Ungazikhethela Ikusasa Lakho
Eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule, uJehova uNkulunkulu watshela izikhonzi zakhe ukuthi yini okumelwe ziyenze ukuze zibe nekusasa elilondekile: “Ngibeke ukuphila nokufa phambi kwakho, isibusiso nesiqalekiso; kumelwe ukhethe ukuphila ukuze uphile, wena nenzalo yakho.”—Duteronomi 30:19.
Ukuze labo bantu babe nekusasa eliqhakazile, kwakumele benze isinqumo esihle. Nathi namuhla kufanele sikhethe. IBhayibheli lichaza ukuthi ungakhetha ukuba nekusasa elilondekile: “Ngokuthanda uJehova uNkulunkulu wakho, ngokulalela izwi lakhe.”—Duteronomi 30:20.
SINGAMTHANDA KANJANI UJEHOVA FUTHI SILALELE IZWI LAKHE?
FUNDA IBHAYIBHELI: Ukuze uthande uJehova, kudingeka uqale ufunde ngaye eBhayibhelini. Njengoba ufunda, uzothola ukuthi unguNkulunkulu onothando okufisela okuhle kakhulu. Uyakumema ukuba uthandaze kuye ‘ngoba uyakukhathalela.’ (1 Petru 5:7) IBhayibheli lithembisa ukuthi uma wenza umzamo wokusondela kuye, “naye uyosondela [kuwe].”—Jakobe 4:8.
KUSEBENZISE OKUFUNDAYO: Ukulalela uNkulunkulu kusho ukwenza lokho akushoyo eBhayibhelini. Uma wenza kanjalo, “uyophumelela futhi uyokwenza ngokuhlakanipha.”—Joshuwa 1:8.
a Okwamanje etholakala ngezilimi ezingu-7, ezihlanganisa isishayina sesiMandarin nesiCantonese.