Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .
Ingabe Kufanele Izinsana Zibhapathizwe?
▪ UVictoria uthi: “Ngangicabanga ukuthi kwase kuphelile ngomfowethu omncane, uJohn, ngoba ngangesaba ukuthi uye eLimbo.” Kungani ayenalokho kwesaba? Uyachaza: “UJohn washona ngaphambi kokuba abhapathizwe, futhi umpristi wamaKatolika wathi wayezohlala eLimbo phakade.” Umcabango onjalo uyethusa, kodwa ingabe usekelwe emiBhalweni? Ingabe iBhayibheli lifundisa ukuthi izingane ezifa zingakabhapathizwa azinathemba?
IBhayibheli lifundisa ukuthi amaKristu kufanele abhapathizwe. UJesu wayala abalandeli bakhe: ‘Yenzani abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.’ (Mathewu 28:19, 20) Phawula ukuthi labo ababhapathizwayo kumelwe babe abafundi bakaJesu. Ngamanye amazwi, baye bafunda ngoJesu base bekhetha ukumlandela—into usana olungeke lukwazi ukuyenza.
Noma kunjalo, abaningi bagomela ngokuthi umyalo kaJesu uyasebenza kubantwana abancane. Umfundisi waseLuthela uRichard P. Bucher wagomela: “Wonk’ umuntu kumelwe abhapathizwe, ngisho nezinsana.” Uyanezela: “Ukuzivimba ukuba zibhapathizwe kuwukuzivimba ukuba zithethelelwe futhi kuwukuzibeka engozini yokulahlwa.” Eqinisweni, izinkulumo ezinjalo ziphikisana nezimfundiso zikaJesu okungenani ngezindlela ezintathu.
Okokuqala, uJesu akazange afundise ukuthi izinsana kufanele zibhapathizwe. Kungani lelo qiniso libalulekile? Cabanga ngalokhu: UJesu wazikhandla wafundisa abafundi bakhe izimfuneko zikaNkulunkulu. Ngezinye izikhathi, wayeziphindaphinda izimfundiso eziyisihluthulelo. Kungani? Ukuze aqiniseke ukuthi abafundi bakhe bayaliqonda iphuzu. (Mathewu 24:42; 25:13; Marku 9:34-37; 10:35-45) Kodwa akazange nakanye afundise ukuthi izinsana kufanele zibhapathizwe. Kungenzeka yini ukuthi ngandlela-thile wakhohlwa ukusho le mfuneko? Akunakwenzeka! Uma izinsana kumelwe zibhapathizwe, nakanjani uJesu wayeyokusho lokho.
Okwesibili, uJesu akazange afundise ukuthi kukhona umuntu ohluphekayo ngemva kokufa. Wayeyikholelwa imiBhalo esho ngokucacile: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa; kodwa abafileyo bona abazi lutho.” (UmShumayeli 9:5) UJesu wayazi ukuthi abafileyo abahlushwa esihlanzweni, eLimbo, esihogweni somlilo noma kwenye indawo. Kunalokho, wafundisa ukuthi abazi lutho, wathi kunjengokungathi balele.—Johane 11:1-14.
Okwesithathu, uJesu wafundisa ukuthi “bonke abasemathuneni” bayovuswa. (Johane 5:28, 29) Akungabazeki ukuthi laba bayohlanganisa nezigidi zalabo abangazange babhapathizwe. Ekuvukeni kwabo, bayoba nethuba lokufunda ngezimfuneko zikaNkulunkulu futhi baphile phakade ePharadesi emhlabeni.a—IHubo 37:29.
Kusobala-ke ukuthi iBhayibheli alifundisi ukuthi izinsana kufanele zibhapathizwe.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole okwengeziwe ngePharadesi lasemhlabeni nethemba lovuko, bheka isahluko 3 no-7 encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.