Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 10/1 kk. 24-25
  • Izikhathi Zokuhlala Siphapheme

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izikhathi Zokuhlala Siphapheme
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umfana Owazunywa Ubuthongo
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • “Ngimsulwa Egazini Labo Bonke Abantu”
    ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu
  • Kwenzekani Kithi Lapho Sifa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • “Hlalani Nilindile”!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 10/1 kk. 24-25

Fundisa Izingane Zakho

Izikhathi Zokuhlala Siphapheme

UNGASE uvume ukuthi kubalulekile ukuhlala uphapheme uma usesikoleni. Abaningi bayozela lapho kufundwa ekilasini, kodwa ukuze uzuze, kumelwe uhlale uphapheme. Mhlawumbe uyaya nasemihlanganweni lapho ufunda khona iBhayibheli.

Ucabanga ukuthi yini ongayenza engakusiza ukuba uhlale uphapheme?—a Phakathi kokunye, ukusheshe ulale ebusuku. Mhlawumbe nokuthatha isithongwana ngezikhathi zantambama kungasiza. Ake sibone ukuthi singafundani kulokho okwenzeka kosemusha owazumeka sekusebusuku impela phakathi nenkulumo kamphostoli uPawulu. Funda izEnzo isahluko 20, amavesi 7 kuya ku-12, ubone ukuthi kwenzekani.

UPawulu wayekade evakashele ibandla laseTrowa elisemzini onechweba. IBhayibheli lithi uPawulu ‘wayesezomuka ngesikebhe ngosuku olulandelayo.’ Ngakho, “inkulumo yakhe yadonsa kwaze kwaba phakathi kwamabili.” Siyafunda: “Ihlezi efasiteleni, insizwa ethile egama layo lingu-Evitiku yehlelwa ubuthongo obukhulu lapho uPawulu eqhubeka ekhuluma.” Kwabe sekwenzekani?—

U-Evitiku wawa efasiteleni, ‘wawela phansi esuka esitezi sesithathu.’ UPawulu nabanye behla ngezitebhisi begijima. U-Evitiku wayedindilize phansi—efile! Ucabanga ukuthi baphatheka kanjani?— IBhayibheli lithi uPawulu wamthatha u-Evitiku wamgona. Ngokushesha uPawulu wakhamuluka ngenjabulo: ‘Ningakhathazeki, uyaphila!’ UNkulunkulu wayemvusile u-Evitiku!

Yini esingayifunda ngoNkulunkulu kulokho okwenzeka ku-Evitiku?— Sifunda ukuthi uJehova, uBaba wethu wasezulwini, angabavusa abafileyo, kuhlanganise nezingane. UJehova uyakuqonda futhi uyakuthanda, yebo, ukuthanda ngendlela engaphezu kwaleyo abazali bakho abakuthanda ngayo. Ngesikhathi uJesu elapha emhlabeni, wabonisa ukuthi unjani uYise ngokuthatha omuntuza abagone, ababusise. Wavusa nezingane, kuhlanganise nentombazanyana eneminyaka engu-12.

Kukwenza uzizwe kanjani ukwazi ukuthi uYihlo wasezulwini uyakuthanda?— Yebo, kwenza nathi simthande futhi sifune ukulalela akushoyo. Uyazi ukuthi singabonisa kanjani ukuthi siyamthanda?— Enye indlela iwukusho ukuthi siyamthanda. UJesu wathi: “Ngiyamthanda uBaba.” Kodwa wenza okungaphezu nje kokumane asho ngomlomo ukuthi uyamthanda uNkulunkulu. Wakubonisa ngezenzo.

UJesu wamlalela uNkulunkulu. Wathi: “Ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo.” Ngakho, uma senza okufanayo ukuze sijabulise uJehova neNdodana yakhe, uJesu, siyozama ukwenza konke okusemandleni ethu ukuba sihlale siphapheme lapho kufanele senze kanjalo.

Funda EBhayibhelini Lakho

  • IzEnzo 20:7-12

  • Luka 8:49-56

  • Johane 8:29; 14:31

a Uma ufunda lesi sihloko nengane, udwi ukukhumbuza ukuba ume bese uyikhuthaza ukuba iveze umbono wayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela