Iqiniso Lingakushintsha Ukuphila Kwakho
KUNGENZEKA ukuthi wake wezwa noma wafundiswa amanye ala manga ngoNkulunkulu adalulwe yilolu chungechunge lwezihloko. Nokho, ungase ungabaze ukushintsha izinkolelo zakho ikakhulukazi uma sekuyisikhathi eside uzikholelwa.
Ukungabaza okunjalo kuyaqondakala. Amasonto athile awakukhuthazi ukuqhathanisa izimfundiso zawo nalokho okushiwo yiBhayibheli. Amanye azama ukuvikela izimfundiso zamanga ngokuba athi iBhayibheli aliqondakali futhi lalingahloselwe ukuba liqondwe yiwo wonke umuntu. Nokho, abafundi abaningi bakaJesu babengabantu abavamile, bengenayo imfundo ephakeme, futhi bakubamba kalula lokho ayekufundisa.—IzEnzo 4:13.
Ungase ungabaze nokuhlolisisa izinkolelo zakho ngoba wesaba ukuthi ukwenza kanjalo kubonisa ukuthi untula ukholo. Kodwa ucabanga ukuthi kunengqondo ukuthi uNkulunkulu angacasulwa ukuthi uhlola iBhayibheli, umyalezo awubhalele abantu ukuze baqonde lokho akufunayo? IZwi lakhe likukhuthaza ukuba uzihlolele imiBhalo: “[Zitholeleni] ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.”—Roma 12:2.
Ukufunda iqiniso ngoNkulunkulu kungaphezu nje kokumane ufunde okuthile okusha—kungenza ukuphila kwakho kube ngcono. (Johane 8:32) UDeanne, okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala, usenokholo eZwini likaNkulunkulu. Uyalandisa: “Ngangingaqapheli ukuthi imiBhalo icace ngale ndlela kwaze kwaba yilapho ngiqala ukutadisha iBhayibheli. Manje sengiyamazi uJehova, hhayi njengoNkulunkulu ongakhathaleli, kodwa njengoBaba osezulwini onothando. Sengiyitholile injongo yangempela ekuphileni.”
Kungenzeka ukuthi wake walitadisha iBhayibheli ngaphambili kodwa waba nomuzwa wokuthi awuzuzi lutho. Uma kunjalo, ungapheli amandla. Ukuzama ukuqonda iBhayibheli ube ufundiswe amanga ngoNkulunkulu kufana nokuzama ukulungisa umshini usebenzisa incwadi yesiqondiso okungeyiyo. Ungase ukwazi ukulungisa izingxenye ezithile zomshini kodwa ungase ukhungatheke bese uyayeka lapho uhluleka ukuwulungisa wonke. Nokho, ungakwazi ukuwulungisa ngokuphumelelayo uma usebenzisa incwadi yesiqondiso efanele.
Ungathanda yini ukufunda iqiniso ngoNkulunkulu? Sicela uxhumane noFakazi BakaJehova endaweni yangakini noma ubhalele ekhelini elifanele kwasekhasini 4 lalo magazini ukuze uthole isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
“[Zitholeleni] ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.”—ROMA 12:2