Ukwakha Ubuhlobo Obuseduze Bomkhaya
1 Njengoba kunezinto eziningi kangaka ezidinga isikhathi sabo, abazali babhekene nenselele ekwakheni umkhaya oqinile ekukhulekeleni kweqiniso. Imikhaya yamaKristu idinga isibopho esiqinile esisekelayo ezikhathini ezinzima ezikhona njengamanje. (UmSh. 4:9-12; 2 Thim. 3:1-5) Njengoba ingokomoya likhula, umkhaya uba nobunye ngokwengeziwe futhi uyoqina ukuze umelane nokuhlasela kukaSathane nesimiso sakhe.
UKWAKHA IZIMFANELO EZINGOKOMOYA
2 Imihlangano yebandla nesifundo somkhaya seBhayibheli kuyadingeka esimisweni somkhaya samasonto onke. (Dut. 6:6, 7; Heb. 10:23-25; wZU86 11/1 kk. 23-5) Nokho, kudingeka okwengeziwe. Kusenegebe uma lokhu kuwukuphela kokuqeqeshwa okungokomoya okutholwa izingane.
3 Ubuhlobo obuhle bomkhaya bakheka lapho abazali beba nesithakazelo esiqotho enhlalakahleni engokomoya yezingane. KwaIsrayeli, abazali babenomthwalo wemfanelo ngemfundo nokuqeqeshwa kwezingane zabo, bezifundisa kokubili ngezwi nangesibonelo. Isimiso semfundo sakwaIsrayeli sasihlanganisa ukuqeqesha okungokoqobo kokuphila komuntu omdala, ukufundisa amakhono ayisisekelo okufunda nokubhala, kanye nemfundo yokuhlakulela izimfanelo ezingokomoya. Ekufundiseni izingane, kwakugxilwa ekuzifundiseni ukwesaba uJehova, uMthetho, inhlonipho ngabazali nabantu abadala, kanye nokubaluleka kokulalela.
4 Lwela ukuba nesikhathi esizuzisayo nomkhaya wakho nsuku zonke. Izindaba ezingokomoya zingaxoxwa esimweni esingahleliwe, njengezikhathi zokudla. Omunye umzali waphawula ngokuhlakanipha: “Abazali bayoba nesikhathi benezingane zabo—bethuthukisa izimfanelo ezingokomoya noma bezisiza ukuba ziphume ezinkingeni eziphakama njalo.” Yeka ukuthi kungcono kanjani ukwakha izimfanelo ezingokomoya ezidingekayo ezinganeni ukuze zigweme izingibe zezwe!—1 Kor. 3:10-15.
UKUJABULELA UMSEBENZI WENKONZO YASENSIMINI
5 Injabulo iwumzwelo obangelwa ukufeza okuthile noma ukulindela okuhle ngokulangazelela. Lapho umuntu eyilungiselele inkonzo yasensimini, ngokufanelekile angase abe nethemba lokuthola imiphumela emihle. Kanjalo, ukulungiselela kuyisihluthulelo senkonzo yasensimini ejabulisayo. Ukuprakthiza njalo lokho enizokusho njengomkhaya ngaphambi kokuba niye enkonzweni yasensimini kwakha ukuzethemba. (Qhathanisa noThithu 3:1b.) Umuntu ngamunye angaba nomgomo engqondweni. Intshumayelo elula ingabuyekezwa nezingane ezincane noma labo abasanda kuqala enkonzweni yasensimini.
6 Ngokusebenza nezingane zabo enkonzweni yobuKristu, abazali bangazisiza ukuba zihlakulele isithakazelo somuntu siqu kubantu njengoba uJehova noJesu beyisibonelo sabo. Inkonzo isisiza futhi ukuba sithuthukise ubuhlobo obuseduze noJehova. (wZU 82 6/15 kk. 15-22) Eminye imikhaya ihlela izimiso zokuba ibe ndawonye usuku lonke, ihlela ukuzilibazisa okwakhayo ngemva kwenkonzo yasensimini. Lokhu kunikeza isikhathi sengxoxo esimweni esikhululekile futhi kusondelanise abazali nezingane ndawonye.
7 Zimiseleni ukuthuthukisa amakhono adingekayo okuxoxa ukuze nigcine ubuhlobo obuseduze nezingane zenu. Ningavumeli noma yini ukuba ivimbele ukuthi nibe nesikhathi esidingekile sokuqinisa umkhaya wenu ngokomoya. Zithandazeleni futhi nithandaze nazo izingane zenu, nazi ukuthi uJehova uyoyivuza ngempumelelo imizamo yenu yokwakha.—IHu. 127:1; IzAga 24:3.