Ukuqapha Kuletha Imiphumela Emihle
INGABE uwaphaphamele amathuba okushumayela angalindelekile avelayo ensimini yakini? Abafowethu basedolobheni eliyitheku elinomlando, iTurku, eFinland, babeqaphile futhi lokhu kwaba nemiphumela emihle.
Esikhathini esingeside esidlule, abafowethu baseTurku baphawula ukuthi kwakufike iqembu lamadoda edolobheni labo livela e-Asia lizoqedela umsebenzi emkhunjini omkhulu owawakhiwa endaweni yokwakha imikhumbi. Kamuva, umzalwane othile wathola ukuthi lezi zisebenzi eziyizifiki zazihlala kumaphi amahhotela. Wathola nokuthi lezi zisebenzi zazithathwa ngebhasi ekuseni emahhotela azo ziyiswe ethekwini. Ngokushesha, wazisa abazalwane bebandla laseTurku elikhuluma isiNgisi.
Abadala bakulelo bandla baqaphela ukuthi ukuba khona kwabantu abaningi kangaka abavela kwamanye amazwe kwakubanika ithuba elingalindelekile lokuhlanganyela nabo isigijimi soMbuso, futhi ngokushesha bahlela umkhankaso okhethekile. NgeSonto, abamemezeli abayishumi bahlangana eduze kwesitobhi sebhasi ngehora lesikhombisa ekuseni. Kwaqale kwangafika muntu. Abafowethu bazibuza ‘Ingabe sifike sekwephuzile? Sebebuyele emazweni akubo yini?’ Kodwa kwabe sekuthushuka isisebenzi esisodwa ekhoneni sigqoke izimpahla zokusebenza. Kwalandela esinye, nezinye zalandela. Kungakabiphi, kwase kunenqwaba yezisebenzi esitobhini. Abamemezeli abapholisanga maseko, banikeza lezi zisebenzi izincwadi zesiNgisi. Bajabula lapho kuthatha cishe ihora ukuba zonke izisebenzi zingene emabhasini, okwabanikeza ithuba elanele lokukhuluma neningi lazo. Lapho amabhasi esehamba, lezi zisebenzi zase zithole izincwajana ezingu-126 nomagazini abangu-329!
Le miphumela emihle yakhuthaza abazalwane ukuba bawuphinde umkhankaso ngesonto elilandelayo, lapho behanjelwe umbonisi wesifunda. Izulu lalina, kodwa lathi ligamanxa ihora lesithupha ekuseni, umbonisi wesifunda wayeseqhuba umhlangano wenkonzo yasensimini futhi kamuva abamemezeli abangu-24 baqonda esitobhini sebhasi. Kulokhu, babephethe nezincwadi zesiTagalog ngoba bathola ukuthi izisebenzi eziningi zazivela ePhilippines. Ngalolo suku, lapho amabhasi eselibangise ethekwini, lezi zisebenzi zahamba nezincwadi ezingu-7, izincwajana ezingu-69 nomagazini abangu-479. Cabanga nje ngenjabulo eyatholwa yilaba bafowethu nodadewethu abahlanganyela kulo mkhankaso!
Ngaphambi kokuba lezi zisebenzi zibuyele emakubo, abafowethu bakwazi ukuvakashela eziningana emahhotela ezazihlala kuwo futhi bazichazela okwengeziwe ngesigijimi soMbuso. Ezinye izisebenzi zathi zake zaxoxa noFakazi ngaphambili ngesikhathi zikwamanye amazwe. Lezi zisebenzi zabonisa ukubonga ngokuthi laba bazalwane bathathe isinyathelo sokukhuluma nazo ngesikhathi ziseFinland.
Ingabe uyawaphaphamela amathuba angalindelekile avelayo ensimini yebandla lakini? Uyasithatha yini isinyathelo sokufinyelela abantu abanezizinda ezihlukahlukene? Uma wenza kanjalo, nawe ungaba nokuhlangenwe nakho okufana nokwabafowethu baseTurku.
[Ibalazwe/Isithombe ekhasini 32]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
FINLAND
HELSINKI
Turku