Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w13 3/1 k. 7
  • Ukuvuswa KukaJesu Kusho Ukuphila!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuvuswa KukaJesu Kusho Ukuphila!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uvuko​—Ithemba Eliqinisekisiwe!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
  • “Abafileyo Bayovuswa”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Ithemba Lovuko Linamandla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Bambelela ‘Ezindabeni Ezinhle’!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
w13 3/1 k. 7

Ukuvuswa KukaJesu Kusho Ukuphila!

UKUVUSWA kukaJesu akuyona nje into yasendulo engavamile, eyathuka yenzeka noma engabalulekile kangako kithi namuhla. Umphostoli uPawulu wabonisa ukubaluleka kwakho lapho ebhala: “UKristu uvusiwe kwabafileyo, ulibo lwalabo asebalala. Ngoba njengoba ukufa kweza ngomuntu, novuko lwabafileyo luza ngomuntu. Ngoba njengoba nje bonke befa ku-Adamu, kanjalo nakuKristu bonke bayokwenziwa baphile.”—1 Korinte 15:20-22.

UJesu wavuswa ngo-Nisan 16, 33 C.E., usuku nonyaka amaJuda ayeletha ngalo ulibo lokusanhlamvu phambi kukaJehova uNkulunkulu ethempelini lakhe elingcwele eJerusalema. Ngokubiza uJesu ngokuthi ulibo, uPawulu wayebonisa ukuthi babezoba khona abanye ababeyovuswa ekufeni.

Amazwi kaPawulu alandelayo achaza lokho okuye kwafezwa uvuko lukaJesu. UPawulu wathi: “Njengoba ukufa kweza ngomuntu, novuko lwabafileyo luza ngomuntu.” Ngenxa yesono nokungapheleli esakuthola ku-Adamu, sonke siyafa. Nokho, ngokunikela ngokuphila kwakhe okuphelele njengesihlengo, uJesu wavula indlela yokuba abantu bakhululwe ebugqilini besono nokufa ngovuko. Efingqa le ndaba kamnandi, uPawulu wabhala lokhu kumaRoma 6:23: “Inkokhelo yesono ngukufa, kodwa isipho uNkulunkulu asinikezayo ngukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.”

UJesu ngokwakhe wasichazela ukuthi kusizuzisa kanjani ukufa nokuvuswa kwakhe. Ekhuluma ngaye ngokwakhe wathi: “INdodana yomuntu kumelwe iphakanyiswe, ukuze wonke umuntu okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade. Ngoba uNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.”—Johane 3:14-16.

Cabanga nje—ukuphila okuphakade lapho izinhlungu, ukuhlupheka noma usizi kungasekho! (IsAmbulo 21:3, 4) Yeka ithemba elimangalisayo! Esinye isazi sithi: “Njengoba amathuna engase akhumbuze umuntu ngobufushane bokuphila, uvuko lusiqinisekisa ngobufushane bokufa.” Yebo, ukuvuswa kukaJesu kusho ukuphila!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela