Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Genesise 4
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Genesise Okuphakathi

      • UKhayini no-Abela (1-16)

      • Inzalo kaKhayini (17-24)

      • USeti nendodana yakhe u-Enoshe (25, 26)

Genesise 4:1

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “Ngizale.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 1:28
  • +1Jo 3:10-12; Jud 11

Genesise 4:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 23:35

Genesise 4:4

Izikhombo Zezincwadi

  • +Eks 13:12
  • +Heb 11:4

Genesise 4:5

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “ubuso bakhe banyukubala.”

Genesise 4:7

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ngeke yini kube khona ukuphakanyiswa?”

Genesise 4:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 23:35; 1Jo 3:10-12; Jud 11

Genesise 4:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +Heb 12:24

Genesise 4:11

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 9:5

Genesise 4:12

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “amandla awo.”

Genesise 4:14

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “ebusweni bomhlaba.”

Genesise 4:15

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Lungase lubhekisele emyalweni owawuxwayisa abanye.

Genesise 4:16

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “laseNodi.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 2:8

Genesise 4:17

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 5:4

Genesise 4:21

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “nomtshingo.”

Genesise 4:24

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 4:15

Genesise 4:25

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Incazelo: “Omisiwe; Obekiwe.”

  • *

    Noma, “ungimisele.”

  • *

    NgesiHebheru, “imbewu.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 5:3; 1 IziKr. 1:1
  • +Gen 4:8; Mat 23:35; Heb 11:4

Genesise 4:26

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 5:6; Luk 3:23, 38

Okunye

Gen. 4:1Gen 1:28
Gen. 4:11Jo 3:10-12; Jud 11
Gen. 4:2Mat 23:35
Gen. 4:4Eks 13:12
Gen. 4:4Heb 11:4
Gen. 4:8Mat 23:35; 1Jo 3:10-12; Jud 11
Gen. 4:10Heb 12:24
Gen. 4:11Gen 9:5
Gen. 4:16Gen 2:8
Gen. 4:17Gen 5:4
Gen. 4:24Gen 4:15
Gen. 4:25Gen 4:8; Mat 23:35; Heb 11:4
Gen. 4:25Gen 5:3; 1 IziKr. 1:1
Gen. 4:26Gen 5:6; Luk 3:23, 38
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
  • 26
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Genesise 4:1-26

Genesise

4 U-Adamu walala nomkakhe u-Eva, wakhulelwa. + Lapho u-Eva ezala uKhayini, + wathi: “Ngithole* ingane yomfana ngosizo lukaJehova.” 2 Kamuva waphinde wazala u-Abela + umfowabo kaKhayini.

U-Abela waba umalusi womhlambi, kodwa uKhayini waba umlimi womhlabathi. 3 Ngemva kwesikhathi esithile, uKhayini waletha ezinye zezithelo zomhlaba njengomnikelo kuJehova. 4 Kodwa u-Abela waletha amazibulo athile omhlambi wakhe, + kanye namanoni awo. Nakuba uJehova amamukela u-Abela nomnikelo wakhe, + 5 akazange neze amamukele uKhayini nomnikelo wakhe. Ngakho uKhayini wathukuthela kakhulu futhi wadangala.* 6 UJehova wabe esethi kuKhayini: “Kungani uthukuthele kangaka futhi udangele? 7 Uma ushintsha wenze okuhle, ngeke yini uphinde uboniswe umusa?* Kodwa uma ungashintsheli ekwenzeni okuhle, isono sicuthe emnyango, sifuna ukukubusa; ingabe uzosihlula?”

8 Ngemva kwalokho uKhayini wathi kumfowabo u-Abela: “Masiye endle.” Kwathi lapho besendle uKhayini wahlasela umfowabo u-Abela, wambulala. + 9 Kamuva uJehova wathi kuKhayini: “Uphi umfowenu u-Abela?” yena wathi: “Angazi. Yimina yini okufanele agade umfowethu?” 10 UNkulunkulu wathi: “Wenzeni? Lalela! Igazi lomfowenu liyakhala kimi lisemhlabathini. + 11 Manje uqalekisiwe futhi uyadingiswa kulo mhlabathi ovule umlomo wawo ukuba wamukele igazi lomfowenu esandleni sakho. + 12 Lapho ulima umhlabathi, ngeke ukubuyisele umkhiqizo.* Uyoba umhambuma nombaleki emhlabeni.” 13 UKhayini wathi kuJehova: “Isijeziso sesiphambeko sami sikhulu kakhulu ukuba ngingasithwala. 14 Namuhla uyangixosha emhlabeni,* ngizositheka ebusweni bakho; ngizoba umhambuma nombaleki emhlabeni futhi noma ubani ongitholayo uzongibulala nakanjani.” 15 UJehova wathi kuye: “Ngenxa yaleso sizathu, noma ubani obulala uKhayini uyojeziswa kasikhombisa.”

Ngakho uJehova wabeka uphawu* kuKhayini ukuze kungabi bikho muntu omtholayo oyomshaya ambulale. 16 Ngemva kwalokho uKhayini wasuka phambi kukaJehova wayohlala ezweni lasekuDingisweni,* empumalanga ye-Edene. +

17 Kamuva uKhayini walala nomkakhe, + wakhulelwa wazala u-Enoke. Ngemva kwalokho uKhayini wakha idolobha waliqamba ngegama lendodana yakhe u-Enoke. 18 Kamuva u-Enoke wazala u-Irade. U-Irade wazala uMehujayeli, uMehujayeli wazala uMethushayeli, uMethushayeli wazala uLameka.

19 ULameka wazithathela abafazi ababili. Igama lowokuqala kwakungu-Ada, igama lowesibili kunguZila. 20 U-Ada wazala uJabale. Waba nguyise walabo abahlala ematendeni nabanemfuyo. 21 Igama lomfowabo kwakunguJubali. Yena waba uyise wabo bonke abadlala ihabhu negemfe.* 22 UZila naye wazala uThubali-khayini, umkhandi wazo zonke izinhlobo zamathuluzi ethusi nawensimbi. Udadewabo kaThubali-khayini kwakunguNahama. 23 Ngemva kwalokho uLameka wathi emakhosikazini akhe u-Ada noZila:

“Yizwani izwi lami, nina bafazi bakaLameka;

Bekani indlebe emazwini ami:

Ngibulele umuntu ngoba engilimazile,

Yebo, insizwa ngoba ingishayile.

24 Uma uKhayini kumele aphindiselelwe kasikhombisa, +

Khona-ke uLameka kumele aphindiselelwe izikhathi ezingu-77.”

25 U-Adamu waphinde walala nomkakhe, wazala indodana. Wayiqamba ngokuthi uSeti* + ngoba, njengoba umkakhe asho, “UNkulunkulu unginike* enye inzalo* esikhundleni sika-Abela, ngoba uKhayini umbulele.” + 26 USeti wazala indodana, wayiqamba ngokuthi u-Enoshe. + Ngaleso sikhathi abantu baqala ukubiza igama likaJehova.

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela