Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 10/1 k. 18
  • “OMdala Wezinsuku Wahlala Phansi”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “OMdala Wezinsuku Wahlala Phansi”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova Uthembisa UDaniyeli Umvuzo Omuhle Kakhulu
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
  • Waqiniswa Isithunywa Esasivela KuNkulunkulu
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
  • Incwadi KaDaniyeli Kanye Nawe
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
  • Amaphuzu Avelele Encwadi KaDaniyeli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 10/1 k. 18

Sondela KuNkulunkulu

“OMdala Wezinsuku Wahlala Phansi”

IBHAYIBHELI lithi: “Akekho umuntu oye wabona uNkulunkulu noma nini.” (Johane 1:18) UNkulunkulu ukhazimula kangangokuba asikho isidalwa senyama negazi esingambona futhi siphile. (Eksodusi 33:20) Nokho, kwezinye izimo uJehova uye wanikeza abantu abathile umbono wasezulwini. Omunye walaba bantu umprofethi uDaniyeli. Ngokungangabazeki, lokho akubona kwamenza wakhexa futhi yileyo ndlela nathi okufanele sizizwe ngayo. Phawula indlela uDaniyeli achaza ngayo lokho aba nelungelo lokukubona embonweni.a—Funda uDaniyeli 7:9, 10.

“OMdala Wezinsuku.” Isiqu esithi “oMdala Wezinsuku,” okunguDaniyeli kuphela osisebenzisayo, sisho “lowo osekhulile ngeminyaka.” (Daniyeli 7:9, 13, 22) UJehova uneminyaka emingaki? Ngenxa yokuthi uJehova ‘uyiNkosi engunaphakade,’ wayelokhu ekhona kusukela phakade futhi uyoba khona kuze kube phakade. (1 Thimothewu 1:17; Jude 25) Ukuba khona kukaNkulunkulu phakade kusiqinisekisa ngokuthi ukuhlakanipha kwakhe akunamkhawulo, ngoba iBhayibheli lihlobanisa ubudala nokuhlakanipha. (Jobe 12:12) Yiqiniso, kunzima ngezingqondo zethu ezilinganiselwe ukuqonda ukuba khona kwento phakade. Ingabe ngempela singalindela ukukuqonda ngokugcwele ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okungenakuqhathaniswa?—Roma 11:33, 34.

Phawula ukuthi oMdala Wezinsuku “wahlala phansi.” Ngayiphi injongo? Amavesi aseduze naleli ayasisiza ngokusebenzisa amagama athi “iNkantolo” nelithi “isahlulelo.” (Daniyeli 7:10, 22, 26) Ngakho embonweni, uJehova wahlala phansi njengoMahluleli. Ezokwahlulela bani? Izizwe zomhlaba, ezichazwe ekuqaleni kombono kaDaniyeli njengezilo.b (Daniyeli 7:1-8) UJehova unguMahluleli onjani?

“Izembatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa, futhi izinwele zekhanda lakhe zazinjengoboya obuhlanzekile.” Umbala omhlophe uwuphawu lokulunga nobumsulwa. Uma uboya bungafakwe lutho, buvame ukuba mhlophe. Ngakho, izinwele ezinjengoboya cishe zimhlophe. Ungakubona yini ngamehlo engqondo lokho uDaniyeli akubona? Ingabe uyambona uMahluleli onezinwele ezimhlophe evunule mhlawumbe ngesembatho esimhlophe njengeqhwa? Le mifanekiso isiqinisekisa ngokuthi izahlulelo zikaJehova zilungile futhi zihlakaniphile. UnguMahluleli ofanelwe ukuba simethembe futhi simhloniphe ngokujulile.

UnguMahluleli okufanele simethembe futhi simhloniphe ngokujulile

“Kwakukhona izinkulungwane eziyinkulungwane ezazilokhu zimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi eziphindwe kazinkulungwane eziyishumi ezazilokhu zimi khona kanye phambi kwakhe.” Zingobani lezi zikhonzi zasezulwini? IBhayibheli lichaza izingelosi ‘njengezikhonzi zikaNkulunkulu.’ (IHubo 104:4) Izingelosi zikaNkulunkulu ezingase zibalelwe ezinkulungwaneni eziyizigidi, zimatasa ‘zifeza izwi lakhe’ futhi ‘zenza intando yakhe.’ (IHubo 103:20, 21) Akubona yini ubufakazi obengeziwe bokuhlakanipha kukaNkulunkulu okungenamkhawulo lokho? Ubani nje omunye ngaphandle kukaJehova obengagcina ibutho elikhulu kangaka lasezulwini lihleleke futhi limatasa iminyaka engenakubalwa?

Umbono kaDaniyeli usenza simethembe uJehova, oMdala Wezinsuku. Izahlulelo zakhe zilungile futhi ukuhlakanipha kwakhe singakwethemba. Funda okwengeziwe ngendlela ongasondela ngayo kuNkulunkulu onakho konke ukuhlakanipha.

Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-October:

Daniyeli 4-12–Hoseya 1-14

a UDaniyeli akazange ambone ngokoqobo uNkulunkulu. Kunalokho, uNkulunkulu wafaka umbono ocacile engqondweni yakhe. Lapho echaza lokho akubona, uDaniyeli wasebenzisa izifenqo, kuhlanganise nesenza-samuntu ukuze achaze uNkulunkulu ngezici zabantu. Imifanekiso enjalo isisiza sikwazi ukumqonda uNkulunkulu futhi akufanele siyithathe njengento engokoqobo.

b Ukuze uthole ingxoxo ngombono kaDaniyeli wezilo, bheka isahluko 9 sencwadi ethi Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli! enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela