Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp16 No. 3 k. 3
  • Lapho Kushona Othandekayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Kushona Othandekayo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Ngingaphila Kanjani Nosizi Lwami?”
    I-Phaphama!—1987
  • Abanye Bangasiza Kanjani?
    Lapho Ufelwa Othandekayo
  • “Khalani Nabakhalayo”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Ngingaphila Kanjani Nosizi Engikulo?
    Lapho Ufelwa Othandekayo
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
wp16 No. 3 k. 3
Owesifazane ososizini

ISIHLOKO ESIYINHLOKO

Lapho Kushona Othandekayo

“Ungakhali . . . sisi. UNkulunkulu wazi kangcono.”

Lawo mazwi ashiwo kowesifazane ogama lakhe linguBebe. Wayesemngcwabeni kayise owayeshone engozini yemoto.

UBebe wayesondelene kakhulu noyise. Amazwi asekuqaleni ashiwo umngane womndeni owayenezinhloso ezinhle, kodwa kunokuba amduduze, amzwisa ubuhlungu uBebe. Wayelokhu ezitshela: “Ayikho nencane into enhle ngokufa kukababa.” Eminyakeni ethile kamuva, lapho uBebe elandisa ngokufa kukayise encwadini, kwaba sobala ukuthi wayesabuzwa ubuhlungu.

Njengoba kwenzeka kuBebe, kungathatha isikhathi eside ngomuntu ukuba anqobe usizi, ikakhulukazi uma oshonelwe ebesondelene kakhulu nomufi. EBhayibhelini ukufa kuchazwa kufanele “njengesitha sokugcina.” (1 Korinte 15:26) Kuyisitha esinamandla esiphazamisa ukuphila kwethu futhi ngokuvamile kufika singakulindele kusiphuce abathandekayo bethu. Akekho kithi ongabhekani nemiphumela yako. Ngakho kungokwemvelo ukukhungatheka lapho kufa othandekayo.

Mhlawumbe wake wazibuza: ‘Kuthatha isikhathi esingakanani ukunqoba usizi lokushonelwa?’ Umuntu angabhekana kanjani nosizi? Ngingabaduduza kanjani abashonelwe? Ingabe likhona ithemba ngabathandekayo bethu abashonile?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela