Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 10/1 k. 4
  • Ingabe Ukhona Osuke Elalele?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ukhona Osuke Elalele?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Sondela KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Ingabe UNkulunkulu Uyayizwa Imithandazo Yethu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
  • Umthandazo Uyilungelo Elikhethekile
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Indlela Yokuthola Usizo Ngomthandazo
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 10/1 k. 4
Njengoba uJesu ephakamisa ikhanda ethandaza, abafundi bakhe bakhothamisa amakhanda

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | INGABE KUYASIZA UKUTHANDAZA?

Ingabe Ukhona Osuke Elalele?

Abanye abantu banomuzwa wokuthi ukuthandaza ukuchitha isikhathi, akekho osuke elalele. Abanye baye bazama ukuthandaza kodwa banomuzwa wokuthi imithandazo yabo ayiphendulwanga. Omunye umuntu okholelwa ukuthi uNkulunkulu akekho wazakhela isithombe sikaNkulunkulu engqondweni yakhe, wabe esethandaza: “Mane nje ungihlebele okuthile.” Kodwa wathi uNkulunkulu “akazange aphendule.”

Nokho, iBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi ukhona uNkulunkulu futhi uyayizwa imithandazo. EBhayibhelini sithola la mazwi ayebhalelwe abantu basendulo: “Nakanjani [uNkulunkulu] uyokubonisa umusa lapho nje kuzwakala ukukhala kwakho; ngokushesha nje lapho ekuzwa impela uyokuphendula.” (Isaya 30:19) Elinye ivesi leBhayibheli lithi: “Umthandazo wabaqotho uyamjabulisa.”​—IzAga 15:8.

UJesu wathandaza kuYise, “futhi wazwiwa ngomusa.”​—Hebheru 5:7

IBhayibheli libuye lilandise ngezibonelo zalabo imithandazo yabo eyazwiwa. Elinye ivesi lithi uJesu “wenza ukunxusa nezicelo kulowo owayekwazi ukumsindisa ekufeni” futhi “wazwiwa ngomusa.” (Hebheru 5:7) Ezinye izibonelo ungazithola kuDaniyeli 9:21 nakweyesi-2 IziKronike 7:1.

Pho, kungani abanye abantu benomuzwa wokuthi imithandazo yabo ayiphendulwa? Ukuze izwiwe, kumelwe sithandaze kuNkulunkulu weBhayibheli uJehovaa kuphela, hhayi kwabanye onkulunkulu noma okhokho. UNkulunkulu ufuna nokuba sicele “ngokwentando yakhe”​—izinto azamukelayo. UNkulunkulu usiqinisekisa ngokuthi uma sithandaza ngale ndlela, “uyasizwa.” (1 Johane 5:14) Ngakho, ukuze imithandazo yethu izwiwe, kudingeka simazi uNkulunkulu futhi sifunde ukuthi iyini intando yakhe.

Abantu abaningi bakholelwa ukuthi umthandazo awuyona nje inqubo yenkolo kunalokho uNkulunkulu uyayilalela ngempela imithandazo futhi ayiphendule. U-Isaac, waseKenya, uthi: “Ngathandazela ukuthola usizo lokuqonda iBhayibheli. Ngokushesha ngemva kwalokho, othile weza kimi wanginika usizo engangiludinga.” EPhilippines, uHilda wayefuna ukuyeka ukubhema. Ngemva kokwehluleka izikhathi eziningi, umyeni wakhe wasikisela, “Kungani ungathandazi kuNkulunkulu umcele akusize?” Wasisebenzisa leso seluleko. Nakhu akushoyo: “Yangimangaza indlela uNkulunkulu angisiza ngayo. Ngaqala ukuphelelwa isifiso sokubhema. Ekugcineni ngayeka.”

Kungenzeka yini ukuthi uNkulunkulu uyafuna ukukusiza ubhekane nezinto ezikukhathazayo uma lokho kuvumelana nentando yakhe?

a IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela