-
Levitikusi 22:22IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
22 Akukho mnikelo okufanele ube impumputhe, ulethwe ulimele, usikekile, unensumpa, unotwayi noma umbandamu; akumele nilethe kuJehova noma yikuphi kwalokhu, noma nenzele uJehova umnikelo onjalo e-altare.
-
-
Duteronomi 15:21IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
21 Kodwa uma linesici—lilunyonga, impumputhe, noma isiphi isici esibi—akumele ulenze umhlatshelo kuJehova uNkulunkulu wakho. +
-
-
Duteronomi 17:1IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
17 “Ungamenzeli umhlatshelo uJehova uNkulunkulu wakho ngenkunzi noma ngemvu enanoma yisiphi isici, ngoba kuyoba yinto enengekayo kuJehova uNkulunkulu wakho. +
-