Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 10/1 k. 9
  • Ingabe Bewazi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Bewazi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UHerode Omkhulu Umakhi Oyingcweti
    I-Phaphama!—2009
  • “Ezinsukwini ZikaHerode Inkosi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Kubulawa Umuntu Emcimbini Wosuku Lokuzalwa
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • “Izwi LikaJehova Laqhubeka Likhula”
    ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 10/1 k. 9

INGABE BEWAZI?

Yiziphi izinselele uHerode abhekana nazo lapho akha kabusha ithempeli eJerusalema?

Ekuqaleni, uSolomoni wakha ithempeli laseJerusalema egqumeni futhi wakha izindonga ngasempumalanga nangasentshonalanga yegquma ukuze kube nendawo eyisicaba ezungeze isakhiwo esingcwele. UHerode wayefuna ithempeli libe lihle kakhulu kunangesikhathi sikaSolomoni, ngakho waqala umsebenzi wokulilungisa nokulandisa.

Isithombe esidwetshiwe sethempeli nezindonga zalo

Onjiniyela bakaHerode bandisa indawo eyisicaba ngasenyakatho ukuze bakhulise igceke lethempeli. Ngaseningizimu bayandisa ngamamitha angu-32. Ukuze bafeze lokhu, baqala umsebenzi wokwakha udonga oluwugqinsi. Ngesinye isikhathi lolu donga lwaluphakeme ngamamitha angu-50.

UHerode wazama ukungawakhubi amaJuda noma aphazamise izinkonzo zawo nemihlatshelo. UJosephus, isazi-mlando esingumJuda, uthi uHerode wazama nokufundisa abapristi abangamaJuda ukwakha nokubaza ukuze kungangeni muntu ongagunyaziwe endaweni engcwele.

UHerode wafa ngaphambi kokuba lo msebenzi uphele. Ngo-30 C.E., kwase kuphele iminyaka engu-46 lo msebenzi wokwakha waqala. (Johane 2:20) Umsebenzi waqedelwa umzukulu kaHerode, u-Agrippa II, maphakathi nekhulu lokuqala C.E.

Kungani abantu baseMelitha babecabanga ukuthi umphostoli uPawulu ungumbulali?

Unkulunkulu wobulungisa ushaya unkulunkulu wokungabi nabulungisa

Unkulunkulukazi wobulungisa (kwesobunxele) ushaya unkulunkulukazi wokungabi nabulungisa

Kungenzeka ukuthi abanye abantu baseMelitha babethonywe inkolo yamaGreki. Cabanga ngalokho okwenzeka ngemva kokuba umkhumbi uPawulu ayekuwo uphahlazeke eMelitha, njengoba incwadi yezEnzo ilandisa. Lapho umphostoli uPawulu ebeka inyanda yezinkuni emlilweni owawubaselwe abantu ayehamba nabo, inyoka enobuthi yanamathela esandleni sakhe. Lapho bebona lokho, abantu bendawo bathi: “Ngokuqinisekile lo muntu ungumbulali, nakuba esindile olwandle, ubulungisa bokuphindisela abumvumelanga ukuba aqhubeke ephila.”​—IzEnzo 28:4.

Igama lesiGreki elithi “Ubulungisa” elisetshenziswe lapha lithi “di’ke.” Leli gama lingasho ubulungisa ngendlela ehlukile. Nokho, ezinganekwaneni zesiGreki, uDike kwakuyigama likankulunkulukazi wobulungisa. Babecabanga ukuthi ubuka izinto ezenziwa abantu bese ebika ukungabi nabulungisa kuZeus, ukuze abanecala bajeziswe. Ngakho, ngokwenye incwadi, izakhamuzi zaseMelitha kungenzeka zazicabanga lokhu: “Nakuba uPawulu ephunyukile olwandle, uyindoda okumelwe ife futhi unkulunkulukazi uDike. . . umhlasele ngenyoka.” Abantu bashintsha indlela ababecabanga ngayo lapho bebona ukuthi uPawulu akalimalanga.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela