Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 10/1 k. 5
  • Okwenza UNkulunkulu Asimeme Ukuba Sithandaze

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okwenza UNkulunkulu Asimeme Ukuba Sithandaze
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNkulunkulu ufuna sibe abangane bakhe.
  • UNkulunkulu ufuna ukukusiza.
  • Abantu banesidingo esingokomoya.
  • Ingabe UNkulunkulu Uyayizwa Imithandazo Yakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Umthandazo Uyilungelo Elikhethekile
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Ukusondela KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 10/1 k. 5

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | INGABE KUYASIZA UKUTHANDAZA?

Okwenza UNkulunkulu Asimeme Ukuba Sithandaze

UNkulunkulu ufuna sibe abangane bakhe.

Abangane bayaxoxa ukuze bakhe ubuhlobo obuhle. Ngendlela efanayo, uNkulunkulu usimema ukuba sikhulume naye, ngaleyo ndlela esivulela ithuba lokuba nobuhlobo obuseduze naye. Uthi: “Niyongibiza futhi nize nithandaze kimi, futhi ngiyonilalela.” (Jeremiya 29:12) Njengoba ukhuluma noNkulunkulu, ‘uyosondela kuye, naye uyosondela kuwe.’ (Jakobe 4:8) IBhayibheli liyasiqinisekisa: “UJehova useduze nabo bonke abambizayo.” (IHubo 145:18) Njengoba siqhubeka sithandaza kuNkulunkulu, ubuhlobo bethu naye buyokhula.

“UJehova useduze nabo bonke abambizayo.”​—IHubo 145:18

UNkulunkulu ufuna ukukusiza.

UJesu wathi: “Ngubani phakathi kwenu okuthi lapho indodana yakhe icela isinkwa ayinike itshe? Noma, mhlawumbe uma icela inhlanzi​—ngeke ayinike inyoka, akunjalo? Ngakho-ke, uma nina, nakuba nibabi, nikwazi ukupha abantwana benu izipho ezinhle, yeka ukuthi uYihlo osemazulwini uyobapha kakhulu kangakanani izinto ezinhle labo abamcelayo!” (Mathewu 7:​9-11) Yebo, uNkulunkulu ukumema ukuba uthandaze ngoba ‘uyakukhathalela’ futhi ufuna ukukusiza. (1 Petru 5:7) Ukumema nokuba uthululele izinkinga zakho kuye. IBhayibheli liyasitshela: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga.”​—Filipi 4:6.

Abantu banesidingo esingokomoya.

Izazi ezifunda ukwakheka komuntu zithole ukuthi izigidi zabantu zinaso isidingo sokuthandaza. Ngisho nabanye abantu abakholelwa ukuthi uNkulunkulu akekho baphakathi kwalabo abanalesi sidingo.a Lokhu kufakazela iqiniso lokuthi abantu badalwe benesidingo esingokomoya. UJesu wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Enye indlela esinganelisa ngayo leso sidingo ukuxhumana njalo noNkulunkulu.

Uma samukela isimemo sikaNkulunkulu sokuba sithandaze kuye, yiziphi izinzuzo esingazithola?

a Ucwaningo olwenziwa i-Pew Research Center ngo-2012 lwaveza ukuthi abantu abangakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona abangamaphesenti angu-11 e-United States bayathandaza okungenani kanye ngenyanga.

Kuhilelani Ukuthandaza?

IBhayibheli libonisa ukuthi singathandazela noma yini. Nazi ezinye zezinto esingazithandazela:

  • Ukuvuma izono “Ngasivuma isono sami kuwe, nesiphambeko sami angizange ngisifihle.”​—IHubo 32:5.

  • Ukubonga “Kuhle ukumbonga uJehova.”​—IHubo 92:1.

  • Ukudumisa “Ngizomtusa uJehova ngazo zonke izikhathi; Ukudunyiswa kwakhe kuzoba semlonyeni wami njalo.”​—IHubo 34:1.

  • Ukucela Isiqondiso “Ngibangele ukuba ngihambe endleleni yemiyalo yakho, ngoba ngiyajabula ngayo.”​—IHubo 119:35.

  • Ukucela Amandla “Phendukela kimi ungibonise umusa. Nika inceku yakho izikhwepha zakho.”​—IHubo 86:16.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela