbula isiqinisekiso uJehova asinika ama-Israyeli ngemva kokuba ephuce leso sizwe amalungelo aso enkonzo kufanele. IZwi lakhe lithi: “NginguJehova; angizange ngishintshe. Nina ningamadodana kaJakobe; anizange niphele.” (Mal. 3:6) UJehova wayewathanda ama-Israyeli futhi wayefisa ukuwasebenzisa ngokwengeziwe. UJehova unesithakazelo nakuwe futhi usalangazelela ukukusebenzisa. Okwamanje, ungenzani? Ukuba namalungelo enkonzo kuncike kakhulu ekuqineni kwengokomoya lakho, hhayi emakhonweni akho angokwemvelo. Ngakho, njengoba ungakabi nemithwalo yemfanelo eyengeziwe ebandleni, gxila ekuqiniseni ingokomoya lakho.

Ukuze ukholo lwakho luqine, kumelwe ‘ufune uJehova nezikhwepha zakhe.’ (1 Kor. 16:13; IHu. 105:4) Enye indlela ongakwenza ngayo lokhu iwukuthandaza ngokusuka enhliziyweni. Lapho umchazela uJehova ngesimo sakho, thulula imizwa yakho kuye futhi ucele umoya wakhe. Uma wenza lokhu, uyosondela kuJehova, futhi lokhu kuyokwenza uqine. (IHu. 62:8; Fil. 4:6, 13) Enye indlela yokuqinisa ingokomoya lakho iwukuthuthuka ekutadisheni kwakho iZwi likaNkulunkulu. Njengoba okwamanje unemithwalo yemfanelo embalwa, ungase ukwazi ukwenza okwengeziwe esifundweni somuntu siqu nesomkhaya, mhlawumbe uze uvuselele futhi unamathele esimisweni obesekunzima ukusilandela.

Yiqiniso, usamelela uJehova njengomunye woFakazi bakhe. (Isaya 43:10-12) Ilungelo elihle kunawo wonke esingase sibe nalo elokuba “yizisebenzi ezikanye noNkulunkulu.” (1 Kor. 3:9) Ukwandisa inkonzo yakho yasensimini kuyindlela enhle kakhulu yokuqinisa ingokomoya lakho nelalabo ohamba nabo ensimini.

Ukunqoba Imizwa Yakho

Ukulahlekelwa ilungelo lenkonzo kungase kukwenze ube namahloni noma udabuke. Ungase uthambekele ekuthetheleleni izenzo zakho. Nokho, kuthiwani uma abazalwane abanomthwalo wemfanelo beye bakulalela ukuzithethelela kwakho kodwa noma kunjalo baba nomuzwa wokuthi kufanele uphucwe ilungelo elithile? Kungenzeka ube nemizwa engemihle ngalabo bazalwane ekuvimbela ukuba uzame ukufinyelela amalungelo enkonzo noma eyenza kube nzima nakakhulu ukuba ufunde kokuhlangenwe nakho kwakho. Ake sicabangele indlela lokho okwehlela uJobe, uManase noJosefa okungasiza ngayo umuntu ukuba anqobe imizwa engafanele.

UJobe wayekade emelela abanye phambi kukaJehova futhi ekhonza njengendoda endala nomahluleli emphakathini wezinzalamizi. (Jobe 1:5; 29:7-17, 21-25) Nakho-ke sekwenzeka ukuba esikhathini esinzima ekuphileni kwakhe alahlekelwe ingcebo yakhe, ashonelwe abantwana bakhe nempilo yakhe iwohloke. Ngaphezu kwalokho, abantu ababange besambheka njengomuntu ohloniphekile. UJobe wathi: “Manje bangihlekile, labo abancane kunami ngezinsuku.”—Jobe 30:1.

UJobe wayenomuzwa wokuthi umsulwa ngokuphelele futhi wafuna ukuziphendulela kuNkulunkulu. (Jobe 13:15) Noma kunjalo, wayezimisele ukulindela uJehova, futhi lokhu kwaba nemiphumela emihle. Waqaphela ukuthi wayekudinga ukulungiswa, ikakhulu ngenxa yendlela asabela ngayo ovivinyweni lwakhe. (Jobe 40:6-8; 42:3, 6) Ekugcineni, ukuthobeka kukaJobe kwamlethela izibusiso eziningi ezivela kuNkulunkulu.—Jobe 42:10-13.

Uma waphucwa ilungelo ngenxa yobubi obuthile owabenza, kungenzeka uyazibuza ukuthi kazi uJehova nabafowenu abangamaKristu bayoke bakuthethelele futhi bakhohlwe ngempela. Cabanga ngendaba kaManase inkosi yakwaJuda. “Wenza okubi emehlweni kaJehova ngezinga elikhulu, emcasula.” (2 AmaKh. 21:6) Kodwa lapho efa wayethembekile futhi ebusa njengenkosi. Kwenzeka kanjani lokhu?

Ngokuhamba kwesikhathi uManase wamukela isiyalo. Ngemva kokuba eye wazishaya indiva izixwayiso, uJehova wamvusela abase-Asiriya, abambopha ngamaketanga bamdingisela ezweni elikude laseBhabhiloni. Ngenkathi elapho, “wamncenga uJehova uNkulunkulu wakhe waqhubeka ezithoba kakhulu ngenxa kaNkulunkulu wokhokho bakhe. Wayelokhu ethandaza kuYe.” Ukuphenduka kwakhe okusuka enhliziyweni kwabonakala ngezenzo wabe esethethelelwa.—2 IziKr. 33:12, 13.

Kuyaqabukela ukuba amalungelo owaphuciwe abuyiselwe wonke ngasikhathi sinye. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi ungase unikezwe imithwalo yemfanelo ethile. Ukuyamukela nokuyisingatha ngokusemandleni akho ngokuvamile kuyoholela ezabelweni ezengeziwe. Yiqiniso, lokhu ngeke kwenzeke kalula. Kungase kube nezimo ezidumazayo. Noma kunjalo, ukuzimisela nokubekezela kuba nemiphumela emihle.

Ngokwesibonelo, cabanga ngendodana kaJakobe, uJosefa. Lapho eneminyaka engu-17 ubudala, abafowabo bamthengisela ebugqilini ngokungafanele. (Gen. 37:2, 26-28) Ngokuqinisekile wayengalindele ukuba abafowabo bamphathe ngale ndlela. Nokho, wayezimisele ukubhekana nalezi zimo, futhi uJehova wambusisa wagcina ‘esephathiswe indlu yenkosi yakhe.’ (Gen. 39:2) Kamuva, waphonswa etilongweni. Kodwa wazibonakalisa ethembekile futhi uJehova wayenaye kangangokuthi ngokuhamba kwesikhathi waba yisikhulu sasetilongweni.—Gen. 39:21-23.

UJosefa wayengazi ukuthi konke lokhu kwakuyofeza injongo ethile. Wamane nje waqhubeka nokwenza lokho ayekwazi ukukwenza. Ngakho, uJehova wakwazi ukumsebenzisa ukuze alondoloze uhlu lozalo olwaluyoholela eNzalweni ethenjisiwe. (Gen. 3:15; 45:5-8) Nakuba engekho kithi ongalindela ukuba abe nendima eyinhloko njengoJosefa, ukulandisa okuphefumulelwe kubonisa ukuthi uJehova uhilelekile emalungelweni atholwa izinceku zaKhe. Lingisa uJosefa ngokuhlale uzimisele ukusetshenziswa uJehova.

Funda Kokuhlangenwe Nakho Kwakho Okunzima

UJobe, uManase noJosefa babhekana nezimo ezibuhlungu. Womathathu la madoda akwamukela lokho uJehova akuvumela ukuba kuwehlele, futhi ngayinye kuwo yafunda izifundo eziwusizo. Yini wena ongase uyifunde?

Zama ukuthola lokho okungenzeka ukuthi uJehova uzama ukukufundisa khona. Ngenkathi ephelelwe ithemba, uJobe wazicabangela yena yedwa futhi wakhohlwa izimpikiswano ezinkulu ezazihilelekile. Nokho, ngemva kokuba ethole iseluleko sikaJehova sothando, waphinde waba nesimo sengqondo esihle, wavuma: “Ngakhuluma, kodwa ngangingaziqondi.” (Jobe 42:3) Uma uphatheke kabi ngenxa yokuphucwa amalungelo, ‘ungazicabangi umkhulu kunalokho okudingeke ukuba ukucabange; kodwa cabanga ukuze ube nengqondo ehluzekile.’ (Roma 12:3) Kungenzeka ukuthi uJehova uzama ukukulungisa ngendlela ongakayiqondi ngokugcwele.

Yamukela isiyalo. Kungenzeka ukuthi ekuqaleni uManase waba nomuzwa wokuthi kwakungafanele athole isiyalo esinzima kangako. Kodwa wasamukela, waphenduka futhi wayiyeka inkambo yakhe embi. Kungakhathaliseki ukuthi uzizwa kanjani ngesiyalo ositholile, ‘zithobe emehlweni kaJehova, khona-ke uyokuphakamisa.’—1 Pet. 5:6; Jak. 4:10.

Bekezela futhi uzimisele. Okwenzeka kuJosefa kwakungamholela kalula ekubambeni amagqubu nasekuziphindiseleni. Kunalokho, wahlakulela ukuqonda nesihe. (Gen. 50:15-21) Uma kukhona okukudumazile, bekezela. Zimisele ukuqeqeshwa uJehova.

Ingabe wake wakhonza esikhundleni esithile ebandleni lobuKristu? Nikeza uJehova ithuba lokuba akunike amalungelo esikhathini esizayo. Qinisa ingokomoya lakho. Dambisa imizwa yakho ngokuhlakulela ukubekezela nokuthobeka. Yamukela noma iziphi izabelo ongase unikezwe zona. Qiniseka ngokuthi “uJehova akayikubagodlela okuhle labo abahamba ngokungenaphutha.”—IHu. 84:11.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 30]

Qinisa ukholo lwakho ngomthandazo osuka enhliziyweni

[Isithombe ekhasini 31]

Ukwandisa inkonzo yakho yasensimini kuyindlela enhle kakhulu yokuqinisa ingokomoya lakho

[Isithombe ekhasini 32]

Nika uJehova ithuba lokuba akunike amalungelo esikhathini esizayo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela