Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 4/15 k. 32
  • Ingabe Umuthi Ogawuliwe Ungahluma Futhi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Umuthi Ogawuliwe Ungahluma Futhi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umuthi Womnqumo Okhephuzelayo Endlini KaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • UJobe Wayeqiniseka Ngovuko
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2016
  • ‘O Ukujula Kokuhlakanipha KukaNkulunkulu!’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Amafutha Omnqumo Asetshenziswa Ngezindlela Eziningi
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 4/15 k. 32
Umuthi ogawuliwe uyahluma futhi

Ingabe Umuthi Ogawuliwe Ungahluma Futhi?

LAPHO uqhathaniswa nomsedari omuhle waseLebhanoni, umuthi womnqumo onesiqu esisontekile ungase ungabonakali ukhanga kangako. Kodwa imithi yomnqumo inamandla amangalisayo okuqhubeka iphila ngisho nasezimweni ezinzima. Eminye isineminyaka engaba inkulungwane. Izimpande zomnqumo zifinyelela ekujuleni komhlaba, futhi lo muthi ungavuseleleka ngisho noma kungenzeka isiqu sawo sigawulwe. Uma nje izimpande zisaphila, uyohluma futhi.

UJobe othembekile wayeqiniseka ukuthi ngisho noma efa, wayeyophinde aphile. (Jobe 14:13-15) Wasebenzisa isibonelo somuthi, mhlawumbe umnqumo, ukuze abonise ukuqiniseka kwakhe ukuthi uNkulunkulu unawo amandla okumvusa. Wathi: “Kukhona ithemba ngisho nangomuthi. Uma ugawulwa, uyohluma nokuhluma futhi.” Lapho izulu lina ngemva kwesomiso, isiphunzi somnqumo esomile singavuseleleka siphinde siveze “igatsha njengesitshalo esisha.”—Jobe 14:7-9.

Njengoba nje umlimi elangazelela ukubona umnqumo ogawuliwe uhluma futhi, uJehova uNkulunkulu ulangazelela ukuvusa izinceku zakhe nabanye abaningi. (Mathewu 22:31, 32; Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15) Cabanga nje ukuthi siyojabula kangakanani lapho samukela abafileyo sibabona sebephila futhi!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela