Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w23 Disemba k. 32
  • Okwenzeka Ngokoqobo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okwenzeka Ngokoqobo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuba Nozwela Kubo Bonke Abantu
  • Lingisa Umusa KaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • ‘Uzwela LukaNkulunkulu Wethu’
    Sondela KuJehova
  • Yiba Nobubele Besisa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Yibani ‘Nobubele Besisa’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
w23 Disemba k. 32

Okwenzeka Ngokoqobo

Ukuba Nozwela Kubo Bonke Abantu

Ngelinye ilanga, udade waseNew Zealand wabukela ividiyo ethi ‘Nakekelanani,’ ekhuluma ngokuthi uJehova akagcini nje ngokuba nozwela kodwa futhi uyalubonisa. (Isaya 63:​7-9) Wanquma ukukusebenzisa lokho ayekufundile ngokunikeza usizo olungokoqobo. Ngalo lolo suku eyocoshacosha ezitolo, wahlangana nowesifazane ongenakhaya wacela ukumthengela into azoyidla. Wavuma. Lapho udade ebuya ukuyothengela lona wesifazane ukudla, wamshumayeza kafushane esebenzisa ipheshana elithi Ingabe Ukuhlupheka Kuyoke Kuphele?

Lona wesifazane wavele wakhala. Wachaza ukuthi wayekhuliswe enguFakazi kodwa kwase kuphele iminyaka eminingi alishiya iqiniso. Kodwa muva nje, ubelokhu ethandaza kuJehova emcela ukuba amsize abuyele kuye. Udade wamnikeza iBhayibheli wenza namalungiselelo okuba baqale ukufunda.a

Singalulingisa uzwela uJehova analo ngabantu, singabonisa uzwela ezihlotsheni zethu nakubafowethu nodadewethu ebandleni. Singalubonisa nangokubheka amathuba okufakaza kwabanye.

a Ukuze uthole ukuthi ungabasiza kanjani abapholile, bheka isihloko esithi “Buyelani Kimi” kuyi-Nqabayokulinda kaJuni 2020.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela