Balandeleni Ngesibindi Abaniholayo
1 Ngothando uNkulunkulu uye walungiselela ibandla lamaKristu ababonisi abakuhola kwabo kuyaqabula futhi kufanele sethembele kukho. Ngokuphambene nemizamo engaphumeleli yabaholi bezwe, umprofethi uIsaya wabikezela ukuthi ababonisi abamiswe uNkulunkulu babeyofana ‘nendawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.’ (Isaya 32:1, 2) Ukulandela ukuhola kwamadoda anjalo ngesibindi kungaba umthombo wangempela wesivikelo nesibusiso.
“NILINGISE UKHOLO LWABO”
2 Umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu angamaHeberu: “Bakhumbuleni ababenihola bekhuluma izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.” (Heb. 13:7) Ukholo lwalamadoda okufanele lulingiswe. Ukuqaphela inkambo yawo yokuziphatha ngokuvumelana nesibonelo esabekwa uJesu kanye nezimiso zeZwi likaNkulunkulu kusikhuthaza ukuba sihlale siqinile okholweni. (IHu. 119:105) Kufanele sikujabulele ukwamukela iseluleko nesiqondiso esivela kubabonisi abanjalo abathembekile abasiholayo futhi sibazise kakhulu ngothando ngenxa yomsebenzi wabo.—1 Thes. 5:12, 13.
3 Nokho, ukuze sizuze ngokugcwele ‘kulezipho ezingabantu,’ kufanele simelane nanoma ikuphi ukuthambekela kokukhulisa amaphutha abo noma ukungapheleli kobuntu futhi ngenxa yalokho singasinaki iseluleko sabo noma sisithathe kalula. Kunalokho, kufanele samukele iseluleko sabo esisekelwe eBhayibhelini kanye nesiqondiso njengesivela kuJehova. Ngalendlela siyobe silandela ngesibindi ukuhola kwaLowo oyinhloko yebandla, uKristu.—Efe. 4:8, 11-15, qhathanisa neNW.
4 Singakubonisa kanjani ukuzithoba kwethu nokulalela ekwengameleni kothando kwabadala? Uma sibona inkinga ebandleni, ingabe siyayibika kwabadala bese silinda ngokubekezela nangesibindi ukuba indaba ixazululwe ngendlela engokwasezulwini? (Lev. 5:1) Sithembela elungiselelweni elingokwasezulwini, akufanele sicasuke ngokungafanele uma izinto zingasingathwa ngendlela yethu noma ngesikhathi sethu. Kunalokho, siyolindela uJehova noKristu Jesu ukuba basebenzise amadoda akhethwe ngomoya ukuba athathe isinyathelo ngesikhathi esifanele nangendlela efanele.—IzAga 14:29.
IMIPHUMELA EQONDILE
5 Ukulandela ngesibindi labo abaholayo kuletha imiphumela efiselekayo yokholo oluqinile nokuziphatha kokwesaba uNkulunkulu. Ukwehluleka ukuzithoba kuyoba umthwalo kulabo abaholayo futhi kuyolimaza labo abazithobayo. (Heb. 13:17) Ngokwamukela isikhuthazo esingokomoya kanye neseluleko esivela kwabadala, sisizwa ukuba sinqobe ubuthakathaka futhi senze ukulungisa okudingekile okuqinisekisa ukukhula okungokomoya. Ngokubambisana nokuqondisa kwabo, kulondolozwa ubunye ebandleni, futhi siyavikelwa ezicini eziyingozi nasekonakaleni kwalesimiso sezinto. Futhi, ngokulandela isibonelo nokuhola kwabo enkonzweni, sikhuthazwa ukuba sihlale sishiseka ekushumayeleni izindaba ezinhle.
6 Uma sihlola indima yabadala ebandleni lobuKristu namuhla, siyabona ukuthi iningi labo liyazidela futhi lihola ngendlela enhle kakhulu. Simbonga ngokusuka enhliziyweni uJehova ngokumisa ilungiselelo elinjena lothando. Amadoda aloluhlobo afanelwe inhlonipho ephindiwe, futhi sinazo zonke izizathu zokulandela ngesibindi ukuhola kwawo.—1 Thim. 5:17.