Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .
UKhayini wamtholaphi umkakhe?
▪ “Uma u-Adamu no-Eva babenamadodana amabili, uKhayini no-Abela, wavelaphi umkaKhayini?” Nakuba abantu abangalethembi iBhayibheli bevame ukubuza lo mbuzo ngenjongo yokuphikisa, iBhayibheli linemininingwane eyanele esinika impendulo egculisayo.
Izahluko 3 no-4 zencwadi kaGenesise zinalokhu kwaziswa: (1) U-Eva ‘ungunina wabo bonke abantu abaphilayo.’ (2) Kwadlula isikhathi esithile ngemva kokuzalwa kukaKhayini nokunikela kwakhe ngomhlatshelo uNkulunkulu angawamukelanga. (3) Ngemva kokuqalekiswa ngokuthi uyoba “uzulane nombaleki,” uKhayini wakhathazwa ukuthi ‘noma ubani omtholayo’ angase azame ukumbulala. (4) UNkulunkulu wammisela isibonakaliso sokumvikela, okubonisa ukuthi izingane zakwabo noma ezinye izihlobo zazingase zizame ukumbulala. (5) “Kamuva,” uKhayini walala nomkakhe “ezweni loBubaleki.”—Genesise 3:20; 4:3, 12, 14-17.
Amaphuzu angenhla asisiza ukuba sifike esiphethweni esinembile sokuthi umkaKhayini wayengowozalo luka-Eva nokuthi akwaziwa ukuthi wazalwa nini. UGenesise 5:4 uthi phakathi neminyaka engu-930 eyaphilwa u-Adamu “wazala amadodana namadodakazi.” Yiqiniso, iBhayibheli alikubeki ngembaba ukuthi umkaKhayini wayeyindodakazi ka-Eva. Empeleni, iqiniso lokuthi kukhulunywa ngaye ngemva kokujeziswa kukaKhayini libonisa ukuthi kwadlula iminyaka eminingi, kangangokuthi kungenzeka ukuthi wayengumzukulu ka-Adamu no-Eva. Yingakho i-Amplified Old Testament imane ichaze umkaKhayini ngokuthi “omunye wenzalo ka-Adamu.”
Umhlaziyi weBhayibheli wangekhulu le-19, u-Adam Clarke, wasikisela ukuthi uNkulunkulu wamisela uKhayini isibonakaliso ngenxa yokuthi wayesaba ngoba kwase kunezizukulwane zika-Adamu eziningana—eziningi ngokwanele ukuba “zakhe imizana eminingana.”
Kunemiphakathi ethile namuhla ekubheka njengechilo elikhulu ukuthi uKhayini washada nomunye wodadewabo noma isihlobo sakhe. Ngokuvamile, lokhu kubangelwa ukuthi lokhu kubhekwa njengehlazo noma kwesatshwa ukuthi izingane zingase zizalwe ziyizidalwa. Noma kunjalo, uF. LaGard Smith uphawula ngale ndlela kuyi-Narrated Bible in Chronological Order: “Kungenzeka kakhulu ukuthi lezi zelamani zashadana nakuba izizukulwane ezilandelayo zaba nomuzwa wokuthi lesi senzo asifaneleki.” Kumelwe sikhumbule nokuthi uMose waze wanikwa imithetho kaNkulunkulu ngo-1513 B.C.E. futhi kwakufanele ayidlulisele esizweni sakwa-Israyeli. Omunye waleyo mithetho wawenqabela ngokuqondile ukulalana kwezihlobo eziseduze.—Levitikusi 18:9, 17, 24.
Namuhla sesikude kakhulu nokuphelela kwabazali bethu bokuqala. Izinkinga zofuzo esinazo namuhla kungenzeka ukuthi zazingabathinti. Ngaphezu kwalokho, ucwaningo lwamuva, njengalolo olwanyatheliswa kuyi-Journal of Genetic Counseling, lubonisa ukuthi mancane kakhulu amathuba okuthi abantu ababili abazalwa yizelamani bangathola izingane ezikhubazekile, njengoba abaningi becabanga. Kuyaqondakala-ke ukuthi kungani lokhu kwakungase kungabi inkinga enkulu ngesikhathi sika-Adamu noma ngisho nangaphambi kosuku lukaNowa. Ngakho-ke, singaphetha ngokuthi uKhayini wathola umkakhe ezihlotsheni zakhe.