Njengoba ‘Sesimazi UNkulunkulu’—Yini Okumelwe Siyenze?
‘Seniyamazi uNkulunkulu.’—GAL. 4:9.
1. Kungani umshayeli wendiza enohlu lwezinto okumelwe azihlole ngaphambi kokuthatha uhambo?
ABASHAYELI bezindiza abashayela izindiza eziye zaba eziphephe kakhulu kunazo zonke ezake zakhiwa banohlu lwezinto ezingaphezu kuka-30 okumelwe bazihlole ngaphambi kokuthatha uhambo emoyeni. Uma bengalulandeli ngokucophelela lolu hlu isikhathi ngasinye bethatha uhambo, bandisa amathuba okuba kube nengozi engaba inhlekelele. Uyazi yini ukuthi imuphi umshayeli okukhuthazwa ngokukhethekile ukuba alugcwalise njalo lolu hlu? Yilowo osemnkantsh’ ubomvu ekushayeleni! Kulula ngomshayeli osengumakadebona ukuba athathe izinto kalula futhi angazibheki zonke izinto okumelwe azihlole ngaphambi kokuthatha uhambo.
2. Iziphi izinto amaKristu atuswa ukuba azihlole njalo?
2 Njengomshayeli okhathalela ukuphepha, nawe ungasebenzisa uhlobo oluthile lohlu lwezinto okumelwe uzihlole ukuze uqinisekise ukuthi ukholo lwakho ngeke luntengantenge lapho uludinga kakhulu. Kungakhathaliseki ukuthi usanda kubhapathizwa noma sekuyiminyaka ukhonza uNkulunkulu, kubalulekile ukuba ukuhlole njalo ukujula kokholo nokuzinikela kwakho kuJehova uNkulunkulu. Ukungakwenzi lokhu njalo nangenkuthalo kungaholela ekulimaleni ngokomoya. IBhayibheli liyasixwayisa: “Lowo ocabanga ukuthi umile makaqaphele angawi.”—1 Kor. 10:12.
3. Yini okwakudingeka amaKristu aseGalathiya ayenze?
3 AmaKristu aseGalathiya kwakudingeka ahlole ukujula kokholo lwawo futhi ayazise inkululeko yawo engokomoya. Ngomhlatshelo wakhe, uJesu wayevule indlela yokuba labo ababonisa ukholo kuye bamazi uNkulunkulu ngendlela ekhetheke kakhulu—babengaba amadodana kaNkulunkulu! (Gal. 4:9) Ukuze lawo maKristu aseGalathiya aqhubeke ejabulela lobo buhlobo obuyilungelo elikhulu, kwakudingeka alahle izimfundiso zababeshisekela inkolo yobuJuda ababephikelela ukuthi kugcinwe uMthetho KaMose. Kwakumelwe akhumbule ukuthi abeZizwe abangasokile ababesemabandleni babengakaze babe ngaphansi koMthetho! AmaJuda nabeZizwe ngokufanayo kwakudingeka bathuthuke ngokomoya. Lokhu kwakuhilela ukuqaphela ukuthi babengeke bakwazi ukuqinisekisa ukulunga kwabo ngelungiselelo loMthetho KaMose.
IZINYATHELO ZOKUQALA ZOKWAZI UNKULUNKULU
4, 5. Isiphi iseluleko uPawulu asinika abaseGalathiya, futhi sisebenza kanjani kithi?
4 Iseluleko umphostoli uPawulu asinikeza abaseGalathiya sabhalwa ngenjongo: ukusiza amaKristu eqiniso aphila kunoma iyiphi inkathi ukuba angafulatheli ingcebo yeqiniso leBhayibheli abuyele ezintweni azishiye ngemuva. UJehova waphefumulela umphostoli ukuba angakhuthazi amabandla aseGalathiya kuphela kodwa bonke abakhulekeli bakhe ukuze bahlale begxilile.
5 Siyobe senza kahle sonke ngokuhlale sikhumbula indlela esakhululwa ngayo ebugqilini obungokomoya futhi saba oFakazi BakaJehova. Ukuze uzikhumbuze, cabangela le mibuzo emibili: Uyazikhumbula yini izinyathelo owazithatha ukuze ufanelekele ubhapathizo? Ingabe uyayikhumbula indlela owamazi ngayo uNkulunkulu futhi waziwa nguye okukwenze wajabulela inkululeko engokomoya yangempela?
6. Iluphi uhlu esizoxoxa ngalo?
6 Siye salandela izinyathelo ezingu-9. Lezo zinyathelo, njengohlu olungokomoya lwezinto okumelwe sizihlole, zichazwe ebhokisini elithi “Izinyathelo Eziholela Ekubhapathizweni Nasekukhuleni Ngokuqhubekayo.” Ukuhlale sizikhumbuza lezi zinyathelo ezingu-9 kuyosiqinisa ukuba simelane nesifiso sokubuyela emuva ezintweni zezwe. Njengoba nje umshayeli ongumakadebona kodwa oqaphile eqhubeka eshayela ngokuphepha ngokuqale abheke uhlu lwezinto okumelwe azihlole, ngokufanayo ukubukeza uhlu olungokomoya kuyokusiza ukuba uphikelele enkonzweni ethembekile.
LABO ABAZIWA UNKULUNKULU BAYAQHUBEKA BEKHULA NGOKOMOYA
7. Isiphi isibonelo okudingeka sisilandele, futhi ngani?
7 Uhlu oluhlolwa umshayeli wendiza lumkhumbuza ukuthi kunesimiso okumelwe asilandele ngokucophelela njalo ngaphambi kokuba ahambe ngendiza. Nathi singazihlola njalo, sihlole nesimiso ebesilokhu sisilandela kusukela sabhapathizwa. UPawulu wabhalela uThimothewu: “Qhubeka ubambelele esibonelweni samazwi anempilo owawezwa kimi ngokholo nothando mayelana noKristu Jesu.” (2 Thim. 1:13) Lawo “mazwi anempilo” atholakala eZwini likaNkulunkulu. (1 Thim. 6:3) Njengoba nje uhlaka lwesithombe somdwebi lunikeza umbono wesithombe sisonke, ‘isibonelo samazwi eqiniso’ sinikeza uhlaka olubanzi olusisiza ukuba sibone lokho uJehova akufunayo kithi bese sikwenza. Ngakho, ake sibheke izinyathelo ezaholela ekubhapathizweni kwethu ukuze sibone ukuthi sisilandela ngokuseduze kangakanani isibonelo seqiniso.
8, 9. (a) Kungani kufanele siqhubeke sikhula olwazini nasokholweni? (b) Bonisa ukubaluleka kokukhula ngokomoya nokuthi kungani kuyinqubo eqhubekayo.
8 Into yokuqala ohlwini lwethu isidingo sokungenisa ulwazi. Uma sesinalo siyokwazi ukuhlakulela ukholo. Kodwa kufanele siqhubeke sikhula kuzo zombili lezi zici. (2 Thes. 1:3) Ukukhula kuhilela ukuqhubeka senza izinguquko eziningi. Igama elithi “ukukhula” lisho ukwanda ngenani noma ngobukhulu. Ngakho, ngemva kokubhapathizwa, kudingeka siqhubeke sikhula ngokomoya ukuze ingokomoya lethu lingami ndawonye.
Umuthi uyaqhubeka ukhula. NamaKristu kufanele aqhubeke ekhula
9 Singafanisa ukukhula kwethu ngokomoya nokukhula komuthi. Umuthi ungakhula uze ube mkhulu ngokubabazekayo, ikakhulukazi uma izimpande zawo zijulile futhi zisabalele. Ngokwesibonelo, eminye imisedari emikhulu ngokubabazekayo yaseLebhanoni ingakhula ize ilingane nesakhiwo esinezitezi ezingu-12 futhi ibe nezimpande eziqinile, ezijulile nesiqu esingaba amamitha angu-12 ububanzi. (IsiHl. 5:15) Ngemva kokuba lo muthi usuyekile ukukhula uye phezulu, uyaqhubeka ukhula nakuba kungasenzeki ngendlela ephawulekayo. Minyaka yonke, isiqu siyaqhubeka siba banzi nezimpande zijula futhi zisabalala ngokwengeziwe, okwenza lo muthi uqine. Kungashiwo okufanayo ngokukhula komKristu ngokomoya. Lapho sisanda kuqala ukufundelwa, singase sikhule ngokushesha ngokomoya bese sibhapathizwa. Esinabo ebandleni bayakujabulela ukubona intuthuko yethu. Singaze sifaneleke ngisho nokuba amaphayona noma ukuthola amanye amalungelo. Eminyakeni elandelayo, ukukhula kwethu okuqhubekayo kungase kungabi okuphawuleka kangako. Noma kunjalo, kudingeka sikhule okholweni nasolwazini ukuze sibe “indoda ekhule ngokugcwele, esilinganisweni sobukhulu esingesokugcwala kukaKristu.” (Efe. 4:13) Sithuthuka ngaleyo ndlela ngomqondo ongokomfanekiso, kusukela ekubeni isithombo esincane sibe umKristu ovuthiwe onjengomuthi oqinile okhule kahle.
10. Kungani ukukhula kudingeka ngisho nakumaKristu avuthiwe?
10 Kodwa ukukhula kwethu akufanele kume lapho. Ulwazi lwethu kudingeka lusabalale nokholo lwethu lujule. Ngaleyo ndlela siyoba nezimpande ezigxilile enhlabathini yeZwi likaNkulunkulu. (IzAga 12:3) Ebandleni lobuKristu kunabafowethu nodadewethu abaningi asebekwenzile lokhu. Ngokwesibonelo, omunye umzalwane osekuyiminyaka engaphezu kwamashumi amathathu engumdala waphawula ukuthi usakhula ngokomoya. Uthi: “Ukuqonda kwami iBhayibheli kuye kwakhula kakhulu. Ngifunda njalo izindlela ezintsha zokusebenzisa izimiso nemithetho yeBhayibheli ezicini ezihlukahlukene. Ukwazisa kwami ngenkonzo nako kuyaqhubeka kukhula.”
KHULA EBUHLOTSHENI BAKHO NONKULUNKULU
11. Singamazi kanjani uJehova kangcono ngokuhamba kwesikhathi?
11 Ukukhula kwethu kuhilela ukusondela kuJehova njengoMngane noBaba. Ufuna ukuba sizizwe samukelekile. Ufuna sazi ukuthi uyasithanda nokuthi siphephile, sizizwe ngendlela ingane ezizwa ithandwa ngayo futhi iphephile lapho igonwe umzali oyikhathalelayo, noma ngendlela thina esizizwa ngayo lapho sikanye nomngane weqiniso noqotho. Njengoba ungase uqaphele, lokhu kusondelana noJehova akwenzeki ngokuphazima kweso. Sidinga isikhathi ukuze simazi futhi simthande. Ngakho, ukuze umazi kangcono uJehova, kumelwe uzimisele ukubekela isikhathi eceleni sokufunda iZwi lakhe nsuku zonke. Funda INqabayokulinda ngayinye ne-Phaphama! ngayinye kanye nezinye izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini.
12. Yini edingekayo ukuze saziwe uJehova?
12 Abangane bakaNkulunkulu bayakhula ngokomoya ngemithandazo yabo eqotho nangokuba nobudlelwane obuhle. (Funda uMalaki 3:16.) ‘Izindlebe zikaJehova zisekunxuseni kwabo.’ (1 Pet. 3:12) Njengomzali onothando, uJehova uyayinaka imithandazo yethu yokucela usizo. Yingakho kudingeka ‘siphikelele emthandazweni.’ (Roma 12:12) Ngeke sikwazi ukuhlale singamaKristu akhule ngokugcwele ngaphandle kosizo lukaNkulunkulu. Izingcindezi zalesi simiso zinkulu kakhulu ukuba singamelana nazo futhi sizinqobe ngokwethu. Uma siyeka ukuphikelela emthandazweni, sinqamula umzila oqhubekayo wamandla uNkulunkulu azimisele nakwaziyo ukusinika wona. Liyakugculisa yini izinga lemithandazo yakho, noma kukhona lapho obona kudingeka uthuthukise khona kulesi sici?—Jer. 16:19.
13. Kungani ukuzihlanganisa namanye amaKristu kubalulekile ekukhuleni okungokomoya?
13 UJehova uyajabula ngabo bonke “abafuna isiphephelo kuye”; yingakho kumelwe siqhubeke sihlanganyela njalo nabanye abamaziyo ngisho nangemva kokuba sesimazi. (Nah. 1:7) Ezweni eligcwele ukudangala, siyokwenza ngokuhlakanipha ngokwakha ubungane ebandleni nabafowethu nodadewethu abayisikhuthazo. Kuyosizuzisa ngani ukwenza kanjalo? Ebandleni uyothola abantu abayokuvuselela ‘othandweni nasemisebenzini emihle.’ (Heb. 10:24, 25) Uthando olukhona ebandleni uPawulu alobela amaHebheru ngalo lufuna ukuba sibe imbumba, sibe ibandla noma umphakathi wabakhulekeli abanomqondo ofanayo. Ukubonisa lolu hlobo lothando kudinga ukuba sizihlanganise namanye amaKristu. Ohlwini lwakho lokuzihlola, kuphawule njalo ukuba khona emihlanganweni futhi ube nengxenye kuyo.
14. Kungani ukuphenduka nokuguquka kuyinqubo eqhubekayo?
14 Lapho siqala ukuba amaKristu kwadingeka ukuba siphenduke futhi siguquke, noma sifulathele izono zethu. Nokho, ukuphenduka kuyinto eqhubekayo. Njengabantu abangaphelele, sisenesono esihobe ngaphakathi kithi kuhle kwenyoka ebuthisile elungele ukugadla! (Roma 3:9, 10; 6:12-14) Masihlale sivule amehlo, singawazibi amaphutha ethu. Ngokujabulisayo, uJehova uyasibekezelela lapho sisazama ngobuqotho ukulwa nobuthakathaka bethu nokwenza izinguquko ezidingekayo. (Fil. 2:12; 2 Pet. 3:9) Kuyosisiza kakhulu ukulawula indlela esisebenzisa ngayo isikhathi nezinto zethu, sigweme iminako yobugovu. Omunye udade uyabhala: “Ngakhulela eqinisweni, kodwa ngakhula nginombono ohlukile ngoJehova kunabaningi. Ngangimbheka njengomuntu okumelwe esatshwe kakhulu, futhi ngaba nomuzwa wokuthi angisoze ngakwazi ukumjabulisa.” Ngokuhamba kwesikhathi, lo dade wazithola “eyendayenda” ngokomoya ngenxa yezinto ezidumazayo eziningi abhekana nazo. Uyaqhubeka: “Akukhona ukuthi ngangingamthandi uJehova, kodwa kwakungenxa yokuthi ngangingamazi ngempela. Nokho, ngemva kokuthandaza kaningi ngobuqotho, umbono wami washintsha.” Wanezela: “Ngathola ukuthi uJehova wayengihola njengengane, engisiza ngesineke ukuba nginqobe isithiyo ngasinye ngesikhathi futhi engibonisa lokho okwakudingeka ngikwenze.”
15. Yini uJesu noYise abayiqaphelayo?
15 ‘Qhubekani nikhuluma nabantu’ ngezindaba ezinhle. Ingelosi kaNkulunkulu yasho la mazwi kuPetru nabanye abaphostoli ngemva kokuba bekhululwe ngokuyisimangaliso etilongweni. (IzE. 5:19-21) Yebo, ukuhlanganyela kwethu enkonzweni yasensimini kungenye yezinto ezisohlwini lwethu lokuzihlola. UJesu noYise baqaphela kokubili ukholo lwethu nenkonzo yethu. (IsAm. 2:19) Njengoba umdala ocashunwe kwesinye sezigaba ezingenhla esho: “Umsebenzi osemqoka kithi inkonzo yasensimini.”
16. Kungani kukuhle ukucabangisisa ngokuzinikezela kwethu kuJehova?
16 Cabangisisa ngokuzinikezela kwakho. Impahla eyigugu kunazo zonke esinazo ubuhlobo bethu noJehova. Uyabazi abangabakhe. (Funda u-Isaya 44:5.) Lihlole ngosizo lomthandazo izinga nokujula kobuhlobo bakho naye. Okuhlobene nalokhu ukulukhumbula njalo usuku olubalulekile owabhapathizwa ngalo. Ukulukhumbula kuyokukhumbuza ukuthi ubhapathizo lwakho luyisibonakaliso sesinqumo esibaluleke kakhulu kowake wazenza.
HLALE USEDUZE NOJEHOVA NGOKUKHUTHAZELA
17. Kungani ukukhuthazela kudingeka ukuze sihlale siseduze noJehova?
17 Lapho ebhalela abaseGalathiya, uPawulu wagcizelela isidingo sokukhuthazela. (Gal. 6:9) Ukukhuthazela kubalulekile nakumKristu namuhla. Uyobhekana nobunzima, kodwa uJehova uyokusiza. Qhubeka uthandazela umoya ongcwele. Uyozwa impumuzo lapho ekulethela injabulo esikhundleni sosizi, ukuthula esikhundleni somunyu. (Math. 7:7-11) Cabanga ngalokhu: Uma uJehova enakekela izinyoni, ukunakekela kakhulu kangakanani wena omthandayo noye wazinikela kuye? (Math. 10:29-31) Kungakhathaliseki ukuthi ubhekana naziphi izingcindezi, ungalokothi uhlehle, ungalokothi uphonse ithawula. Yeka ingcebo emangalisayo esiyithola ngoba saziwa uJehova!
18. Njengoba ‘usumazi uNkulunkulu,’ yini osekufanele uyenze?
18 Ngakho-ke, uma usanda kumazi uJehova wabe usubhapathizwa, yini okudingeka uyenze manje? Qhubeka umazi kangcono uJehova, ukhulela ekuvuthweni okungokomoya. Uma kuwukuthi usuneminyaka eminingi ubhapathiziwe, yini okudingeka uyenze manje? Nawe futhi qhubeka ujulisa futhi wandisa ulwazi lwakho ngoJehova. Kwangathi singelokothe sibuthathe kalula ubuhlobo bethu naye. Kunalokho, sonke kufanele sihlale njalo sibheka uhlu lwethu lokuzihlola ukuze siqinisekise ukuthi siyaqhubeka sikhula ebuhlotsheni bethu noBaba wethu onothando onguMngane nonguNkulunkulu wethu—uJehova.—Funda eyesi-2 Korinte 13:5, 6.