Fundiswa YiZwi LikaNkulunkulu
Ungawenza Kanjani Umkhaya Wakho Ujabule?
Lesi sihloko sizodingida imibuzo okungenzeka ukuthi uke wazibuza yona futhi sikubonise ukuthi ungazitholaphi izimpendulo eBhayibhelini lakho. OFakazi BakaJehova bazokujabulela ukuxoxa nawe ngalezi zimpendulo.
1. Kungani umshado ubalulekile ukuze umkhaya ujabule?
UJehova, uNkulunkulu ojabulayo, nguye owasungula umshado. Umshado ubalulekile ukuze umkhaya ujabule ngoba awugcini nje ngokwakha ubungane kubantu abashadile kodwa futhi uyindawo elondekile yokukhulisa abantwana. UNkulunkulu uwubheka kanjani umshado? Ufuna uhlale njalo, ube yisibopho esibhaliswe ngokomthetho phakathi kwendoda nomfazi. (Luka 2:1-5) UNkulunkulu ufuna abantu abashadile bathembeke komunye nomunye. (Hebheru 13:4) UJehova uvumela amaKristu ukuba ahlukanise umshado aphinde ashade kuphela uma omunye wabo ephingile.—Funda uMathewu 19:3-6, 9.
2. Indoda nomkayo kufanele baphathane kanjani?
UJehova wadala owesilisa nowesifazane ukuba baphelelisane emshadweni. (Genesise 2:18) Njengenhloko yomkhaya, indoda kufanele ihole ekunakekeleni umkhaya wayo ngezinto ezibonakalayo nasekuwufundiseni ngoNkulunkulu. Kufanele ibonise uthando lokuzidela ngomkayo. Amadoda nabafazi kufanele bathandane futhi bahloniphane. Njengoba wonke amadoda nabafazi bengaphelele, ukufunda ukuthethelela kuyisihluthulelo senjabulo emshadweni.—Funda eyabase-Efesu 4:31, 32; 5:22-25, 33; 1 Petru 3:7.
3. Ingabe kufanele uphume emshadweni ongenayo injabulo?
Uma wena noshade naye ninezinkinga, sebenzelani ekuphathaneni ngothando. (1 Korinte 13:4, 5) IZwi likaNkulunkulu alikukhuthazi ukuhlala ngokwahlukana njengendlela yokuxazulula izinkinga zomshado. Noma kunjalo, lapho izimo zinzima ngokwedlulele, umKristu kuyodingeka anqume ukuthi kuwukuhlakanipha yini ukuhlala ngokwahlukana noma cha.—Funda eyoku-1 Korinte 7:10-13.
4. Bantwana, yini uNkulunkulu anifunela yona?
UJehova ufuna nijabule. Uninika iseluleko esihle kakhulu sendlela eningabujabulela ngayo ubusha benu. Ufuna nizuze ekuhlakanipheni nasolwazini lwabazali benu. (Kolose 3:20) UJehova wazisa noma yini eniyenzayo ukuze nimdumise.—Funda umShumayeli 11:9–12:1; Mathewu 19:13-15; 21:15, 16.
5. Bazali, abantabenu bangayithola kanjani injabulo?
Kufanele nisebenze kanzima ukuze babe nendawo yokuhlala, izingubo zokugqoka nokudla. (1 Thimothewu 5:8) Kodwa ukuze bathole injabulo, kudingeka nibafundise nokuthanda uNkulunkulu nokuba bafunde kuye. (Efesu 6:4) Isibonelo senu sokuthanda uNkulunkulu singayithonya ngokujulile inhliziyo yomntwana. Uma sisekelwe eZwini likaNkulunkulu, isiqondiso senu singakubumba ngendlela efanele ukucabanga komntwana wenu.—Funda uDuteronomi 6:4-7; IzAga 22:6.
Abantwana bayazuza lapho nibakhuthaza futhi nibancoma. Badinga nokukhuzwa nokuyalwa. Ukuqeqesha okunjalo kungabavikela ekuziphatheni okungabaphuca injabulo. (IzAga 22:15) Noma kunjalo, isiyalo akufanele nanini sibe nokhahlo noma isihluku.—Funda eyabaseKolose 3:21.
OFakazi BakaJehova banyathelisa izincwadi ezihlukahlukene ezibhalelwe ukuba zisize ngokukhethekile abazali nabantwana. Lezi zincwadi zisekelwe eBhayibhelini.—Funda iHubo 19:7, 11.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 14 sencwadi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.