Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w19 Disemba k. 15
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kwakunjani Ukuphila EPharadesi?
    Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade
  • Yini Abantu Abayikholelwayo Ngokuphila Ngemva Kokufa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Ukuhlubuka Endaweni Yemimoya
    Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?
  • Ingabe Unomphefumulo Ongafi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
w19 Disemba k. 15

Imibuzo Evela Kubafundi

Ngesikhathi uSathane etshela u-Eva ukuthi ngeke afe uma edla isithelo esisesihlahleni sokwazi okuhle nokubi, ingabe wayesungula umbono ovamile namuhla wokuthi umphefumulo awufi?

U-Eva ulingwa uSathane, osebenzisa inyoka ukuze akhulume naye

Cishe akunjalo. UDeveli akamtshelanga u-Eva ukuthi uma edla isithelo esasenqatshelwe uNkulunkulu, umzimba wakhe wawuyofa kodwa umoya wakhe (lokho abanye namuhla abakubiza ngokuthi umphefumulo ongafi) uqhubeke uphila kwenye indawo. Ekhuluma esebenzisa inyoka, uSathane wathi uma u-Eva edla isithelo ‘ngokuqinisekile wayengeke afe’ nje nhlobo. Wayesho ukuthi wayeyoqhubeka ephila, ejabulela ukuphila okumnandi emhlabeni, aphile ngaphandle kokuqondiswa uNkulunkulu.—Gen. 2:17; 3:3-5.

Uma le mfundiso engamanga efundiswa namuhla yokuthi umphefumulo awufi ingasungulwanga e-Edene, pho yaqala nini? Asiqiniseki. Esikwaziyo ukuthi bonke abantu ababengamkhonzi uJehova babhubha ngoZamcolo wangosuku lukaNowa. Ngenxa yokuthi abantu abasinda kwakunguNowa nomndeni wakhe, ababekhonza uJehova, babengekho abantu ababefundisa izimfundiso ezingamanga.

Ngakho imfundiso yokuthi umphefumulo awufi kumelwe ukuba yaqala ngemva kukaZamcolo. Ngesikhathi uNkulunkulu ephithanisa izilimi eBhabhele futhi abantu ‘behlakazekela phezu kwawo wonke umhlaba,’ akungabazeki ukuthi basakazekela emhlabeni benalowo mbono wokuthi abantu banomphefumulo ongafi. (Gen. 11:8, 9) Kungakhathaliseki ukuthi le mfundiso yamanga yaqala nini, singaqiniseka ngokuthi ‘uyise wamanga,’ uSathane uDeveli, nguye ongumsunguli wayo futhi wajabula lapho eyibona igcwala umhlaba wonke.—Joh. 8:44.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela